zulu.1526.beauty
Hlanza izinzipho ngemizuzu emihlanu
AWUNASIKHATHI ongasichitha ucwala izinzipho- Ayikho inkinga! Ungakwenza nasekhaya - nansi indlela.
Okudingayo
n Umshini wokuzinquma.
n I-emery board.
n I-buffer (nopholishi, ukuzicwebezelisa nokuzifayila).
n I-Cotton wool.
n I-Nail polish remover.
n I-coat yangaphansi. (Noma usebenzise i-clear nail polish.)
n I-Nail colour. (Imibala egqwalile kancane yiyo ehamba phambili - ngeke uyidinge i-coat yesibili. Kulula ukuqaphela izinzipho ezixebukayo emibaleni egqwalile.
n I-coat yangaphezulu.
nguCHRISTINE HAMMANN
isithombe ngabeGREAT STOCK!
1 Imibala ekufanele
Uma usebenzisa izandla zakho, ngeke imibala ezinziphweni iphume. Noma yimuphi umbala ubukeka kahle esikhumbeni esinsundu ekubeni o-beige, peach noma okhanyayo - ibukeka kahle endaweni e-olive nephuzi.
Izeluleko: n Uma uthanda ukufaka upholishi ezinziphweni ungafuni ukuba uxebuke, kufanele nangaphansi kozipho ugcobe ngebhulashi lowo mbala owufunayo.
2 Izinzipho ezithambile
Uma unesikhathi, cwilisa izandla zakho endishini enamanzi afudumele bese uphushela emumva inyama engaphansi kozipho usebenzisa iminwe. Uma ujahile, thambisa inyama engaphansi kozipho nge-cuticle oil noma u-cream bese uwuhlikihla kahle. (Ukwenza lokhu ngesikhathi zomile kungazenza ukuba zivuleke nokungaholela ekudaleni ukufa okuthile.)
3 Zimise ngokuthanda kwakho
Uma ujahile, kungcono uqale ngokuba uzinqume ngomshini ngendlela othanda ukuba zime ngayo bese uziqedela nge-emery board. Kubukeka kahle uma zimise okwesikwele - uma zisandilinga kakhulu, zingathamba ziphuke kalula.
4 Zikhuhle
Zikhuhle ukuze zicwebezele futhi zikhule. Ngaphezu kwalokho zizobukeka kahle. Ngakhoke uma ungenasikhathi ungazikhuhla bese ungena indlela.
5 Zihlanze kahle
Ngaphambi kokufaka upholishi, gezisisa izinzipho ukuze kusuke amafutha noma ukungcola okungase kuvimbe upholishi ungagcobeki kahle. Lokhu kwenze ngokuba usule izinzipho nge-nail polish remover ekwi-cotton wool.
6 Zipholishe
Qala nge-coat ngaphansi ukuze i-nail polish yakho ihlale kahle. Emva kwalokho ulandelise nge-layer encane yombala owufunayo - uma i-layer incane akulula ukuba zisheshe zixebuke.
Khumbula: ama-coat amabili amancane angcono kuneyodwa ewugqinsi.
Ifake izigamu ezintathu, uqale phakathi nozipho. Shiya isikhala esincane emaceleni ukuze iminwe ibukeke iyinde.
Izeluleko: n Gcina upholishi efrijini ukuvikela ukuba ungashubi, usule nomlomo webhodlela lawo elingavaliwe ngamafutha, ukuze uhlale isikhathi eside. Lokhu kuzowenza unganamfuki nebhodlela livaleke kahle.
n Esikhundleni sokuxukuza upholishi ngaphambi kokuwusebenzisa (nokuyinto edala ube namabhamuza futhi uxebuke kalula), bhekisa ibhodlela phansi bese uligingqa kancane phakathi kwentende yesandla sakho.
7 Zomise
I-coat engaphezulu ingasiza yenze ukuba kusheshe kome - into yokugcina oyifunayo ngesikhathi uphuma emnyango usujahile wukuba uzame ukuwusula wome emva kokuwufaka.[z]
BONA ZULU - March 2006
Usungakhalela imizuzu emihlanu- Enza izinzipho zakho zibukeke kahle!
BONA - August 2005
