zulu.1451.career
IMBONI yezokuvakasha idlala indima emqoka ekukhuliseni umnotho waseSouth Africa. Izwe lethu seliphenduke intandokazi ngenxa yokuthi linokuningi okuheha abavakashi - lihle, linothe ngamasiko ahlukahlukene, linomlando omuhle neziqiwi nokunye okuningi.
Siyanda isibalo sabavakashi abaliqhamukisa ezingxenyeni zaleli lizwe ngenhloso yokuzidelisa ngobuhle balo.
Abavakashi abaningi baphatheka kahle uma behamba neqembu elihlelekile kanti usiza lapho umuntu okhombisa abavakashi izindawo.
Uhola iqembu labavakashi uma liya ezindaweni ezihlukahlukene aqinisekise ukuthi uhambo lwabo bayaluthokozela, luphephile futhi bayohlala belukhumbula.
"Okhombisa abavakashi izindawo uthathwa njengomxhumanisi omqoka kwezokuvakasha. Uyena ongenza umehluko omkhulu uma kukhulunywa ngempumelelo yalolo hambo, " kusho u-Uveshnee Ragavan, oyiProvincial Registrar kwiTourism eKZN.
"Lo msebenzi uwenza amahora angu-24, izinsuku eziyisikhombisa zesonto. Ubandakanya ukuhlangana namakhasimende akho, uwenze azizwe ekhululekile kuleyo ndawo akuyo, uwahlelele uhambo, uwabonise nangamacebo okuxazulula izinkinga nokunye.
"Okumqoka kakhulu ngohambo ukunakekelwa nokuphepha kwabavakashi.
"Izingozi zenzeka kungazelele muntu, ngakhoke okhombisa abavakashi izindawo kumele acabange kusenesikhathi abe namasu okuxazulula izinkinga okungenzeka zenzeke."
Abakhetha lo msebenzi bavame ukuba nothando lokukhombisa abavakashi izwe labo. UThabo Mokgope, owayephakathi kwababefinyelele kowamanqamu kwababezoklonyeliswa ngomklomelo weKwaZulu-Natal tourist guide of the year ngo-2005 ubalwa kulabo bantu.
Wayebamba amatoho enza wona lo msebenzi ekhombisa abavakashi amalokishi. Eminyakeni emine edlule waqashwa yinkampani eyayifuna ukukhombisa abavakashi izindawo ezisemalokishini.
Waqhubeka nemfundo yakhe kanti manje uneNQF Level 4 kwezokukhombisa abavakashi izindawo kanti lokho kumnika amandla okusebenza kuzwelonke.
"Umuntu owenza lo msebenzi kumele abe nolwazi ngezindawo azikhombisa amakhasimende nangezinto azihlelela abavakashi. Kumele angahlukani nokufunda," kusho uThabo.
Izivakashi zikaThabo ziliqhamukisa emhlabeni wonkana.
"Kusemqoka ukwakha ubudlelwane obuhle namakhasimende akho ukuze nibe ngabangani."
Amathuba omsebenzi
Kuya ngezitifiketi ohlome ngazo nendawo osebenzela kuyona.
Njengamanje, zintathu izigaba zabenza lo msebenzi: abasebenzela endaweni ethile, esifundeni noma kube abasebenza kuzwelonke.
Kulezi zigaba kunezindlela ezihlukene zokuqhuba lo msebenzi:
nNature guiding: Ibandakanya ukubhukuda, ukubheka izinyoni nokuthatha uhambo olude ngezinyawo.
nCulture guiding: Ibandakanya ukuxoxwa kwezinganekwane, ukuvakashela amalokishi, ukuthola umlando ngaleyo ndawo nokunye.
nAdventure tours: Ibandakanya ukuqwala izintaba, ukuhamba ngezikebhe nokunye.
Imali ongayihola
Imiholo iyashiyana kanti kuya ngezitifiketi zakho, ulwazi ngalo msebenzi kanye nesigaba osebenza ngaphansi kwaso. Abaqashwe ngokugcwele bahola kusuka ku-R3 500 kuya ku-R15 000 ngenyanga.
Okudingeka kuwena
PYiba ngumuntu othanda ukuhamba oxhumana nabantu kalula
PFunda ube nolwazi ngezinto eziningi
PZibophezele kokwenzayo
PMelana nezinguquko
PYiba namahlaya ubekezele
PYiba nekhono lokuhlela izinto nokugcina isikhathi.
Imfundo
Kumele ube nesitifiketi se-first aid esisemthethweni, ube neminyaka engaphezulu kuka-21 ube yisakhamuzi saseSouth Africa. Kuhle ukuba no-matric kodwa lokho akumqoka kangako.Yiba nolwazi lwesiNgisi. Ungasizakala kakhulu uma wazi nolunye ulimi.
Bonke abenza lo msebenzi kumele baqeqeshwe babhalise emnyangweni wezokuvakasha waleso sifunda.Bangasebenzela endaweni abaqeqeshwe babhalisa kuyona.
Njengamanje zintathu izitifiketi ezibhalisiwe: yi-national certificate in tourism, guiding NQF2 neNQF4.
Uma ufuna ukubhalisa njenge-regional noma i-national guide udinga okungenani isitifiketi seNQF4. [z]
Ezemisebenzi
BONA ZULU - May 2006
Umuntu oyi-tour guide wenza umsebenzi wokukhombisa izivakashi izindawo ezihlukahlukene aqinisekise ukuthi zithokozile, ziphephile zithola lonke ulwazi eziludingayo
"I-tour guide kumele ibe nolwazi lwezindawo ezozikhombisa amakhasimende," kusho uThabo.
NGENHLA: Ukuba yi-tour guide kufuna umuntu ozoba nolwazi ngezinto eziningi.
Bakhombise izwe lakho
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
KWESOBUNXELE: NgokukaThabo Mokgope, kusemqoka ukuba nobudlelwane obuhle nabavakashi.
BONA ZULU - May 2006
'Ngeminye imininingwane mayelana nezindawo zokuqeqeshwa, ukubhalisa nolwazi lokuthi kuthathwa umuntu onjani: shayela iTHETA ucingo ku-011-803-6010.
