zulu.1007.yourlifeguide_HIV
Dear Criselda
Unombuzo nge-HIV noma i-AIDS? Udidekile? Unokwesaba? Ungakhathazeki uCriselda Kananda wodumo lomsakazo neTV uphendula imibuzo yakho
I-HIV ibulala ubungani
Dear Criselda: Umngani wami uHIV-positive kanti angazi ukuthi ngingamsiza kanjani. Sineminyaka engu-15 singabangani kodwa ngibona sengathi isifo esimphethe silimaza ubungani bethu. Asisaxoxi ngalutho, usengishintshele kakhulu akasafani nomuntu engimaziyo.
KG, Alberton
U-Criselda uphendula athi:
Le yinselelo abangani nemindeni ababhekene nayo. Kuvame ukuthi uma umngani ephumela obala ngesifo sakhe sicabange ukuthi sekufanele sizihluphe ngempilo yakhe. Siphawula ngokumele akudle, akuphuze noma akugqoke sengathi singochwepheshe.
Kugade lokho, awusiye umeluleki wakhe wezempilo kodwa ungumngani. Kungcono nenze izinto enanivame ukuzenza engakabi HIV-positive.
Kungenzeka ukuthi wayengakakulungeli ukuphumela obala ngesimo sakhe futhi useyazisola ukuthi wakutshelelani. Uma ugxila ekubeni ngumngani weqiniso kuyena, uzozethemba akhululeke.
Ukukhuluma ngeHIV enganeni yami
Ngikhulisa ingane yentombazane eneminyaka eyisikhombisa eyadlwengulwa yathelelwa ngeHIV. Udokotela wathi kufanele iqale ama-ARVs. Angikaze ngikhulume nayo ngesifo sayo. Yini engingayenza kulesi simo?
Ester Janjties, Kenilworth
U-Criselda uphendula athi:
Isimo okusona sibucayi kanti sibuhlungu kakhulu kumuntu okhulisa ingane noma ongumzali. Kuhle uxhumane nomeluleki noma nodokotela wezengqondo oqeqeshiwe.
Ukuxhumana kwakho nendodakazi yakho kubalulekile ngoba kufanele ube nendlela yokukhuluma nayo. Engxoxweni yenu nizozwakalisa imibono nemizwa yenu. Uma lokho ningakwenzanga kahle, kuzoba sengathi niyizahluleki noma indodakazi yakho izisole yona ngokudlwengulwa kwayo.
Kufanele izizwe yamukelekile ikhululekile ngakho konke oyitshela kona uma senikhuluma nayo. Ingane ekhululekile ayizigodli izinkinga zayo. Ukwazi ukuthi uyithanda njengoba injalo kuzovuselela ukuzethemba kwayo.
Ngethemba ukuthi uzothola usizo olufanele ngoba ukuyitshela ngesimo sayo kumele kwenziwe ngokucophelela. Uma kukhona imibuzo onayo ngama-ARVs buza kudokotela.
Ngiphumele obala ngesifo sami?
Sekuphele iminyaka ngiHIV-positive. Ngisanda kufaka isicelo somsebenzi ngabuzwa ukuthi asikho yini isifo esingiphethe. Angazanga noma kufanele ngisidalule yini isimo sami noma cha ngangafaka mpendulo efomini enganginikwe yona. Ngingasidalula yini isimo sami komunye okungenzeka angiqashe?
Dora D, Pretoria East
U-Criselda uphendula athi:
Ngeshwa abantu abaneHIV basacwaswa ekubeni lokho kuphambene nomthetho. Lokho kuyimbangela yokuthi abantu bangaphumeli obala ngesimo sabo.
Ukuphendula umbuzo wakho, kuya ngomsebenzi ofake isicelo sawo - kukhona imisebenzi ongeke wayenza kahle uma usunezifo eziyingozi.
I-HIV ayithelelani ngaphansi kwezimo zokusebenza ezijwayelekile ngakhoke akekho umuntu ongakhathazeka ngokuphepha kwakhe. Uma usuthathe isinqumo sokuphumela obala, kunemithetho evimbela izinkampani noma izinhlangano ukuba zingakucwasi ngenxa yesimo sempilo yakho.
Limi kuphi ikusasa lami?
Ngineminyaka engu-21 kanti kwatholakala ukuthi ngineHIV ekuqaleni kwalo nyaka. Ziningi izinto engingenasiqiniseko ngazo. Ngifuna ukushada ngithole abantwana kodwa angifuni ukuba ngumthwalo kwabanye abantu. Ubudlelwane bami nesoka lami abubuhle. Ngisanda kuhlangana nomunye umlisa ngamtshela ngesimo sami futhi uyangiseka. Ngicela iseluleko sakho ngoba angazi ukuthi ikusasa lami limi kuphi.
Vannessa, CT
U-Criselda uphendula athi:
Okokuqala, ngibonga ukuthi uhloliwe kanti usunolwazi ngesimo sakho. Udinga ukwelulekwa ukuze kuphenduleke imibuzo yakho.
Okwesibili, awukwazi ukulungisa ubudlelwane obungekho esimweni esihle ngokungena kobunye. Akusilo iqiniso ukuthi awukwazi ukuthola abantwana ngenxa yeHIV kanti ungashada uphile impilo enhle. Lokho kungenzeka uma uzinakekela usamukela futhi isimo sakho.
Ikusasa likuphathele okuningi kodwa kufanele uzihluphe wenze okuthiwa kwenze. Khululeka uphile impilo yakho ngokunethezeka. [z]
HIV Q&A
Ngabe unombuzo?
Bhalela uCriselda kuleli kheli: HIV Q&A, Box 473014, Parklands,
2121.
Ukungadalulwa kwakho siyakuqinisekisa
