zulu.1493.teenfash
Isikhwama esimhlophe nengubo okwakaXogo, 011-478-0044
IFESHINI YENTSHA
U-Hulisane CC Ravelle
Umethuli wohlelo lweTV wasikhombisa i-wardrobe yakhe enefeshini esesitayeleni!
1. Isitayela sami sefeshini...
Yinoma yini engizizwa ngimuhle futhi ngibukeka lapho ngiyigqokile.
2. Angisoze ngayifaka...
I-catsuit. Umzimba wami awuyifanele!
3. Into ebiza kakhulu enginayo...
Ipheya lezicathulo ezinde zeGuess. Ngazithenga ngoba ngifuna ukuzijabulisa. Ngenyanga eyalandelayo, kwezwela ephaketheni.
4. Uma ngibona umuntu oyi 'dlile' indwangu...
Ngiye ngithule ngimbuke ngimncome ngenhliziyo noma ngisho ngithi 'wow'kubangani bami.
5. Lapho ngithenga khona...
Uma ngifuna okuphambili, ngithenga kwaXogo eCresta. Abakaze bangidumaze. Kwezinye izinto zokugqoka angikhethi ukuthi ngithenga kuphi - inqobo nje uma ngizothola engikufunayo okuzongifanela.
6. Iseluleko sami ngefeshini...
Ungazami ukukopela ifeshini yabanye abantu ngoba kungenzeka ingakufaneli - ngisho noma unomzimba omncane. Kwazi lokho!
7. Engicabanga ukuthi kusesitayeleni manje...
Ama-tight amibalabala, izingubo zamaphathi ezinhle, nemibala ehlukahlukene. Imibala egqamile isesitayeleni! Ikakhulu e-pink, purple nephuzi.
8. Uma ngihlangana nentombazane egqoke ingubo efana neyami emcimbini...
Ngeke ngibe nenkinga! Nabanye bangayigqoka uma bethanda.
9. Angiphumi ekhaya ngaphandle...
Kwe-lipgloss. Iyasebenza.
10. Ifeshini embi engake ngaba nayo...
Ngangifunda e-primary umama wangithengela ingubo e-pink eyayihlotshiswe ngama-veg nezicathulo ezi-brown - ngiyema lapho. Ngiyakuthanda Mama wami! [z]
