zulu.1510.siphokazi
USiphokazi Maraqana
Kungani engasenandaba nosayizi wezinyawo zakhe
UDUMO lwakhe alukambusi. "UNkulunkulu ungilethe lapha ngesizathu, ngakhoke ngeke ngisebenzise uMusa Wakhe ngokuba ngiwele ezilingweni," kusho uSiphokazi.
Le ntokazi eneminyaka engu-29 ayikashadi. Umculo yiwona msebenzi wayo futhi uyimpilo kuyona. USiphokazi useke waphuthunyiswa ngezindiza ezincane nezimoto eziqashiweyo emaphathini ezweni lonkana kanti uhlale ematasa kangangoba akasitholi ngisho nesikhathi sokuvakashela umndeni wakhe eTranskei.
Abazali babazali bakhe, nabo okungabaculi abanesiphiwo bamkhulisela eLusikisiki e-Eastern Cape. Bazama ngazo zonke izindlela ukungamkhuthazi ukuthanda kwakhe ukuzibandakanya ekumodeleni ngoba besabela ubungozi bendawo yaseGoli kwaze kwaba uba neminyaka engu-22 lapho esezimisele ngokuba ngumculi.
Ekugcineni uSiphokazi waphumelela wahamba wafika wabhalisa esikoleni sase-Eastlands, wafunda ngaphansi kwabaculi abafana noBheki Khoza noMusa Mhlongo.
"Ukuze ngiziphilise, ngaqala ngacula ngilekelela abanye abaculi nokuyinto eyangivulela amathuba."
Useke wacula elekelela abaculi abafana noSimphiwe Dana, Tshepo Tsola, Ringo Madlingozi noZamajobe emazweni ase-Europe nawase-Far East.
Okwakumenza azenyeze, wubude obungu-1,79m - nokungubude obufanayo nobuka-Naomi Campbell - kanti babemgcona kakhulu ngesikhathi esakhula. Iminyaka ngeminyaka wayekhathazekile ngobude bemilenze yakhe.
Imilenze
"Ngangikhathazeka ngemilenze yami - nokuyiyonanto eyayingenza ngibe namahloni kakhulu. KwaStandard One, ngangifaka usayizi 1 wezicathulo. Kwa-two ngifaka u-two kwa-8 ngifaka u-8," kusho kuvuma yena.
Ukuba namahloni kwakhe kwaphela ngesikhathi esebenzisana noTshepo Tsola.
"Nganginamahloni uma ngisesteji, ngisho nalapho ngangicula ngilekelela abanye. Ngangisaba ukubhimba, kodwa uTshepo wangikhipha kulowo mqondo wathi ngicula kahle ngingazenyezi."
Kumanje uSiphokazi ungomunye wosaziwayo kwezengqephu yefeshini eGoli iSun Goddess. Ephathini eyayingemumva komcimbi wamaSAMA enye insizwa yambuza ukuthi unalo yini isoka, yathi: Uma ungenalo, yiza kimina."
"Lokho ngakuthatha njengehlaya. UNkulunkulu Nguye oyoNgithumelela umuntu wesilisa lapho isikhathi sesifika."
Okumkhuthazayo
Waba nenhlanhla yokuthola uphrojusa owamenza waba ngumculi onempumelelo.
Le nsizwa eyayiyisikhulu esiphezulu sakwaGallo Music uSipho Sithole, washintsha uThandiswa emsusa kwiBongo Maffin wamenza isihlabani esicula ngasodwana ngo-2004, waphinda wenza into efanayo kuSimphiwe Dana ngo-2005.
USiphokazi usengumculi wesimame wesithathu futhi ongumbhali womculo osekhishwe yile nsizwa ngaphansi kwenkampani yayo yokuqopha iNative Rhythms.
"USiphokazi usekulungele ukwenza izimanga emculweni. Ukhuthazwa wuThandiswa noSimphiwe ukuba naye azibonakalise ngokwakhe," kusho uSipho.
"Bonke banezitayela zabo ezehlukene zomculo, kanti uSiphokazi wazibonakalisa nge-albhamu yakhe kumaSAMA akulo nyaka.
I-albhamu yakhe yokuqala ngqa ibizwa ngokuthi Ubuntu Bam. Ingoma ephambili ngethi Vula Mama, okuyingoma kaPat Matshikiza uSiphokazi ayifakile ngenhloso yokukhumbula umama wakhe uNobuhle owedlula emhlabeni ngo-2003.
USipho washeshe wawubona umdlandla wezomculo wale ntokazi enamahloni ngesikhathi eyizwa icula izingoma zeminyaka yo-1950 emdlalweni owawukhuluma ngeSophiatown.
Kwathi lapho eyizwa estudyo iqopha izingoma ze-albhamu kaMatshikiza, wabona ukuthi kufanele noma kanjani ayisayinise.
Akholelwa kukho
"Ngenza iVula Mama futhi kwi-albhamu yami ngoba inomyalezo ozwakalayo kimina," kusho uSiphokazi.
Ukuxhumana kwakhe nomama wakhe ongasekho kungaphezu kothando lomculo. USiphokazi ubheke abantwana abancane bakubo ababili - omunye usekhaya eLusikisiki ekubeni omunye usesikoleni eVereeniging.
"Inkolelo yami kuNkulunkulu wukuthi, ayikho into engeke yenzeke," kusho yena e-boardroom yaseNative Rhythms endaweni yabezambane likapondo eRosebank.
"Umsebenzi wami nekhaya lami kubalulekile. Njengoba umculo wami usukhombisa impumelelo, sengibhekene nokuba matasa ngomsebenzi okufanele ngiwugcine.
"Kufanele ngithathe izinto ngesikhathi. Ngisazimisele kakhulu ngokushada ngithole abantwana bami, kodwa futhi uma lokho kungenzeki ngize ngibe neminyaka eko-30, ayikho into engingayenza.
"Ngisenothando lokumodela enganginalo ngisesemncane nelokudlala emidlalweni yeshashalazi nokuyizinto okwadingeka ukuba ngime kancane kuzona kwaze kwafika isikhathi lapho ekhaya bengivumela ukuba ngiye eGoli. Manje sengifunda lawo makhono ngokusebenzisana nenye yezinkampani eziphambili zefeshini nezama video omculo."[z]
BONA ZULU - August 2007
indaba nguDOUG GORDON
BONA ZULU - August 2007
USiphokazi unemiklomelo emibili yomculo kanti ubukeka njengomkhangisi - kodwa kulo nyaka akazimisele ukusebenzisa i-red carpet njengendlela enqamulelayo ebange empumelelweni
