zulu.1501.feedback
UMCIMBI waseWest Rand ngentwasahlobo wadonsa abantu baseMunsieville, Motlhakeng, Kagiso, Randfontein, Soweto nezintokazi zase-Eastern Cape. Lona kwakungumcimbi weBONA Empowerment owawuyingxenye yemigubho weNyanga yoMame owawuseKrugersdorp Golf Club ngomhlaka 2 August 2008.
UMhleli kaBONA uForce Khashane naye wayekhona, ngokunjalo noMakheni Motana, Boitumelo Mofokeng noVicky Kubeka. Lezi zintokazi zonke zazishaye izishweshwe zikanokusho zabaTswana nezabeSuthu.
“You have no business being poor” - lesi yisiqubulo esibalulekile kakhulu kuForce Khashane. Wakhuluma ngamathuba adalekayo abantu bakuleli wakhuthaza bonke ababekhoba ukuba basebenze ngokubambisana ukwenza leli lizwe libe yindawo ephephile yezingane zethu nabantwana bazo. Ukwenza izimpilo zethu zibe ngcono kuqala ngathi kwedlulele emiphakathini yethu.
UCriselda Kananda ngomunye wabesimame bakuleli abakwaziyo ukukhuthaza abanye. Njengomama nosomabhizinisi ziningi izinselelo abhekane nazo kodwa ngenxa yokusebenzisa umqondo ngendlela ephusile wakwazi ukuzinqoba waqala impilo wayibuka ngeso elibanzi.
Into ayazisayo nayibeka phambili wuThando lukaNKULUNKULU nokuYilo athi Lumenza aphumelele.
Wakhuthaza abesimame ukuba izikhundla zabo emphakathini bazisebenzele ngokuzinikela wabaqinisa idolo ngokuba athi mabazi ukuthi banawo wonke amalungelo okuphatha kunoma yiziphi izimboni abazithandayo. Waphinde wakhuluma ngokubaluleka kokonga imali ikakhulu ngezindlela zokongela isikhathi eside.
UCecelia Mungofa weStudio 5 House Of Fashion unesikole semisiko yefeshini ephambili eRosebank. Wakhuthaza abesimame ukuba balandele izinhliziyo zabo emabhizinisini nokuba babekezele babe nesineke kwabakwenzayo ikakhulu lapho besaqala.
UCecelia waphinde wazibophezela ekwenzeni imisiko yenkulisa kaLahliwe Mabusela eSoshanguve nokuyilapho athungela ojahidada izingubo zasehlobo ezifudumele. Wacela amalungu ukuba anikele nganoma iyiphi indwangu bayidlulisele kulabo abahlela imicimbi yabeBONA Empowerment Club.
UBoitumelo Mofokeng wacela abesimame ukuba bazibandakanye ezinhlelweni zokutshala izimali kumasheya azobenza bazimele ngokwezimali.
UViolet Mathumba weziphaqulo zakwa-Avon wacela abesimame ukuba bawabambe ngazo zombili amathuba amabhizinisi akwa-Avon. UCarol Spoestra wenza izimanga efaka abanye ababehambele lo mcimbi izimonyo zezobuhle.
UVicky wazwisa ababehambele lo mcimbi okumnandi ayekubhake ngeSasko Flour. UThembisile wathokozisa ngomculo omnandi nangengoma ethi iMbokodo. Le ngoma yasetshenziswa futhi ekuvuleni imicimbi yeBONA Empowerment Club ngeNyanga yabesiMame.[z]
BONA ZULU October 2008
MAGEU NUMBER ONE BUSINESS START-UP AWARDS
▲UDorah Ditshwene noLahliwe Mabusela owawina koweMageu Number One Business Start-up award.
▲ UMakheni, Konki Moabelo, Mapula Mahlatjie, Criselda, Maseala Mahlatjie noThembisile.
▲UViolet Mathumba wakwa-Avon.
▲UThembisile efake ‘ingubo yomkhwekazi’ esikwe nguCecelia Mungofa.
BONA ZULU October 2008
▲Abakhangisi bekhangisa ngemisiko kaCecelia Mungofa.
▲UCarol Spoestra wakwa-Avon efaka iziphaqulo.
