zulu.1513.soccer refs
KONAKELE KUPHI KONOMPEMPE BETHU?
Ngabe abanye bonompempe abadlalisi kahle njengoba kusho ababukeli abaningi (nabaqeqeshi)? Noma indlela abadlalisa ngayo iyathuthuka njengokusho kweSAFA? Siphume umkhankaso wezimpendulo
EZISEMATHENI
LONA ngomunye wemisebenzi abangakubongi ngawo ebholeni. Abadlali bayabongelwa bajabulelwe, kutuswe abaqeqeshi ngezikhathi ezithile, kodwa kunendoda eyodwa esebenza kanzima ehlale ithukwa, yenze no-50% wabasenkundleni bacasuke.
Kamumva lesi simo sibe sibi sadlulela lapho iningi lonompempe bePSL bebhekane nezinkinga zokungadlalisi kahle.
Ukwenza isibonelo, ngoNovember u-Abdul Ebrahim waba senkingeni ngokukhipha ngephutha umdlali weBloemfontein Celtic uGeofrey Serenkuma emqhudelwaneni weTelkom idlala ne-Orlando Pirates.
U-Ebrahim noYusuf Vawda owayengunompempe wesine axhumana naye ngaphambi kokwenza leli phutha bamiswa, lolu daba lusaphenywa.
Leli kwakungesilo iphutha lika-Ebrahim lokuqala. Kungekudala, wavalwa ekudlaliseni isikhathi esingangesonto elilodwa emva kokuvumela ukungeniswa komunye umdlali ngokungemthetho endaweni yomunye ekupheleni komdlalo weChiefs neSundowns.
Ngaphandle kokwanda kwezikhalazo zabaqeqeshi ngonompempe, abeSAFA bathi ayikho inkinga yonompempe kuleli. Ngokwabo bathi izinga selenyuke kakhulu.
Emsebenzini wonompempe, ngeke ubanelise bonke abantu, kusho uKirsten Nematandani ongusihlalo wekomiti lonompempe kuSAFA eSA nokuyilona
elijuba onompempe ukuba baphathe imidlalo.
Umqeqeshi weqembu elihlulwayo kulula ukuba agxeke unompempe - nokwenza lo msebenzi ube nzima!
"Abaqeqeshi bangaphansi kwengcindezi kanti iningi labo liyaxoshwa ngenxa yemiphumela engemihle, bese begxeka onompempe," kusho uNematandani.
"Onompempe bethu seyingcono indlela abawenza ngayo umsebenzi wabo. Izinga labo selenyukile kuneleminyaka embalwa eyedlule."
Isibalo sonompempe abangu-16 yibo abazophatha imidlalo yePSL kule sizini. Neholo lonompempe selingcono. Abanye baneminye imisebenzi abaziphilisa ngayo nokuyilapho behola khona R2 000 ngenyanga, kodwa bahola R3 000 ngomdlalo owodwa kwiPSL.
Uma unompempe ephathe imidlalo eyisikhombisa ngenyanga, kusho ukuthi uzothola cishe R20 000.
UNematandani usikhumbuze nokuthi onompempe bakuleli sebeke baphatha imidlalo emikhulu. Ukwenza isibonelo, unompempe uJerome Damon nabasizi uToko Malebo no-Andrew Rezeers babephethe umdlalo weCAF phakathi kwe-Al-Ahly yase-Egypt ne-Cotonsport Garoua yaseCameroon.
"Lokhu kungubufakazi bokuthi izinga lonompempe bethu liyathuthuka," kusho uNematandani.
"Yebo siyawenza amaphutha, kodwa lokho kungenxa yokuthi izinga lebhola likhulu, kanti futhi nabemithombo yezindaba kuningi abakubhalayo. Kuthi lapho wenze iphutha balokhu beveza bephindaphinda ngonyawo lonwabu," kusho uJerome Damon.
UDamon waphinde waba ngunompempe kwi-2006 World Cup Final eGermany nakuma-Olympics eBeijing ngo-August owedlule.
UDaniel Bennett, Jonas Nhlapo, Enock Molefe noMatthew Dyer ngabanye bonompempe okwathi ngo-2008 bangena esigungwini sonompempe bamazwe omhlaba kwiFIFA nokusho ukuthi babonakala befanele ukuphatha imidlalo yamazwe omhlaba.
Kodwa lokhu kwethenjwa yile nhlangano yebhola kwabanye akwenele.
UNematandani uthi lokhu kudalwa yimali ekhona kwiPSL.
"Kunengcindezi enkulu kuwo wonke umuntu, ikakhulu emaqenjini ngoba abanini bamaqembu bayifuna ngazo zonke izindlela le mali."
Njengoba iyisamba esingu-R10 million, indaba yokudlalisana ngomoya omuhle isala ezindlini zokushintshela, enkundleni kungene ukudlalisana kabi.
Lo mdlalo omuhle awusemuhle njengokucabanga kwabaningi, ngokusho kukaNematandani.
Abaningi bazovumelana naye, nakuba futhi begxeka onompempe abangadlalisi
kahle. [z]
Indaba: Otshepeng Madiba
Isithombe: GALLO
U-Abdul Ebrahim wamiswa ngesikhathi kusaphenywa ngesenzo sokukhipha umdlali ongafanele ngephutha emdlalweni womqhudelwano weTelkom.
UJonas Nhlapo ngomunye wonompempe abaphambili kuleli ababa sesigungwini seFIFA emazweni omhlaba ngo-2008.
AMAZWI ONGUCHWEPHESHE
U-Ace Ncobo wayengunompempe ophambili kuleli ngaphambi kokuba athathe umsebenzi kwiPSL.
Weluleka onompempe ngokuba bahlale befuna izindlela zokuthuthukisa umdlalo webhola.
"Njalo ngangenza okuthe xaxa ukuze ngizithuthukise," kusho le ndoda eseyake yaqokwa njengonompempe ovelele kwiPSL izikhathi ezinhlanu.
"Ngangibuka kwiTV imidlalo yamaqembu engangizophatha imidlalo yawo ukuze ngizijwayeze indlela adlala ngayo nokuziphatha kwabadlali," kusho yena.
"Ngangiphinde ngibuke imidlalo engake ngayiphatha ngizigxeke ngokwami. Ngangizimisela kwengikwenzayo."
U-Ace azama ukukusho wukuthi izinga lokudlalisa konompempe lingenziwa libe ngelingcono.
Impilo yokuba ngu-nompe-mpe akusiyo etho-kozele-kayo
UDaniel Bennett ngomunye wonompempe abane baseSA ababa ngaphansi kwesigungu seFIFA emazweni omhlaba
ngo-2008.
Abaqe-qeshi abange-namse-benzi walutho bahlale begxeka onompe-mpe
UJerome Damon ngomunye wonompempe abaphambili kuleli.
NONOMPEMPE BAPHESHEYA BANAMAPHUTHA!
Ungenzi iphutha ucabange ukuthi onompempe baseSA babodwa ekungawenzini kahle umsebenzi wabo.
Nemiqhudelwano yamazwe omhlaba isike yahlangabezana namaphutha amangalisayo.
KwiWorld Cup ka-2006, unompempe waseNgilandi uGraham Poll wanika umdlali ikhadi kathathu ngaphambi kokumkhipha - esikhundleni sokuba ngabe wamnika ikhadi elibomvu ngesikhathi emkhiphela ikhadi lesibili.
I-FIFA yaphindisela uPoll ekhaya yamthathisa umhlalaphansi ngaleso sikhathi ekudlaliseni imidlalo yamazwe omhlaba. Isinqumo esibi kunazo zonke sonompempe yileso esenziwa ngu-Ali Bennaceur waseTunisia ehluleka ukubona uDiego Maradona eshaya igoli ngesandla esigigabeni esaziwa ngokuthi yi"Hand of God" emdlalweni weWorld Cup ka-1986 lapho i-Argentina yehlula i-England ngo-2-1. Emva kwalokho uBennaceur akaphindanga waba ngunompempe emidlalweni yeWorld Cup.
