zulu.146.career
Ezemisebenzi
Owokuba yi-occupational therapy
ABANGAMA-occupational therapists badlala indawo ebalulekile kwezokwelapha. Lolu hlobo lwezokwelapha lungasiza abantu abaningi abalimala mhlawumbe emsebenzini, abane-stroke, abaphethwe yisifo samathambo, abanama-sclerosis, izinkinga zokugula ngengqondo, abalimala ngezingozi, ukusha, abalimala kwezemidlalo, izinkinga ezisukela ekuzalweni, ezokukhula kanjalo nezobunzima ekufundeni.
Oyi-occupational therapist u-Andiswa Gowa waqala umsebenzi wakhe esibhedlela sikahulumeni enakekela zonke izinhlobo zeziguli waze wavula indawo yakhe yokusebenza enkabeni yedolobha laseThekwini...
n Ositshele kabanzi ngomsebenzi wakho owenzayo. Mina ngigxile kakhulu ophikweni lezokukhubazeka, kubandakanya ezokwelapha nezomthetho. Lokhu kusho ukuthi ngisebenzisana nochwepheshe bezomthetho, ngicubungule ngihlole amakhasimende ngiwahlolela izinhlangano ezifana nezinkampani zomshwalensi, umnyango wezabasebenzi, abe-Road Accident Fund, nezinye ukuze sithole ukuthi abalimele abafuna ukunxeshezelwa bayakwazi yini ukuba babuye basebenze.
Umsebenzi wami futhi ubandakanya ukubakhuthaza ngokomsebenzi wabo nokuba ngizame ngibenze bakwazi ukuphinde babuyele emsebenzini.
n Yini oyithola iyinselelo enkulu kuwona" Nakuba ngibona ukusebenzisana kwami nabakhubazekile kuyinselelo enkulu, angivamile ukuba ngixhumane namakhasimende ami, noma ngibalandele ngenhloso yokuthola ukuthi baqhuba kanjani ekululameni. Amaningi awanayo i-medical aid ngakhoke ngiye ngizame ngibaxhumanise nezibhedlela nemitholampilo.
n Umvuzo wawo" Amanye amakhasimende ami abandakanya izingane ezinenkinga ekukhuleni. Ukusebenzisana nazo kuyathokozisa ikakhulu lapho usubona sekukhona amakhono amasha eziwafundile.
AMATHUBA OMSEBENZI
Lokhu kubandakanya ukusebenza ezibhedlela, ezikhungweni zokuhlumeleliswa kwezimilo, kwabombutho wezokuvikela, izimboni zezimayini, ezinhlanganweni zezenhlalakahle, izinhlangano zomphakathi, emakhaya abadala, emitholampilo nasezikoleni zabakhubazekile.
Amathuba abandakanya ukusebenza nezinkampani zomshwalensi noma ukuba nendawo yakho yokusebenzela, okungabandakanya abadala nezingane.
OKUDINGEKAYO
Ngaphandle kwezinga lemfundo, kudingeka umuntu okwazi ukusebenza ngisho naphansi kwesinjani isimo. Kufanele ube namakhono amahle okuxhumana nabantu, ukwenza izifundo ezithile zezesayensi, ube ngumqemane ngokwempilo, ukwazi ukuthatha izinqumo, ubekezele, ube nesifiso sokuthuthukisa umphakathi, ube ngumuntu osebenza kanzima onothando ekuziphatheni okuhle kwabantu.
Lo msebenzi ubandakanya iziqu zezifundo zeminyaka emine. Izidingo ngokwemfundo ziyehluka ngokuncika kuleyo nyuvesi, kodwa kufanele uphase kahle ku-matric wakho. Amanyuvesi amaningi anezifundo zeziqu.
ONGAKUHOLA
Ngenxa yokuqeqeshwa kwakho, ukuhola kuyashiyana kuncike ekutheni ukhethe muphi umkhakha.
Kungasuka ku-R7 000 kuya ku-R8 000 ngenyanga lapho usaqala. Uma uzenzela ngokwakho ungathola kusukela ku-R10 000 kuya ku-R20 000 ngenyanga. [z]
Ukusiza labo abanokulimala emqondweni noma emzimbeni ukuze babe nokuzethemba futhi. Lona wumsebenzi onzima kodwa onembuyiselo
BONA ZULU - June 2007
I-occupational therapy ibandakanya ukusiza izingane ezinobunzima ekufundeni.
Ngolunye ulwazi
Xhumana nabe-OTASA: 012 644-0312
noma uvakashele i-Website yabo ethi: www.otasa.org.za
indaba nguGRACE KHUZWAYO
isithombe nguBRETT FLORENS
