zulu.1452.Sindi
'Intokazi engenasimilo' kwiZone 14...
Le ndawo yadalelwa mina
Impilo yakhe yangempela ibinzima ukwedlula eye-soap opera...
indaba nguDOUG GORDON izithombe nguPETER WHITFIELD izinwele, i-make-up nokulungiswa kahle nguFAITH SEUOE
izitayela nguMARINA WALSH; umdidiyeli: PATRICIA McCRACKEN
WAFIKA eJozi ezofuna udumo nomcebo kodwa esikhundleni salokho wathola uBrenda Fassie. UBrenda wathandana nale ntokazi yaseKZN kodwa bagcina behlukene. "Imizamo yokufeza iphupho lami lempumelelo yangidalela izinyembezi nobuhlungu obumangalisayo," kusho uSindi Khambule. "Kodwa ngiyejabula ngoba ekugcineni uNkulunkulu uyiphendulile imithandazo yami."
Leyo mpendulo isiyenze izigidi zababukeli beTV bakhulume ngekhono lakhe ekudlaleni indawo yowesimame ongenasimilo okhonze impilo ephezulu ongunkosikazi womdlali webhola odumile emdlalweni iZone 14 kuSABC1. USindi oneminyaka engu-32 kade ayefisa ukuthola ithuba lokudlala indawo emdlalweni weTV. "Lena iyona ndawo eyadalelwa mina. Umlingiswa engidlala indawo yakhe uncike kakhulu kimina kangangoba ababhali balo mdlalo baze bamqamba ngami bathi uSindi," kusho uSindi.
"Impilo yakhe ingaphansi kwengcindezi yabezindaba, kanti nami ngiyazi ukuthi lokho kwethusa kanjani."
"Ngesikhathi nginoBrenda Fassie wayengiphoqelela ukuba ngizithuthukise ngokomsebenzi wami, kodwa kungelula. Noma kuphi lapho ngangenza khona ama-auditions, ophrojusa babengitshela ukuthi okwenzeka empilweni yami kuzodicilela phansi ama-shows abo."
Le ntokazi ithi yehlukana noBrenda ukuze ikwazi ukuphunyuka kwabezindaba ikwazi ukungena kwiTV njengomuntu ongaziwa. Lokho kwayisebenzela.
Emva kwalokho uSindi wenza ama-audition omdansi we-cabaret uNobelungu emdlalweni iYizo Yizo 3. Wethusa ophrojusa balo mdlalo ngekhono alikhombisa ababengalilindele.
Leyo ndawo yamwinela umklomelo kumaDuku Duku award ngokuba yi-best newcomer yamtholela nendawo kwiZone 14.
Inkulu ingcindezi yokuzibonakalisa emidlalweni yeTV, kodwa uSindi uyazi ukuthi ngesinye isikhathi impilo iba nzima kangakanani lapho ubhekene namakhamera. Useyiphile leyo mpilo iminyaka emine - kusukela ngobusuku ahlangana noBrenda eTandoor club eYeoville.
"Ngesikhathi ngifika eGoli ngo-1995 ngasebenza eWindybrow Theatre ngamukela izihlabani (usherette) ngenza ne-diploma yezemfundo," kusho uSindi.
Izikhathi zazinzima eshiye indodana yakhe uBayanda (okumanje uneminyaka engu-13) emshiye nomama wakhe kubo eMgungundlovu.
Wayehlala ekameleni eYeoville ebhasobha indodana yomnini waleyo ndawo nokuyinto eyayimele ukukhokha kwakhe irenti.
"Ngafunda eJCE naseWits kodwa akukho engabuya nakho. Iningi labafana babefuna ukuthi banginakekele ukuze ngiye nabo ocansini, kodwa ngenqabe.
"Ngangingumdlali wemidlalo yezithombe hhayi umqwayizi - ukube ngake ngayeqa leyo migomo yami, ngabe angizange ngiphumelele kwengangikuhlosile.
"Kwathi ngobunye ubusuku kunguLwesine nginesizungu, ngagqoka ngathatha uR20 wami wokugcina ngiyozishayela ama-drinks nabangani bami besimame eTandoor club eduze kwalapho ngangihlala khona.
"Kwakunomsindo kugcwele nami sengifuna nokuhamba.
"Kungaleso sikhathi lapho kwaqhamuka khona uBrenda wama phambi kwami wathi 'Hi.' Angikholwanga kangangoba lokho kwangethusa."
USindi wayedinga umuntu empilweni yakhe owayezokwenza izinto zenzeke. UBrenda wayekwazi ukwenza abanye izihlabani njengoba enza kuRebecca Malope noLebo Mathosa.
Ubudlelwane babo baphendula uSindi undabizekwayo kwabezindaba. Wayebonakala noBrenda ngisho ngabe wayeya kuphi - emihlanganweni, eyozilolonga, nasezingqungqutheleni zabamaphepha, emicimbini ephambili, emakilabhini nasemakhonsathini nokuyizinto uSindi afunda lukhulu kuzona.
Umculo kaSindi wamnika ukuzethemba ehamba amakhonsathi noBrenda kulo lonke elase-Africa, ecula naye ngemumva esteji emva kwebhendi. Ukwaziwa njengomuntu owayethandana nosaziwayo wobulili obufanayo kwakumdicilela phansi.
"Kwakunomthelela omubi kuma-auditions eTV kanti kwakwedlulela uma ngivakashele ekhaya ngiyobona umndeni wami.
"Omunye wabazala bami wesifazane wathi ngingambambi ngesandla uma sihambisana - 'ngoba abantu bazocabanga ukuthi nami ngiyinkonkoni njengawe.' Umndeni wami nabangani bayeka ngisho nokungishayela ucingo. Ngo-2003 kwangicacela ukuthi kufanele ngiqhubeke nempilo."
Namuhla uSindi kuyamhlekisa ngoba abantu bamlindele ukuba aphile impilo engubukhazikhazi njengodumo ayeluthola kwabezindaba.
"Ngiyaqala ukudlala indawo ephambili kwiTV, angikayenzi ngisho nemali eyanele ukuba ngifundise indodana yami. Ayikho imali etheni engiyiholayo kule ndima yezihlabani zemidlalo yezithombe."
Kodwa kukhona okusitshelayo ukuthi lokhu kuzoshintsha... [z]
BONA ZULU - March 2006
Izinwele zakhe zibuhlungu...
Ama-cornrows akhe abuhlungu, kodwa izigcawu zothando azidlalayo yizo ezimenza avuke aye emsebenzini. Ukudlala indawo yomdlali webhola uKing Sibiya kwiZone 14, uPatrick Mofokeng uthi okunzima kulokho yilapho esezochitha amahora amathathu esaluni masonto onke bemlungisa izinwele. Kodwa eziqephini aqabulana kuzo noSindi Khambule noThembi Seete kumenza akhohlwe yilokhu okungamphathi kahle.
Ethwebula izithombe zekhava noSindi, wayelokhu ehleke njalo. Babetomotana uSindi ephulula izinwele zikaPatrick bekhombisa abafundi bakaBONA ukuthi yini abangayilindela kulo mdlalo wokuqala webhola.
Ukudlala indawo kankosikazi kaKing, uSindi kumfaka ezinkingeni. "Impilo ephezulu isisegazini kanti noma nini uma sixabana, uvele athathe ama-credit cards akhe aphume ayothenga ezitolo," kusho uPatrick. "Lokhu kwakulungile ngesikhathi uKing esadlala ibhola e-Italy - njengamanje esedlala kwiTiger Stars nezinsuku zakhe zokudlala ibhola sezimphelela, nesithunzi somkakhe sesiyaphela. Ukuba abangani kwenza kube lula ukuqabulana ezigcawini esizidlalayo," kusho uPatrick. "Okulandelayo ngizoqabulana noThembi Seete (Nina Moloi). Ngisenhlanhleni futhi ngiyakhokhelwa ngalokho."
EsenguMiss Soweto, uSindi wayesebenzisa igama lomyeni wakhe ukuthola udumo nokuvelela emaphepheni. (Sindi: izingubo: Big Blue; ubucwebe ngobakhe; Patrick: ishethi: Markhams; ibhulukwe: Edgars; izicathulo zabo: Europa Art; amabhola: Totalsports)
BONA ZULU - March 2006
