zulu.14.letterjan2008
WINA
AMAHAMPA EZINTO ZOKUBHALA
Ewine ihampa ka-R2 500
Bhala...
Zwakalisa uvo lwakho:
l bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
l i-fax: 031-912-2720 l i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ukugcina isikhathi kuhle
BANINGI abantu abangakakuboni ukubaluleka kokugcina isikhathi! Miningi imicimbi ebambezeleka ngenxa yokungabonakali kwabantu abathile. Ngabe lokho akukhombisi ukudelela?
Ebhizinisini bathi “isikhathi siyimali” – lokho kuliqiniso. Ukubambezela umcimbi othile kubeka imisebenzi engozini!
Asikhumbule ukuthi izinkampani zinezimbangi kanti uma abasebenzi benkampani eyizimbangi zenu begcina isikhathi, inkampani yabo izophumelela bathole namakhasimende amaningi. Nizokhala ngaphansi – ngisho noma imikhiqizo yenu ingaba mihle!
Umkhuba wokungasigcini isikhathi mubi awuphumelelisi!
Aaron Tlou, Tweefontein
I-PaperMate yithuluzi elibalulekile esikhathini sanamuhla kanti ngumkhiqizo ofanele abantu beminyaka yonke.
I-PaperMate iyaqhubeka futhi ukusiza ivuselele izimpilo zabantu bakuleli ngohlelo lwayo lokufundisa - i-PaperMate Literacy Project nokuyilapho amaphesenti amathathu okuthengiswa komkhiqizo wabo enikelelwa emnyangweni wezemfundo
ukuze kusizakale abantu
bakwazi ukufunda nokubhala.
Abe-JEL yibo abasabalalisa
umsebenzi wabe-PaperMate.
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
Ewine ihampa
ka-R1 500
Ukubaluleka kwabazali
THANDA abazali bakho ithuba lisekhona – ngeke ulithole ithuba lokubanakekela ubathande uma sebengasekho kulo mhlaba.
Lapha ngikhuluma ngento engiyaziyo! Ngangingamnakile umama esaphila. Ukubaluleka kwakhe empilweni yami ngakubona engasekho.
Ungenzi iphutha engalenza, thanda abazali bakho ithuba lisekhona.
THA, Richards Bay
Funda ukuzibophezela
IMPILO inzima kanti kokunye ihambisana nezimo okumele sikhethe kuzona – izimo okuke kungacaci kahle ukuthi yikuphi esingakukhetha. Kokunye, ubuhlungu sibuzwa noma sesithi sikhethe kahle!
Baningi abantu abafuna ukuba abanye babathathele izinqumo ezinqala noma abafuna ukutakulwa abanye ezinkingeni zabo.
Uma ufuna ukutakulwa abanye, uzincisha amandla okuzithathela izinqumo.
Uzobaxosha abantu uma uhlala ulindele ukuba bakusize.
Ningangizwa kabi, kuhle ukucela usizo kodwa kokunye zibuze lokhu: “Ngabe ngicela ukutakulwa ngempela noma ngifuna usizo nje?”
Ermelinah Mphulanyane, Botshabelo
izincwadi
BONA ZULU – January 2008
u
t
izincwadi
Singalwa nodlame!
KUYALULAZA kudumaze ukuzwa abantu bethi kumele usokwe ukuze ube “yindoda emadodeni”.
Ngikholwa wukuthi ukusokwa kulusiko noma inkolelo. Okusho ukuthi ungakholwa wukuthi ukusokwa kubalulekile, kodwa lokho akusho ukuthi kubaluleke ngempela. Ungazami ukufunza abanye izinkolelo zakho!
Indoda emadodeni ibonakala ngendlela ephila ngayo yokuzihlonipha.
Indoda emadodeni ayibeki impilo yabanye engozini njengoba kwenzeka ezikoleni zokusoka!
Ngamafuphi: “indoda emadodeni” ibonakala ngezenzo zayo. Amasiko nezinkolelo yizinto ezingumhlahlandlela ongakhetha kuzona uma uthanda.
Ukusoka “kuyinkolelo” yezinye izizwe – ngoba izizwe zinezinkolelo zazo.
Augustine Vilakazi, Makhado
UDLAME oluqhubekayo kuleli lizwe lungiphatha kabi. Ngabe sakubekezelela isikhathi esingakanani ukucindezelwa wubandlululo? Kule South Africa eNtsha sisahlalele ovalweni ngoba kubanjwa izinswelaboya nababulali namuhla, kusasa kuvele abanye.
Masilwe siqede lolu dlame. Masikhumbuze izigebengu ukuthi njalo uma ziphula umthetho zithimisela amaqhawe omzabalazo ngamathe ebusweni – nazo azehlukile emaphoyiseni esikhathi sobandlululo.
Masiyeke ukubeka izaba ezingekho ngalezi zigebengu nomthetho udlale indima yawo ekulweni nazo.
Tlatsane Mositsa, Roossenekal
UKUSOKWA
akusho ukuthi usuyindoda
Ukubaluleka kokuphana
Kuhle ukupha umuntu okuthile ungalindele nzuzo. Kuhle nokuthi “ngiyabonga” uma uphiwa okuthile!
Zifundise ukupha, ucebile noma ungacebile! Yenza okuhle komunye umuntu!
Patience Sebako, Eastern Cape
BONA ZULU – January 2008
Ungazibukeli phansi
Ukuzibukela phansi kwenza ukuba singazenzi izinto esingazenza empilweni.
Uzibukela phansi uma uzwakala uthi “Ngeke ngikwazi ukukwenza lokho ngoba angifundile.”
Lokho kuyizaba ezingamukelekile.
Usenalo ithuba lokuphucula imfundo yakho.
Ngayeka ukufunda e-high school kwaphela iminyaka lokho kungumgoqo empilweni yami ngangakwazi kwenza lutho. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwangikhanyela ukuthi ngiyazikhohlisa.
Ungalokothi uzibukele phansi!
Andrew Noge, Alexandra North [z]
ITHIMBA LABABHALI
BONA WEBSITE
www.bona.co.za
IHHOVISI ELIKHULU (DURBAN)
19-21 Joyner Road, Prospecton
Box 32083, Mobeni, 4060
Ucingo: 031-910-5745; Fax: 031-912-2720
E-mail: bona@dbn.caxton.co.za
UMhleli Owengamele: Lorna King
Umsizi woMhleli: Patricia McCracken
UMhleli wesiZulu: Manqoba Dlamini;
Zanele Mbatha
UMhleli wesiSuthu: Lerato Zulu;
Moeketsi Letsohla
UMhleli wesiXhosa: Dumisani Ntshentshe;
Neliswa Mzimba
UMhleli Ohluzayo: Marie Gurr
Umqondisi wezobuciko: Jozia Lorek
Abahlela izithombe: Jenny Weideman;
Clive Thompson; Kyle Young
UNobhala: Ellen Gumede
Business Development Manager
Christine Marot Tel: 031-910-5723
JOHANNESBURG
Caxton House, 368 Jan Smuts Ave,
Craighall, Johannesburg, 2001
Ucingo: 011-889-0600
UMhleli: Force Khashane
INtatheli: Teddy Gomba
IZINKINGA EKUKHANGISENI
JOHANNESBURG
368 Jan Smuts Avenue, Craighall, 2196
Ucingo: 011-293-6000 Fax: 011-789-9656
DURBAN
19-21 Joyner Rd, Prospecton, 4110
Ucingo: 031-910-5700 Fax: 031-902-8829
CAPE TOWN
36 Old Mill Rd, Ndabeni, 7405
Ucingo: 021-530-8600 Fax: 021-531-3795
CLASSIFIEDS
Tel: 011-293-6076 E-mail: logang@caxton.co.za
IZINKINGA EKUTHOLENI IBHUKU
Paul Smith
Ucingo: 011-248-3500 Fax: 086-627-8591
E-mail: mags@rnad.co.za
IZINKINGA ZOKUTHUNYELELWA IBHUKU NGEPOSI
Box 725, Maraisburg, 1700
Ucingo: 011-473-8700 Fax: 011-474-5479
UKUTHUNYELWA KWEZINDABA
Indaba ungasithumelela nge-e-mail ethi: bona@dbn.caxton.co.za noma uyithumele kuleli kheli: BONA Submissions, Box 32083, Mobeni, 4060
NGEMINCINTISWANO NEMITITILIZO
Xhumanani noChristine Marot kule nombolo: 031-910-5723; e-mail: christinem@dbn.caxton.co.za
