ZULU.1516.home affairs
UBONNIE MBULI nozakwabo adlala nabo emdlalweni weTV, uNthati Moshesh noBrenda Ngxoli badlala izindawo ezimayelana nezinto ezenzekayo kubantu besimame empilweni.
IHome Affairs igxile kwabesimame abayisishiyagalolunye bemikhakha eyehlukene empilweni kanti bonke bakhuluma ngezimpilo zabo nangokuzabalazela ukuphila ngokocansi, ngokothando noma ngemisebenzi yabo.
UBonnie, owazakhela igama edlala indawo kaZandi emdlalweni iBackstage, uxwayise ababukeli balo mdlalo ukuthi indawo yakhe entsha kaNtombi izobethusa kakhulu futhi ibenze babone ukuthi impilo yakhe ayibambelele emidlalweni kuphela.
Selokhu ashiya kwiBackstage nakwiGaz’lam uBonnie useke wadlala emdlalweni oluchunge waseCanada wesizumbulu semali engu-R70 million nasefilimini yaseDenmark iZero Gravity.
UNthati ngomunye wabadlali abanekhono elimangalisayo oseke wazuza nomklomelo ophambili kwelaseCanada ngendawo ayidlala emdlalweni othi Human Cargo.
UBrenda ungowokuzalwa eTranskei kanti ngumuntu owathola ukuqeqeshwa enyuvesi. Emdlalweni iTsha Tsha udlala indawo kasomabhizinisi uMimi.
I-Home Affairs iqoshelwe endaweni yaseGoli kanti imayelana ngokwenzeka emphakathini - njengokuvakashela kwabesimame njalo emahhovisi abe-home affairs bezokwenza ushintsho ngokwezigigaba zempilo yabo.
UNthati udlala indawo kaThandeka, okungowesimame owaxoshwa kubo eseneminyaka engu-15 emva kokuthola umntwana.
Njengoba manje eseneminyaka engu-35, uphethe inhlangano ezimele (NGO) ngasophikweni lwezenhlalakahle - ngumuntu ongakaze ayibone ingane yakhe.
“Sehlukene kakhulu,” kusho uNthati. “Sobabili sineminyaka engu-35, kanti njengoThandeka ngakhulela emaphandleni KwaZulu. “Abangani abasondelene nomndeni wami babekhulelwa kungabi ndaba zalutho bajike bazithande izingane zabo, mina ngabona lukhulu ngokulahlekelwa yingane yami ngajike ngaxoshwa ekhaya.
“UThandeka akazange akuvumele ukucindezelwa yisimo sakhe kunalokho wazinikela ekufezeni izinhloso zomsebenzi wakhe wokunakekela inhlalakahle yomphakathi. Akanaso isikhathi sothando noma somndeni wakhe - uma indodakazi yakhe ifikile kuyenzeka bangakwazi ngisho ukubonana.”
UNtombi ungumsizi wasemabhanoyini ohamba umhlaba wonke - ulala nanoma yimuphi umuntu wesilisa afuna ukulala naye. Impilo yakhe ibuswa wukulokhu ehamba ethenga izimpahla zikanokusho nokuzidumisa emaphathini
Kodwa ngakolunye uhlangothi impilo kaNtombi ifana nefile kuBonnie Mbuli.
“Ngikuthokozela kakhulu ukudlala indawo yalo mlingiswa. Abesimame bama-uniform babukeka bengongcwelengcwele emphakathini kodwa ngaphakathi, abalungile,” kuchaza uBonnie.
“UNtombi isiphalaphala sentombi enhle, kodwa uma ufuna ukumazi kahle, ubobheka izenzo zakhe. Ungumuntu ongathokozile, ongenakhaya ongenakho ukuvikeleka nokuzethemba nokuyizinto okungelula ukuba uzibone ngoba zisithwe yimpilo engubukhazikhazi ayiphilayo.
Ngokwakhe ucabanga ukuthi umdlali osemusha ozokwazi ukuzakhela udumo kulo mdlalo nguBrenda Ngxoli.
UBrenda udlala indawo yomsubathi uVuyo Radebe, owasinda edlwengulwa abantu abaningi.
“Lena iyona ndawo yokuqala ephambili ukuba ngiyidlale kwiTV nokuyindawo engangikade ngifuna ukuyidlala. Ngidlala indawo yomuntu wesimame ongenandaba nempilo engubukhazikhazi,” kusho yena.
“Uphila cishe ngo-R10 ngosuku kanti nguye onakekela udadewabo omncane nokuyinto cishe eyenzeka kwabaningi besimame ezweni lonkana.
Abangophrojusa balo mdlalo bathi abafuni kubonakale sengathi abesimame yibo abasengozini yokwehlelwa yilezi zinto. Kodwa bafuna kubonakale ukuthi abesimame bazimisele ukubhukula kulo nyaka ka-2005 bakwazi ukuba bakhe ikusasa labo.[z]
44 BONA ZULU – October 2005
KWESOKUDLA: Izintokazi zeHome Affairs: (ngemumva) uBonnie Mbuli noNthathi Moshesh; (phambili) uJessica Haines, Lerato Moloisane noMakgano Mamabolo.
izihlabani ezintathu zomdlalo weTV oluchunge...
Umdlalo wezithinta inhliziyo!
Sixoxisane nabanye bezinkakha zabadlali bomdlalo weTV iHome Affairs - uBonnie, Nthati noBrenda…
indaba nguDOUG GORDON
BONA ZULU – October 2005 45
UBonnie Mbuli usiza emabhanoyini..
