zulu.1471.xeno
IGAZI LIGOBHOZA EZITALADINI, BAGCWELE INZONDO
UMBIKO OYISIPESHELI
BONA ZULU July 2008
Yizinsuku zovalo, yizinsuku zesihluku. Iqulu labantu lizenzela umathanda kwabangenacala nabangenamandla okuziphindiselela ngoba nakhu "beyizifiki" kuleli... indaba nguSteven Makhanya
BONA ZULU July 2008
LOLU thuthuva lwaqala e-Alexandra. "KwakuyiSonto ekuseni. Ngangigeza ngaleso sikhathi," kusho owesimame esizombiza ngoJoyce. "Ngangingazi ukuthi kwenzekani ngesikhathi kukhahlelwa isicabha sendlu yami kungena idlanzana lamadoda ayehlomile.
"Awazange anginike nesikhathi sokugqoka. Ngadonselwa ngaphandle ngaphoqwa ukuba ngihambe esitaladini ngigqoke okwangaphansi kuphela..."
Kuzwakala kuyinto eyenzeka kudala ngezikhathi zobandlululo lapho amasosha ayezichachazela emalokishini ekhiphela ngaphandle abantu emizini yabo kungabi ndaba zalutho.
Kodwa esikhuluma ngakho lapha akwenzekanga ngezikhathi zakudala. Kwenzeke ngoMay 2008. U-Joyce uliqhamukisa eZimbabwe. "Asiwafuni amakwerekwere lapha," kusho ababebukela, "buyelani emakini lapho nivela khona!"
Akasiye owakuleli kanti kwadingeka ukuba aphindele lapho evela khona.
Kukhona abantu baseSA abazitshela ukuthi abokufika kuleli kufanele baphathwe ngendlela abamnyama ababephethwe ngayo ngezikhathi zobandlululo eSA!
Ngabe uJoyce uyisigebengu? Cha! Abantu abanobandlululo kuphela abehlulela abantu ngezenzo zabambalwa kanti uJoyce, njengeningi labangaphandle, weza kwelaseMzansi ehlose ukuphila impilo engcono kuphela.
Uzimisele ngokusebenza kanzima ukuze lelo phupho lakhe lifezeke.
Ngabe yimina kuphela engingazange ngikholwe ngesikhathi kuzwakala imibiko yokuhlaselwa kwalaba bantu?
Ngesikhathi ngizwa ukuthi iqulu labantu lihlasela abangaphandle e-Alex ngazibuza ukuthi yiliphi lelo qulu? Kungani behlaselwa? Ngamangala ngaphelelwa amazwi ngesikhathi ngivula umsakazo wami ekuseni ngalowo Msombuluko ngifuna ukuzwa kabanzi ngento engangiyizwile.
Kwaze kwangikhanyela ntambama ngalolo suku ukuthi yini lena ababekhuluma ngayo - nalapho angizange ngikholwe.
Abantu babekhishwa ngendluzula emijondolo yabo beshaywa kanzima bebulawa.
Benzeni laba bantu? Yini icala labo? Icala labo elokuthembela eSA!
Yileso sizathu esibalethe lapha, kanti kufanele siziqhenye ngokuthi iningi labantu libuka izwe lethu njengendawo abangaqala kuyona impilo entsha.
Ngomhlaka 11 May, imicabango emibi yaphenduka izenzo ezimbi abantu behlaselwa ababebathathisa "okwabafowabo" eSA.
NGOMSOMBULUKO ntambama kwakugcwele abantu ababengenamakhaya esiteshini samaphoyisa sase-Alexandra. Kwamiswa amatende okubakhoselisa le ndawo yafana nenkambo yababaleki.
Kwathi uma ngifika khona, ngabona amadoda eme amaqoqwana, ayezithulele ebukeka enkemile. Abesimame babenika izingane zabo ukudla. Yilowo nayilowo wayekhala esakhe ebeka udaba lwakhe olusikhumbuza izinsuku zokuvukelana kwezinhlanga ezehlukene eRwanda. Bonke babeneqoqwana lezimpahla ababa namandla okubaleka nazo.
"Kuyangidabukisa ukuphendukelwa kwethu abafowethu," kusho owesimame esizombiza ngoMavis ngesikhathi engikhombisa izingubo akwazi ukubaleka nazo.
"Ababhekane nohulumeni uma benenkinga nawo bangakhipheli isibhongo kithina. Nathi sihlupheka njengabo."
Kodwa waqhuba wathi kukhona akusolayo. "Kukhona okushaya amanzi" wabeka kanjalo. Kodwa yena akaqondile ukuthi kukhona isandla sesithathu kule nkinga njengokusho kwabanye abaholi bezepolitiki.
Kunalokho ubona ukuthi lokhu kuhlasela kuhambisana nomona.
Uthi kukhona izindlu ezingazange zishiswe - kuzona kuhlala ababeyingxenye yequlu elalihlasela!
Ngesikhathi ngivakashela okwesibili kule nkambo, ngahlangana nobaba esizombiza ngobaba uBanda...
UNGOWOKUDABUKA eMalawi kanti ingu-30 iminyaka ehlala eSA. Usebenza ngokuzikhandla futhi akaphili ngobugebengu.
"Angikaze ngintshontshe noma ngiboshwe," kusho yena. "Nginezingane ezazalelwa kuleli. Pho ngiphathiselwani okwesihambi?
"Abantu bakule ndawo bayangazi. Sineminyaka sakhelene singabangani. Pho kudalwa yini ukuthi ngibe yisitha namuhla?
"Ngakhishiswa okwenja emzini wami. Ngathatha lezi zimpahla ozibonayo kuphela," kuqhuba yena. Kwathi uma ethola ithuba lokuya ekhaya lakhe wathola ukuthi izimpahla zakhe zebiwe.
Babizwa ngezigebengu, bashaywe bese beyantshontshelwa. Obani abayizigebengu phakathi kwalaba bantu?
Kuyamangalisa ukuzwa abanye osopolitiki bekhuluma ngesandla sesithathu uma kukhulunywa ngalolu daba abanye bekhala ngobandlululo oluneminyaka engu-14 lwangcwatshwa!
"Ngicabanga ukuthi lokhu kuhlaselwa kuholwa yizigebengu ezicasha ngokungaphatheki kahle kwezakhamizi zakuleli ezikhala ngokungatholakali kwemisebenzi," kusho ubaba uBanda.
Abantu babulawa wumona nokuthanda ukukhomba abanye ngezinkinga ezibehlelayo.
"Sonke siyahlupheka kodwa ngabe kuhle ukukhiphela isibhongo kubantu abangenacala? Nathi asinawo amandla okondla imindeni yethu," kusho ubaba uBanda.
"Kodwa mina ngeke ngibaleke. Ngizophindela ekhaya lami."
U-CHOKE Sithole one-tarven ne-tuck shop e-Orange Farm ungomunye walabo bantu abathi izigebengu zisizakele kulokhu kuhlukunyezwa kwabokufika.
Uthi ungomunye wosomabhizinisi abantshontshelwa impahla yabo.
Yena uthi wahlaselwa yintsha eyisikhombisa. "Ngibazi kahle - babebancane ngesikhathi ngifika kule ndawo. Kodwa ngabezwa sebethi angithathe okungokwami ngiphindele eMozambique," kusho uSithole.
Abanandaba nokuthi ukuleli ngokusemthethweni nawe unelungelo lokuhlala kule ndawo.
Ngesikhathi ehlaselwa, omakhelwane bakhe babezimele bebukela.
Kodwa wakwazi ukuzilwela. Kwathi lapho abahlaseli sebehambile, wabiza abangani bakhe babanjwa labo bantu.
"Babekomunye umuzi odayisa utshwala bephuza lobo ababebuntshontshe kimina.
"Kwathi uma besibona babaleka kodwa sakwazi ukubamba ababili sabayisa esiteshini samaphoyisa."
U-Fatima Malobeka, ungumfelokazi onendodakazi eyodwa kanti kwebiwa izimpahla zika-R5 000 e-tuckshop yakhe.
Bangena ngefasitela kodwa uFatima wakwazi ukubaleka nendodakazi yakhe baya kwamakhelwane.
UMbhishobhi u-Abram Mokoena ongumholi we-community police forum uyavuma ukuthi yizephula-mthetho ezenza lezi zinto. "Lokhu kuyindlela yokuhlukumeza abantu abagcina umthetho. Bayazicanasela ngoba nombuso awuthathi zinyathelo ezinqala ekulweni nobugebengu."
KUKHONA umndeni okwabulawa indodana yawo eyahlangana nequlu labantu iphuma kovakashela umngani wayo.
"Bamshaya bengezwanga nokuthi ungubani," kusho umfowabo kamufi ongathandi ukudalulwa.
Ukuba bakhuluma naye, babezozwa ukuthi umndeni wakhe uliqhamukisa eMpumalanga.
"Abamnikanga thuba. Ubaba wafika kuyena esebanda. Angisoze ngibaxolele ngabakwenza."
Ake sibuyele kuJoyce owahanjiswa engagqokile ezitaladini.
Uneminyaka engu-20 kanti ufike eSA ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Uthi umuntu omusha ozimisele ngokufunda athole nomsebenzi ongcono akanakusasa eZimbabwe.
Njengoba sonke sazi, nakuba nathi sisenezinkinga esibhekene nazo, okwethu kungcono kakhulu kunokwamanye amazwe.
Mhlawumbe yileso sizathu esenza ukuthi abangaphandle bazondwe. Bayazi ukuthi sinenhlanhla nokuthi kuningi esingakuzuza ngokusebenza ngokuzikhandla.
Kungenzeka ukuthi uJoyce useyalingabaza elakuleli emva kwendlela esibaphathe ngayo.
"Ashabalele amaphupho ami okuphila impilo engcono," kusho yena.
"Ngiyazi ukuthi ngiyohlupheka ngize ngife."
Abamhlasela kufanele bazibone bengamaqhawe uma bezwa lawa mazwi akhe. [z]
UMBIKO OYISIPESHELI
Kwakushiswa amathayi, wawungafunga ukuthi yiminyaka yawo-1980.
BONA ZULU July 2008
Esinye isigebengu esaboshwa.
Babalekela amaphoyisa.
Izitolo zasala zinjena.
Ngabe iyona mpatho yelaseSA lena?
Ubani lona owasusa lolu thuthuva? Yini engenziwa ukuqinisekisa ukuthi abantu ngeke besahlaselwa? Asizwe umbono wakho. Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060.
BONA ZULU July 2008
UVO LWAKHO
UMBIKO OYISIPESHELI
QEDA LOLU DLAME !
Uvo lukaForce Khashane, uMhleli oMkhulu kaBONA
SEKUPHELE iminyaka engu-14 i-ANC yawina ukhetho lokuqala lombuso wentando yeningi - kanti abantu bakhathele wukuzwa izinkulumo nezethembiso kanye nezaba ezingabasizi ngalutho!
Mzansi, elase-Africa linamandla emhlabeni, kodwa lo hulumeni ogcwele inkohlakalo owenza izinto ezingenamsebenzi njengokushintsha amagama anjengoKoekemoer Weg abizwe ngoThokozani Avenue, usukhohliwe yithina.
Usukhohliwe wukuthi abavota bahlala emijondolo enjengeyaseKliptown, lapho kwashona khona abantu abathathu emva kokubheduka kwesifo se-cholera.
Ngesikhathi abakwaBONA bevakashele eKliptown - nokuluhambo engingajabula uma luthathwa yiziphathimandla ze-ANC ukuze zibone impilo ephilwa abanye abantu - sathola ukuthi abantu bakha amanzi kompompi bomphakathi. Basebenzisa izindlu zangasese zamabhakede uma bezikhulula.
"Ngafika kuleli ngo-1983 kodwa ngisahlala emjondolo namanje," kusho omunye wesimame esakhuluma naye.
Abantu banelungelo lokuzwakalisa izikhalo zabo. Kodwa kudalwa yini ukuthi izinkinga zabo bazithwese abangaphandle? Ngisho noma bangahamba, isimo ngeke sibe ngcono.
Ake sibheke impendulo kahulumeni... Ngabe ukukhala "ngesandla sesithathu" ave kuyizaba zokugwema ukubhekana ngqo nezinkinga okumele zilungiswe kuleli?
Ngabe ubani lona osizakalayo uma kukhalwa ngokuthi abangaphandle abayimbangela yezinkinga esibhekene nazo?
Ubani osizakalayo esimweni lapho uhulumeni uhluleke khona wukufeza izethembiso zawo, kodwa uzwe abantu bethi abangaphandle abayimbangela yobugebengu nokwentuleka kwemisebenzi?
Ukukhomba abanye - noma ukukhuthaza abanye ukuba bakhombe abanye - kuyindlela enhle yokugqiba ukwahluleka kwakho.
Kodwa ngisho noma ngabe sesisitholile isizathu esiyimbangela yakho konke lokhu, asithembe ukuthi lolu dlame luzophela. Asithembe ukuthi abantu baseMzansi bazoluqeda nya.
Nakhu okumele ukucabange uma ubuka izithombe ezivezwa ezindabeni: kungenzeka okubonayo kwenzeke kithina sonke kusasa. Namhlanje balwa nabangaphandle, bazolwa nobani kusasa?
Akekho umuntu ophephile uma kunje, ngoba kusasa ngeke besayingena eyokubheka ukuthi umuntu ungowaluphi uhlanga.
Kungenzeka uziphendulele ngokuthi, "Ngizwile ukuthi laba bantu bayinkinga ezweni lethu, ngakhoke anginandaba nokuhlushwa kwabo - mina angihluphi muntu."
Umbuzo uthi, wena uyosizwa ngubani uma abangani bakho nomakhelwane bekuphendukela ngoba nakhu ukhonza esontweni abangalifuni noma uhambisana nenhlangano yezepolitiki abangahambisani nayo?
BONA ZULU July 2008
