zulu.144.career
Uma umfishane, ulula ngesisindo uwathanda amahhashi, lona wumsebenzi wakho...
KWESIKHULU: “Ayikho into eyedlula umuzwa wokuwina,” kusho ujokhi uDenny Smith.
UJOKHI uDenny Smith akasazi nokwazi ukuthi usewine imijaho emingaki kule minyaka engu-8 eyedlule. Akukhumbulayo wukuthi wawukhetha kanjani lo msebenzi onezinselelo. “Umalume wami wayethanda ukuyobuka amahhashi egijima. Ngangi-mncane kakhulu kuneminyaka yami wase ethi umsebenzi wokuba wuJokhi ungangifanela - namike ngabona kungcono ukuba ngiwuzame.
“Ngafaka isicelo kwabeRacing And Equestrian Academy eSummerveld, eduze neTheku. Emva kokuhlolwa amasonto amabili bangemukela.
“Ngangesaba ngesikhathi ngigibela okokuqala ehhashini, kodwa ngasheshe ngajwayela ngaba nothando lwamahhashi. Lapha saqale safundiswa ngamahhashi asemadala angasagijimi, kwathi emva kwezinyanga ezingu-18 sayoqeqeshelwa enkundleni lapho egijima khona. “Kwathi lapho sebebona ukuthi sesikulungele, saqala saqhudelana nabanye. Umjaho wami wokuqala wawungoJune 16, 1998. Ayikho into engayijabulela njengaleyo nakuba ngingawinanga. Unyaka wami wokuqala wawunzima kakhulu ngoba phela kudingeka uwine ukuze waziwe. Ngesikhathi ngiwina umjaho okokuqala ngajabula kakhulu.
“Kusukela lapho, sengiwine cishe imijaho engaphezu kwengu-100. Kimina ayikho into edlula injabulo yokuwina. Ukuwina kukwenza uzethembe.”
UDenny useke wajaha eDubai, Mauritius, Qatar, Bahrain naseKenya.
“Ngizama ukuthola isipiliyoni njengoba ngisebenza phesheya, kodwa ngizimisele ngokubuyela eSouth Africa sengizozinza uma ithuba liqhamuka,” kusho yena.
Amathuba omsebenzi
“Umsebenzi wojokhi uthandeka kakhulu,” kusho u-Eureka Sewpersadh oyi-marketer kwabeRacing And Equestrian Academy ehhovisi labo elikhulu eThekwini.
“Iningi lojokhi lizitholela imali enhle lapha naphesheya. Kuhlale kunesidingo esikhulu sojokhi abaphambili. Njengamanje baningi ojokhi abaqeqeshwa eSouth Africa abenza kahle kakhulu eHong Kong.”
Kufanele ube ngumuntu onjani
Umsebenzi wojokhi udinga ukusebenza kanzima kanti kusetshenzwa amahora amade - ukuqeqeshwa kuvame ukuqala ekuseni ngo-4.
Ukuqeqeshwa
I-Racing And Equestrian Academy yisona sikhungo kuphela lapha ezweni lapho kuqeqeshwa khona abazoba ngojokhi.
Lesi sikhungo siyefana ne-boarding school ezimele, kanti kuso kulandelwa uhlelo lwezemfundo kodwa olugxile ikakhulu ekugitshelweni kwamahhashi.
Ngalesi sikhathi, abafundi baqala ukufundiswa ukugibela amahhhashi nokuyinto edonsa iminyaka emihlanu ngaphambi kokuba babe wojokhi abangochwepheshe.
Abafundela lo msebenzi bangaphansi kwabeRacing And Equestrian Academy kanti emva kokuqeqeshwa bathola amalayisensi okugibela agunyazwe ngabeNational Horseracing Authority of South Africa.
Kulabo ongabafanele lo msebenzi wobujokhi, kodwa abanothando lwamahhhashi, akhona amanye amathuba. Ukwenza isibonelo, bangaba ama-work riders, abaqeqeshi noma ama-stud farm managers.
Ungaqeqeshelwa futhi ukuba wugulumi (onakekela amahhashi) ngaphansi kwabeNational Groom School.
Izinga ngokwemfundo
Uhlelo lokukhethwa kwabo lunzima kanti abafaka izicelo kufanele kube ngabeminyaka engu-15-17 mhlawumbe abanebanga lemfundo uGrade 9. Usayizi nesisindo kubalulekile, kanjalo nokuziphatha kofake isicelo, ukuzinikela kwakhe nomlando womndeni wakhe (ngokosayizi womzimba).
Ongakuhola
Abaqeqeshelwa lo msebenzi basayina ikontileka yeminyaka emihlanu nalesi sikhungo, kodwa futhi le kontileka bangayelula uma abangama-instructors bebona ukuthi abakakulungeli ukuba ngojokhi abangochwepheshe.
Baqala ukuhola imali lapho beqala ukugibela emijahweni. Kukhona futhi nemali abayitholayo eyingxenye yesiteki lapho bewina.
Imali yabo ibekwa kwi-trust account babakhokhele yona isiyisamba esikhulu.
Imali iyehluka kanti ingasuka ku-R5 000 kuye ku-R30 000. Imali etholwa ngujokhi onguchwepheshe oqeqeshiwe yona iphezulu. Abanye bazisebenza ngokwabo bathole cishe kusuka ku-R12 000 kuya ku-R70 000 kungakabanjwa lutho emholweni, emva kwalokho ziningi izindleko ababhekana nazo.[z]
Ezemisebenzi
BONA ZULU – September 2006
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
Owokuba wujokhi
KWESOBUNXELE: Ukuba wujokhi wumsebenzi onzima kodwa onembuyiselo kodwa akusiwo umsebenzi
wanoma ngubani njengoba uncika kusayizi
womzimba (omncane) nesisindo (esilula)!
BONA ZULU – September 2006
Ngeminye imininingwane
Abe Racing And Equestrian Academy banamagatsha eThekwini, eKapa, Port Elizabeth naseGoli. Ucingo: 031-769-1103; i-fax: 031-769-1034; i-Website:
www.theacademy.co.za
email: admin@theacademy.co.za
