zulu.1446.driving
Ukubekezela kungahlenga izimpilo
Fika lapho uya khona uphephile
NGOKOMKHANKASO wezokuphepha emgwaqweni i-Arrive Alive, ijubane liyingxenye yokuthathu ezingozini zonke zomgwaqo ekubeni utshwala kudala ingozi eyodwa kwezinhlanu.
Ukugcwala ngokweqile kwezinto zokuthutha nakho kuyingxenye yezingozi, kanti ezinye zidalwa wukungashayeli kahle - cishe uhhafu wazo.
Zimbalwa izingozi lapho kusuke kungekho okungenziwa ukuzigwema. Kodwa zonke zingagwemeka uma abantu bezinakekela izimoto zabo futhi beshayela ngokucophelela.
Izeluleko zokuphepha ngalawa maholidi lapho iningi lithatha izindlela zamabanga amade...
tUngajahi, phumula uma uzizwa ukhathele.
tUngaqophisani nabashayeli abanolaka.
tUngaphuzi uma ushayela.
tAkudingeki uphoqelele ukushayela wedwa ibanga elide uma kukhona ongakusiza lapho ukhathele.
tUma uthatha uhambo qiniseka ukuthi wonke umuntu ufase amabhande okuphepha.
tUngabeki izinto endaweni engemuva efasiteleni. Uma ubamba amabhuleki, lezo zinto zingasuka ngamandla zilimaze abangaphakathi emotweni mhlawumbe zigcine ngokubulala umuntu ngoba zisuka zindize ngamakhulu amandla.
tUma kwenzeka ungasaboni kahle phambili, kufanele wehlise ijubane ukhanyise ama-headlights nama-hazard ukuze uxwayise abanye abashayeli.
tKubalulekile futhi ukuba unake isimo sezulu nesomgwaqo. Umgwaqo olubhuqu, ukuchitheka kwamafutha emgwaqweni noma imvula, konke kungadala ukuba wehluleke wukulawula imoto kudaleke ingozi.
tNjalo bheka izibuko ezibonisa okungemumva ukuze ubone izimoto eziza ngemumva ukwazi ukugudluka endleleni.
tKhumbula ukuthi imigomo yejubane egunyaziwe, amazinga amajubane aphezulu amukelekile emigwaqweni ethile, kodwa ngaphansi kwesimo esikahle. Uma izimoto ziziningi emgwaqweni noma mhlawumbe uma lina kungabonakali kahle, ijubane ongahamba ngalo ngelingaphansi kweligunyazwe ngokusemthethweni.
tHlale uvule amehlo uqaphele okungadingeki okungase kwenziwe abanye abashayeli nezilwane ezisemgwaqweni.
Ngaphezu kwalokho, sebenzisa umqondo ubekezele, ukuze wena nomndeni wakho nifike niphephile.
BONA ZULU - December 2005
Izeluleko ezingakuphephisa emigwaqweni ngamaholidi
Gcina ibanga eliyilo uma ulandela enye imoto!
Ngebanga elingu-100km/h imoto elingene enamabhuleki akahle ingathatha 163 metres ukuze ime. Uma wenyusa ijubane ngamakhilomitha angu-30 kusho ukuthi ibanga lokuma lingenyuka ngomunye u-100 metres - nokungubude benkundla yebhola. Ngebanga elingu-140km/h leyo moto ingama ebangeni elingu-301 metres. Lindela ukuhlale uvika ingozi emgwaqweni, ngoba ngeke uthembele kumabhuleki akho zikhathi zonke.
Landela enye imoto ngebanga elifanele - ukusondela kwenye imoto kakhulu ngeke kukusize usheshe ufike lapho uya khona, kodwa kungakwenza ungafiki.
Ungakuvumeli lokhu kwenzeke kuwena ngalesi sikhathi samaholidi...
NGESIKHATHI uJackson Mathebula ethenga imoto yakhe yokuqala wayengubaba wendodana eyayineminyaka emibili. Namuhla leyo ndodana yakhe isishadile ingubaba wabantwana abathathu kodwa uMathebula nanamuhla usahamba ngayo leyo Toyota Stout yakhe enkulu e-brown ayithenga ngo-1965.
Kule minyaka engu-40 eshayela le-bakkie yakhe uMathebula, uthi akakaze abandakanyeke engozini - noma athole ithikithi lokuhamba ngesivinini esikhulu.
Uyaziqhenya ngoba akakaze ashayele i-bakkie yakhe ephuzile noma ayinike omunye umuntu. Ijubane elikhulu asake ahamba ngalo wu-80 km/h.
"Ijubane liyabulala," kusho uMathebula. "Uma kudingeka ukuba ngiye kwenye indawo, ngiye ngihambe kusenesikhathi, ukuze ngingajahi ngizibeke engcupheni yokuba sengozini."
UMathebula, ongaphuzi futhi ongabhemi nguyise wezingane ezingu-12 oneminyaka engu-75. Wathenga i-bakkie yakhe emva kokuvula isitolo sakhe sokuqala endaweni yaseDan ngaseTzaneen ngo-1964. Namanje usayisebenzisa ukuqhuba ibhizinisi lakhe noma uma ehambisa iqembu lakhe lebhola emidlalweni.
Le Toyota yakhe ethembekile useke waya ngayo eGoli, ePitoli, ePolokwane, eMusina ngisho naseNelspruit eMpumalanga.
"Imoto yakho kufanele uyisevise njalo, ungavumeli ukuba omunye umuntu ayishayele ngoba imoto eshayelwa abantu abaningi ayihlali isikhathi eside.
"Imigwaqo yethu isiphenduke inkundla yomjaho wezimoto," kusho yena. "Izimoto zigijima kakhulu kanti nabashayeli abakwazi ukubekezelelana. Kunabantu futhi namuhla abashayela bedakiwe.
"Kungakho sinezingozi ezingaka - ijubane notshwala yizona zinto ezidala izingozi kakhulu," kusho yena. [z]
Neville Maakana/NewsFirst
Usikhombisa ukuthi kwenziwa kanjani
Gcina imoto yakho iphephile
Nakekela amasondo emoto yakho namabhuleki ukuze nako kukunakekele nabathandiweyo bakho.
Umoya osemasondweni ubaluleke kakhulu. Amasondo angafuthekile kahle noma afuthwe kakhulu aguga ngokushesha. Futhi awabambeleli emgwaqweni ngendlela efanele.
Hlola amasondo akho njalo. Uma edleka ngokungalingani kufanele uyokwenza i-wheel-alignment.
Namabhuleki akho kufanele ahlolwe ngaso leso sikhathi - uma ungawashintshi ama-brake pads nama-linings ngaphambi kokuba adleke, uzozwa umsindo wokudleka kwawo lapho imoto ihamba, lokho kwenze imoto ingami lapho uthi uyayimisa.
Ngaphandle kwezingozi, kungenzeka uphukelwe yimoto nabomndeni wakho, ikushiye emseni wezinswelaboya, abadlwenguli namasela.
Bheka amapayipi e-radiator ne-fanbelt, uwashintshe uma kudingeka. Thatha amadala uhambe nawo, ukuze akusize uma kwenzeka uhlangabezana nesimo obungasilindele.
BONA ZULU - December 2005
indaba nesithombe nguGAVIN FOSTER
NGENHLA "Angikuvumeli ukudinwa emgwaqweni," kusho uJackson Mathebula (75) esimbona ne-bakkie yakhe ayethembayo. "Uma abanye abashayeli bengimemeza ngokuthetha noma bengishayela amahutha, ngivele ngingabanaki ngizihlekele ngiqhubeke nohambo."
