zulu.1529.muthi
ezemithi yesintu
MADUZE NJE ngithole izicelo ezintathu ezingiphule umoya kumama okhathazekile wezingane ezintathu waseQueenstown. "Kukhona ongintshontshele ubaba wezingane zami," kusho yena. "Asikezwa lutho kuyena futhi asikaze simbone kusukela asishiya eminyakeni elishumi eyedlule. Ngabe umuthi ungambuyisa""
Nakuba sekuyisikhathi eside ahamba, kodwa lona wesimame akalilahlile ithemba, echaza nokuthi wake wahamba futhi eminye iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba abuyele ekhaya.
Ukholwa wukuthi omunye wesimame wantshontsha umyeni wakhe ngesikhathi eye eGoli eyofuna umsebenzi.
Esinye isangoma aya kusona samtshela ukuthi umsebenzi wabenzi bobubi owamenza wahamba.
"Angiliphonsile ithawula," kusho yena. "Ngifuna abuye ngoba ungubaba wezingane zami."
Ukungaqashwa yikho okwaholela ekutheni ubaba azithole esesimweni esifana nalesi. Umkakhe kwadingeka ukuba ahambe ekhaya ngesikhathi (umama) ethola umsebenzi ongcono.
"Manje akasafuni nokuba abuye azovakasha ngezimpelasonto. Sengimncenge izikhathi eziningi, kodwa konke lokho kuwela ezindlebeni ezingezwa. Manje sengifuna ukubonana nenyanga." Akayedwakulolu sizi. "Sekuphele cishe iminyaka emibili kusukela intombi yami yathatha ingane yethu yanyamalala," kusho umfundi waseMnambithi KwaZulu Natal.
"Mhlawumbe yaqhubeka nempilo yayo yashada nenye indoda. Uma ingakashadi - ngabe umuthi ungangibuyisela yona kulezi zandla zami ezinothando""
Ibhungu elineminyaka engu-20 laseWolseley, okwamanje lizimisele ngokubuyisa udadewabo oneminyaka engu-15 ongashayisani kahle no-anti wabo.
"Ngichitha ubusuku obuningi ngingalele uma ngicabanga udadewethu usizi abhekene nalo. "Ngisola ukuthi u-anti wami unamandla angajwayelekile awasebenzisayo ekugcineni udadewethu ekhaya lakhe. "Angikholwa wukuthi uhleli lapho endaweni ahlukumezekayo kuyo nsuku zonke, ngokwentando yakhe."
Umlimi waseMahalapye eBotswana, yimfuyo ehlale imlahlekela.
"Ngabe ukhona umuthi oyisipesheli ongangisiza ngibuyise izinkomo zami ezintshontshiwe"," kubuza yena.
Izixazululo
Ngabe umuthi ungabasiza laba bantu"
Ake siqale ngowokwebiwa kwemfuyo...
Ngicabanga ukuthi kungakuhle lo mlimi azame ukubonana nezangoma ukuze aqinise isibaya sakhe ngomuthi wokubethela, aqinise isibaya sakhe.
Ngaphezu kwalokho, kufanele agxile futhi ekuvikeleni amasela ekutheni angantshontshi izimbuzi noma izinkomo ezizidlelayo edlelweni, ngokuba achele imfuyo yakhe ngomuthi cishe kabili ngenyanga.
Ukuqiniswa ngomuthi kwesibaya yinto okufanele yenziwe minyaka yonke.
Lona wesimame wase-Queenstown ngithanda ukumeluleka ngokuba azame ukuthola ukuthi umyeni wakhe akazange athakathwe yini, bamphendula umhambuma ngomuthi okuthiwa uduka nezwe.
Kodwa kulabo abafuna ukubuyisa abathandiweyo babo, ukhona umuthi ongasiza.
Kulo muthi kuthakwa amakhambi ehlukene kubandakanya nomemezi obomvu.
Lawa makhambi kufanele uwagaye abe yimpuphu. Emva kwalokho, beka ibinzana lalo muthi entendeni yesandla, uwuphephethe emoyeni bese ubiza igama lalowo muntu owaduka umcele ukuba abuye.
Lokhu kufanele kwenziwe izikhathi ezintathu ngosuku - ekuseni, ntambama nasebusuku.
Le nqubo ungayisebenzisa futhi nasemfuyweni edukile.
Khumbula
Khumbula futhi ukuthi uma kukhona odukile, nawe usukhathazekile ngokuphepha kwakhe, abantu bokuqala okufanele uxhumane nabo amaphoyisa.
Ungazama futhi wazise nabemithombo yezindaba.
Indaba yomuthi, ngokunye kwemizamo ongayilandela.[z]
Ukubuyisa abadukile
88 BONA ZULU - September 2007
nguFORCE KHASHANE
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: muthi@caxton.co.za
