zulu.1533.teens
Ezabasha
UKUQEDA e-high school udlulele esigabeni semfundo ephakeme kuba yintokozo enkulu empilweni yomuntu omusha. Yisikhathi sezinto ezintsha, esidinga izinguquko ezinqala, ukuhlela ngokucophelela nokuthatha izinqumo ezisemqoka ezivame ukungabi lula.
Okufike kube yinselelo kakhulu entsheni wukukhetha umsebenzi umuntu azowufundela. Miningi imisebenzi intsha engakhetha kuyona - nokuyinto engayifaka ingebhe leyo.
Okubuye kwenze le nkinga ibe nzima wukuthi intsha eningi ayikutholi ukwelulekwa ngemisebenzi engayenza kanti ayihlomi nangamakhono afanele angayenza ithole imisebenzi emihle engenabantu abaningi abayenzayo.
Ngiwukhetha kanjani umsebenzi ofanele-
Uma ukhetha umsebenzi, usuke uthatha isinyathelo esinqala. Kwabanye kuba lula ukukhetha umsebenzi kanti abanye kumele bacabangisise kahle bengakawukhethi. Okusemqoka wukuthi kufanele ukhethe ngokucophelela nangobuhlakani kuye ngokuthi yini oyithandayo, ikhono onalo, ungumuntu onjani, uwuthanda kangakanani lowo msebenzi nokuthi yimaphi amakhono izwe elishoda ngawo.
Uma ukhethe kahle, uyohlala ukulangazelela ukwenza lowo msebenzi.
Yimuphi umsebenzi ongangifanela-
Xhumana nezikhungo ezichushisa abafundi ngemisebenzi abangayenza, isikole nezikhungo zemfundo ephakeme. Amanye ama-high school aba nosuku olumiselwe ukuchazela abafundi ngemisebenzi engajwayelekile.
Abanye abantu abangakusiza ngolwazi oludingayo yilabo abenza lowo msebenzi. Zama ukuxhumana nabo. Abanye abantu bayakuthanda ukuchazela abanye ngemisebenzi abayenzayo. Babuze ukuthi uyini umsebenzi wabo, isimo somsebenzi, ukuqeqeshwa, imisebenzi eyenziwa ngaleso sikhathi, abakuthandayo nabangakuthandi ngomsebenzi wabo, qhathanisa izimpendulo.
Uma wenza umsebenzi owuthandayo uwenza ngendlela egculisayo kanti abantu abasebenza ngokuzinikela bayaphumelela.
Zazi
Zazi ukuthi yini oyithandayo. Zinike isikhathi sokubheka ukuthi yini oyenza kahle nekwehlulayo, ubheke izifundo nezinto ozikhonzile nongazikhonzile.
Cabanga ngohlobo lomsebenzi ongathanda ukuwenza, isimo salowo msebenzi nokuthi ufuna ukuhola malini ngawo, uzoba namthelela muni empilweni yakho.
Bikela abazali bakho, othisha, abeluleki nabangani ngalezi zinto uthole ukuthi yimuphi umsebenzi ongawenza ngokugculisayo, uwuthande ube yilokho obukufuna.
Azi ngemisebenzi ekhona
Kusemqoka ukuthola ukuthi yimiphi imisebenzi ekhona ngaleso sikhathi. Indlela okuqashwa ngayo ishintshile ngenxa yezobuchwepheshe nesayensi, umnotho wezwe nezidingo zabantu.
Sikhulu isikhala sabenza imisebenzi yezobuchwepheshe manje kanti izimboni eziningi azisenabo abasebenzi abaningi ngenxa yobuchwepheshe obusha obusetshenziswayo obenza kushabalale amathuba eminye imisebenzi.
Zikhethele wena
Ngabe uzithola ubhekene nengcindezi yokukhetha umsebenzi owubona ungakufanele- Ngabe abazali nabangani kukhona abawubona ukufanele kodwa wena ongawuthandi-
Abazali bake bazame ukuzikhethela imisebenzi izingane zabo bengazange babheke ukuthi zona zithandani nokuthi zinalo yini ikhono lokuyenza. Lokho kungadala uqhekeko emndenini kuyihluphe iminyaka ingane.
Abaningi bagcina benza imisebenzi engabagculisi abathola inzuzo yemali kuphela ngayo. Babuye babone sengathi impilo yabo ayinasisekelo. Ungakuvumeli ukubalwa kulabo bantu. Yenza okuthandayo. Yiba nesineke uthole usizo oludingayo ukuze uthathe isinqumo esifanele ngempilo yakho.
Ukuqeqeshelwa umsebenzi
Njengoba indlela okuqashwa ngayo isishintshile, intsha kumele ithi iqambe iqala ukusebenza ibe isikulungele ukwenza leyo misebenzi eyikhethile. Yiba nesiqiniseko sokuthi uhlome ngemfundo efanele futhi uqeqeshwe ngokufanele. Imisebenzi eminingi idinga umuntu ono-matric nemfundo esezingeni eliphakeme nokuqeqeshwa.
BONA ZULU - January 2006
Ufuna ukwenza muphi umsebenzi-
Ukukhetha ukuthi yimuphi umsebenzi ozowenza kuyisinqumo esimqoka kakhulu entsheni
BONA ZULU - January 2006
indaba nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe ngabeGREAT STOCK!
Izeluleko ngemisebenzi
Qeda e-high school. Imisebenzi idinga umuntu onekhono lokuxhumana nabantu one-maths. Abantu abaqashwa behlome ngemfundo yase-high school baba senkingeni kakhulu kunabafunde bagogoda. Abaholi nakahle uma sebesebenza.
lUngayeki ukufunda. Uma ufundile, uzohola imali enhle.
lYenza ucwaningo ngemisebenzi. Ngokwenza lolo cwaningo uzokhetha umsebenzi ozokwenza uhlale ngokunethezeka impilo yakho yonke. Miningi imisebenzi ongakhetha kuyona, okusho ukuthi ukukhetha nokuhlela ukuthi yimuphi ozowenza akulula njengoba abaningi becabanga.
lHlelela umsebenzi wakho. Thola ulwazi ngemisebenzi engakubeka emathubeni angcono, ongahola kahle kuyona uthole nokunye okubalulekile empilweni. Ukuwuhlelela kahle umsebenzi wakho yikona okungaba nomthelela omuhle ekusaseni lakho ukwedlula imfundo ohlome ngayo.
lKwazise okuthandayo nonekhono lokukwenza. Ungadikibaliswa wukuthi baningi abantu abenza lowo msebenzi owukhethile. Kodwa kulindele ukubhekana nezinselelo.
lFunda ukusebenzisa i-computer. Sebenzisa amathuba azokubeka ezingeni lokuba nguchwepheshe kuma-computer.
lQhubeka ufunde. Zihluphe ngokufunda amakhono amasha. Ngokufunda lawo makhono uzokwazi ukuwasebenzisa kulowo msebenzi owukhethile.[z]
