zulu.1517.zamajobe
BONA ZULU December 2008
U
Ubuyile!
Nakuba engayazi iminyaka kababa wengane yakhe, uZamajobe wasinika isiqiniseko sokuthi ukuba ngumama kwenze wabheka impilo ngeso elihlukile
SEKUPHELE iminyaka emine intokazi yaseVosloorus yazakhela udumo. Yafinyelela kowamanqamu kuma-Idols, i-albhamu yayo yokuqala yadayisa amakhophi angu-30 000. Yebo, uZama Sithole wayeneminyaka engu-19 ngesikhathi ehlelwa yinhlanhla. Iziphathimandla zezinkampani zokurekhoda eGoli, eNew York naseLondon zazifuna impinda uma sezizwa imicu ethi Magic, Ndawo Yami nothi Hey, Hey, Hey.
Ngo-2005 wathatha ikhefu emculweni ematasa ne-albhamu yakhe entsha.
"Umculo ukukhulisa ngokushesha kanti nabantu baze bakhohlwe wukuthi ngisemusha. Kungithathe iminyaka emine ukuthi ngihlele kahle izingoma zami ezintsha," kusho yena.
Uneminyaka engu-23 manje kanti ukuzalwa kwendodakazi yakhe uTiyanjana nokushiywa wubaba wakhe emhlabeni kube yizigameko ezimqoka ngaphezulu kokudayiswa kwama-albhamu akhe nodumo.
"UTiya uzalwe ubaba engakathathwa yisifo senhliziyo. Wayemdlalisa ngokuthi nguNdoni Yamanzi kanti i-albhamu yami entsha ngiyiqambe kanjalo ngenhloso yokuhlonipha indoda eyenze umsebenzi wami waba yimpumelelo," kusho yena.
Umufi uThemba Sithole wamsiza kakhulu uZama mhla emnika isiginci eneminyaka engu-17 emfundisa nokusidlala.
"Ubaba wakulwela ukuthi ngisifunde. Wayebuza nsuku zonke ukuthi ngifundeni athi angimdlalele sona. Wayethi umculo uzongivulela iminyango eminingi."
Ukucula wakufunda ngokulalela amaLP kababa wakhe wacijwa yisikole sikaBenjamin Dube sokufundela umculo woKholo.
Kuleso sikole wahlangana nomshayi siginci waseMalawi onguphrojusa wakhe manje, ohola ibhendi abuye abe ngubaba wengane yakhe.
UZama akayazi kahle iminyaka ka-Erik Paliani. "Ngicabanga ukuthi u-Erik uneminyaka engu-30 noma 32, angikaze ngimbuze. Singabaculi kanti asinandaba nezinto ezingahlangene nomculo," kusho yena.
Eyokushada ayikabi sezinhlelweni zabo okwamanje. "Kungenzeka sishade, kungenzeka futhi singashadi - lokho akumqoka okwamanje," kusho uZama.
"Sibambisene naye ngokomsebenzi kanti singumndeni ohlangene othandanayo onephupho lokusabalalisa umculo wase-Africa emhlabeni.
"Indodakazi yethu sengiqalile ukuyifundisa umculo njengoba kwenza ubaba kimina.
"Ngo-2005 ngaya emcimbini wamaMTV Awards eLisbon. Okwangihlaba umxhwele wukucula nabaculi abanjengoShakira noTatu."
Kwi-albhamu yakhe yesibili iphimbo lakhe lihlangana kahle nendlela u-Erik ashaya ngayo isiginci ezingomeni ze-jazz ezingu-11 asebeke bazicula emakhonsathini amancane abebebonakala kuwona
ezweni emva kokuzalwa kwendodakazi yabo.
"Sengibuyele emgqigqweni wami," kusho kugcizelela uZama. Usebhale ingxenye yezingoma ze-albhamu yakhe yesithathu afuna ukuyikhipha ayiqondanise namakhonsathi emiDlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010.
Akasafani noZamajobe esambona emva kokukhishwa kwe-albhamu yakhe yokuqala. Uyayazi into ayifunayo emculweni nokuthi uzoyithola kanjani. Ekhanda wenze ama-dreads.
"Awakhuli ngokushesha kanti sengijahe kabi ukuwabona emade. Eminyakeni emibili edlule bengikhulisa umculo wami nezinwele zami." [z]
Indaba: Doug Gordon
Asina-ndaba nezinto ezinga-hlangene nomse-benzi esiwenzayo
ISIHLABANI
BONA ZULU December 2008
