zulu.149.yourcelebs_10ques
IMIBUZO
kaTeko Modise
1. Uma ungadlali ugqokani kanti yimuphi umbala owuthandayo"
Ngithanda umbala obhlu kanti ngithanda ukugqoka i-denim ne- t-shirt, amateku, nokokuhloba okubizayo.
2. Ngabe unaye umaqondana"
Nginaye kodwa ngeke ngilidalule igama lakhe. Muhle, unothando.
3. Iyiphi imoto yamaphupho akho"
Yi-Lamborghini ephuzi.
4. Ngabe inkolo iyingxenye yempilo yakho"
Cha, kodwa ngiyakholwa. Ngiqala usuku ngomkhuleko - ngikhulekela ukuthi siwine, ngikhulekele nokusimama komndeni wami.
5. Yiluphi uhlelo lweTV olukhonze kakhulu"
Yi-Live edlala kuSABC1 ngoba ngiyawuthanda umculo. Kule-show uthola konke okuthinta imboni yomculo wakuleli nama-video akamuva ubone nezitayela zefeshini.
6. Yikuphi okuthandayo nongakuthandi ngawe"
Ngithanda ukuzithoba kwami. Kokunye akungiphathi kahle ukuba nobubele kwami ngoba ngike ngibone sengathi abanye abantu bayangixhaphaza bagcine bengasakuboni ukubaluleka kwengibenzela kona.
7. Yini ekuhlanyisayo"
Owesimame omuhle! Kufanele akhanye ngebala abe nomzimba owondlekile - abe nothando nobubele.
8. Ukuba ubungesiye umdlali webhola yini obuzoyenza, ngasiphi isizathu"
Bengizoba ngumsiki wengqephu yabesimame ukuze ngiqhakambise ikhono lami.
9. Yini ongathanda ukuyenza ungakafi"
Wukuvula ibhizinisi - kungaba elokukhangisa noma lokusakaza izindaba. Sike sashutha izithombe zezikhangiso ngakuthanda lokho.
10. Bathi "Uma uyiBhakabhaka uyohlala uyiBhakabhaka" - ngabe yilokho okusakugcine eSA"
Cha. Ngingathanda ukudlalela iqembu laphesheya elinjengeBarcelona.
Inkinga wukuthi angikasitholi isicelo esigculisayo. [z]
Umdidiyeli nguPatricia McCracken
SIXOXA NESIHLABANI
ISIHLABANI SE-PIRATES NE-BAFANA SIXOXA NGOKUTHI KUNGANI SIKHETHA UKUSIKA INGQEPHU YABESIMAME SISHAYELE NE-LAMBORGHINI SIBUYE SIXOXE NANGAMANYE AMAPHUPHO ASO
