zulu.1466.generations
NGENHLA: U-Bradley oyimpelesi yomkhwenyana ezama ukukhumbuza uSiphiwe ababekwenza noLumka bekhombisa ukuthandana kwabo.
Okwenza indumezulu yomshado kaLumka noSiphiwe ibe yisiqalo se-honeymoon eyindida kwiTV
KWENZIWA izifungo zomshado eziphetha ngokungagcinwa. Bavuma phambi komfumdisi nezimenywa ukuthi bayathathana... konke lokhu kuyingxenye yokwenzeka emshadweni owawungalindelwe muntu kule nyanga kwiGenerations edlala kuSABC 1. Lo mshado uhluke kakhulu kokufunwa uMmabatho Montsho olingisa indawo kaLumka.
"Ngikuthandile ukulingisa kulo mshado kodwa owami ngeke ube ubukhazikhazi njengalona," kusho uLumka.
Umkhwenyana wakhe, uSiphiwe (Mandla Hlatshwayo), usashada kanti indlela awuhlela ngayo umshado wakhe yayihluke kakhulu.
Unkosikazi wakhe wenza konke kusukela ekukhethweni kwezimbali nokunye.
"Mina ngakhokhela izindleko zawo. Kumnandi ukushada kanti ngiyamthanda nomkami nengane yethu," kusho uMandla.
Nanti ijuphe lekhethelo le-albhamu yomshado weGenerations elivela kwaBONA!
"Xola, ngeke ngikunike isiphuzo sokwehlisa uvalo!"
indaba nokudidiyela nguDOUG GORDON
ukulandelana kwezithombe nocwaningo: PATRICIA McCRACKEN
Umshado
wonyaka!
NGENHLA: U-Anne uzicabangela amaqhinga amasha azomngenisela imali kulo mshado.
NGENHLA: ULumka enyathela kancane ezimbalini izimenywa zithathwe wubuhle bakhe - ngaleso sikhathi uJack wayethathwe yi-figure kamakoti.
]
"Kobe bonke laba bantu babiza malini""
BONA ZULU - October 2005
"Waze wamuhle!"
NGENHLA: Ngabe uBusi angasithatha iseluleko sikaJack" Ngabe kwenziwa yini ukuthi uJason alalele ingxoxo yabo"
"Nakhu okumele ukwenze..."
Imfihlo yezingubo zezihlabani
Bambalwa omakoti eSouth Africa abangenza lokhu okwenziwe nguMmabatho Montsho olingisa indawo kaLumka - wazenzela yena ingubo esimbona eyigqoke kwiTV! Kodwa uMmabatho unenhlanhla ngoba yena ungumsiki wengqephu kanti unemfashini yakhe ebizwa ngeBlack Olive.
UGugu Mlambo okhetha izingubo ezigqokwa abalingisa kwiGenerations wakhetha ingubo e-pink embamba kahle uLumka namasokisi abomvu ayi-fishnet, izicathulo ezinezithende ezinde, umgexo o-pink kanye nembali, nophaphe oluchonywe ezinweleni zakhe.
U-Angela wathola ithuba lokugqoka ingubo yakhe emnyama eyathathwa eSandton kanye nezingubo zoCleo noDudu. Ingubo kaNtombi e-pink yathathwa ezimpahleni ezathengwa phesheya kwezilwandle.
U-Tanya Ricardi, ovame ukusika ingqephu yabalingisa kwiGenerations, wenza ingubo kaBusi e-grey eyi-satin nesiketi sikaQueen esiphuzi esinobhodisi. Ingubo ka-Anne e-purple yasikwa nguGugu ngokwakhe - ngabe lokho kusho ukuthi izintokazi ezingalungile zikuthola konke okuhle"[z]
BONA ZULU - October 2005
"Ngabe uyamthatha lona wesimame abe ngumkakho""
NGENHLA: ULumka ufuna ukuba ngumngani kaSiphiwe kuphela kanti unovalo lokuthi lobo bungani buzophela uma eya ocansini nenye indoda.
"Sorry, I can't get you a drink for you for your nerves!"
"Ntombi yami!"
NGENHLA:Lo mshado wamthatha u-Angela ongazi ukuthi uNgamla uwuhlele ukuze kufezeke izinjongo zakhe ebhizinisini.
I-albhamu yomshado
"Ubanika isikhathi esingakanani ""
]
"Uzongithola uma uke wadlala ngengane yami!"
NGENHLA KWESOBUNXELE: Ngabe laba bashadikazi bazoyigcina i-video yalo mshado mbumbulu ofunwe nguLumka"
NGENHLA KWESOBUNXELE: Ngabe laba bashadikazi bazoyigcina i-video yalo mshado mbumbulu ofunwe nguLumka"
NGEZANSI: Nawe, njengoMaxine noKhaphela, ungaba nemibuzo ngalo mshado kaLumka noSiphiwe - nokuthi bazochitha isikhathi esingakanani kwi-honeymoon yabo!
