ZULU.1494.stars
okushiwo yizinkanyezi zakho
BONA ZULU - June 2007
Umsebenzi: Hlakanipha uma ubhekene nembangi.
Impilo: Uzophila kahle uma unokuzethemba.
Imali: Ungase uthole imali ngenxa yobungani. Kuhle usebenzisane nabantu.
Uthando: Uzomthola umaqondana uma ungawedwana.
Umsebenzi: Uzothola isipiliyoni esimangalisayo uma uhlanganyela nabantu abakahle.
Impilo: Uzothokozela ukuphila uma useduze kwabantu abathokozile.
Imali: Bheka izindlela zokuzakhela imali ethe xaxa.
Uthando: Banakekele ubazwele abanye. Gxila kwenikuthanda nomaqondana wakho.
Umsebenzi: Ungase ukhushulelwe esikhundleni noma uthole umsebenzi omusha.
Impilo: Impilo yakho kufanele ukuba ibe yinhle ngalesi sikhathi.
Imali: Ungase wehlelwe yinhlanhla yemali.
Uthando: Uthando lwakho luqinile kunakuqala.
Umsebenzi: Unamathuba amahle okuqhubekela phambili.
Impilo: Impilo yakho izosimama uma kade ugula.
Imali: Ushintsho lungakulethela imali.
Uthando: Isimemo noma ukwethulwa komunye umuntu kungenza uthole isithandwa esisha.
Umsebenzi: Uzozwana kahle kakhulu nabaphathi.
Impilo: Zinike isikhathi sokuphumula.
Imali: Sebenzisa umqondo wakho ukuze uzakhele inzuzo.
Uthando: Ungase ube sothandweni olusha.
Umsebenzi: Isifiso sakho sokufunda singase sikukhokhele.
Impilo: Yiba nomdlandla ukuze uthokozele impilo.
Imali: Kusemqoka ukwenza izinto ngokucophelela ukuze uthole imali ethe xaxa.
Uthando: Uma umhlonipha umuntu wakho, uzoluthokozela uthando.
Umsebenzi: Kuzokuhambela kahle uma uzwana nozakwenu.
Impilo: Chitha isikhathi ezindaweni ezingesiyo ingozi.
Imali: Ungase usizwe wumngani noma yisihlobo ngemali.
Uthando: Ungazithola ususothandweni oluvuthayo uma wethulwa kumuntu ongamazi.
Umsebenzi: Funda ukuhlela izinto kusenesikhathi.
Impilo: Qalisa uhlelo lokudla ngokuyikho nokujima.
Imali: Zithuthukise ngokuba wonge imali.
Uthando: Uzothola umuntu omuhle othandekayo.
Umsebenzi: Uzothola imiphumela obuyilindele.
Impilo: Phumula ubuye unyakazise umzimba ukuze uphile kahle.
Imali: Ochwepheshe bezezimali bazokunika izeluleko ezizokusiza.
Uthando: Hlelela ukuba nihlale ndawonye.
Umsebenzi: Izinto zithanda ukuhleleka emsebenzini ngakhoke ungakwenzi okuphuma eceleni.
Impilo: Thokozela inkululeko, phezu kwezinhlupheko nezinkinga.
Imali: Sebenzisa amathuba akuvelelayo.
Uthando: Ukuba nomusa kwakho, kuzokwenza umuntu wakho athokoze.
Umsebenzi: Uzoyibona impumelelo uma ukhombisa ikhono kwezobuholi futhi uzinikela.
Impilo: Gwema ukukhathazeka nezinkinga.
Imali: Yenza okucabangayo ukuze ubone umehluko emalini.
Uthando: Uma ungawedwana uzoluthola futhi uthando.
Umsebenzi: Uzophumelela ngoba okwenzayo ukwenza ngokuzethemba.
Impilo: Nakekela impilo yakho ngokusebenza ubuye uphumule.
Imali: Uzokwazi ukuzakhela imali ngenxa yomqondo wemali onawo.
Uthando: Gqoka kahle ukuze ubonakale![z]
