zulu.1464.legalmar08
uthini umthetho
Ukuphuza emsebenzini
INKINGA: Njengemenenja emsebenzini, kuye kudingeke ukuba ngibhekane nabasebenzi abatholakala bephuzile. Umqondisi wenkampani uye athi mabaxoshwe kodwa mina angihambisani nalokho. Ngenzenjani-
ISELULEKO SOFEZELA:
Ngokukhipha isinqumo sokuba kuxoshwe umqashwa, umqondisi wephula iBasic Conditions Of Employment Act (BCEA) neLabour Relations Act. Imininingwane mayelana necala elenziwe ngumqashwa kumele iphenywe kahle, kubhalwe incwadi emethwesa icala anikwe nenothisi yokuba eze ecaleni lokuqondiswa kwezigwegwe.
Kumele kwenziwe uphenyo oluqondile futhi lwenziwe umuntu onolwazi ngokuqulwa kwamacala ozothola nokuthi umqashwa wayephuze ngempela yini.
Lokhu kudinga umuntu ozohlolisisa kabanzi ukuthi umuntu okusuke kuthiwe ufike emsebenzini edakiwe ubebuphuze nini lobo tshwala.
Kungenzeka umqashwa afike emsebenzini enuka utshwala kodwa ebe engazange abuphuze ngalelo langa, noma kube wukuthi utshwala abuphuzile bebungeqile ku-0.05% oyisikalo esigunyaziwe umuntu angasiphuza. Umuntu ophenya udaba olunjengalolu kumele athole nokuthi isimo umqashwa atholakale ekusona besingawuthikameza yini umsebenzi awenzayo.
Kumele kubhekwe isimo somqashwa sisonke - ngabe unuka utshwala- Ngabe ukhuluma into engaqondile- Uma konke lokhu kungacaci kahle, umqashwa usengahlolwa igazi noma kuhogelwe iphunga lakhe kodwa uma evuma ukuba kwenziwe lokho futhi kube khona nomuntu ozoba wufakazi.
Uma kungukuthi umqashwa wavuma esivumelwaneni sakhe sokuqashwa ukuthi lezi zinto zingahlolwa, ngeke akwazi ukwenqaba. Uma kwenzeka enqaba, akufanele ukuba aphoqwe.
Kumele kwenziwe okufanayo futhi uma kusolwa ukuthi umqashwa usebenzise izidakamizwa. Uma umqashwa enza umsebenzi wasengadini, icala lakhe lisingathwa ngendlela efanayo nelomuntu oshayela i-forklift.
Kufanele kuqoqwe izitatimende zofakazi eziqondile umqashwa aqondiswe izigwegwe. [z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
ESITHOMBENI KULINGISIWE
Nethulelwa wuBONA naboPhiko loFezela
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
