zulu.1445.sci (2)
Onga imali, onga ugesi
UGESI ukalwa ngama-watts. Noma kuphi lapho ugesi usetshenziswa khona, kusukela emafekthri nasemahositela kuya emahhovisi nasendlini yakho kukhona i-meter yokukala ukusebenza kwawo.
Lento ibizwa ngokuthi yi-kilowatt hour (kWh) meter.
I-watt yamandla kagesi into encane kakhulu, ngakhoke njengoba sithi ama-metre angu-1 000 ayi-kilometre, nama-watts angu-1 000 enza i-kilowatt. Lento ilusizo kakhulu ekusebenzeni ngayo nasekukaleni.
I-kWh meter ine-disc ezungezayo esingayifanisa nerekhodi le-gramaphone lakudala. Uma usebenzisa amandla amaningi, ne-disc izungeza ngamandla amakhulu.
Ngesikhathi izungeza, ishintsha amagiya akhombisa ukuthi mangaki ama-unit kagesi asetshenzisiwe ngesikhathi esingakanani.
Lama-unit uwathola ngokuba uphindaphinde ama-watts ngesikhathi ugesi osetshenziswe ngaso. I-kilowatt elilodwa elisetshenziswe ihora, lilingana ne-unit eyodwa.
Ngakhoke i-heater kagesi esebenzisa i-kilowatt eyodwa amahora amathathu, isinika ama-unit amathathu.
Kodwa i-heater esebenzisa ama-kilowatt amathathu ihora elilodwa nayo izosebenzisa ama-unit amathathu.
Lokhu kusho ukuthi uzokhokhiswa ngokufanayo ngisho ngabe usebenzise i-heater engu-3 kilowatt isikhathi esifishane.
Uma uzowusebenzisa ekhaya - i-unit ibiza cishe 28c.
Uma sifuna ukonga imali ngogesi, kufanele sifune izinto ezenza umsebenzi ofanayo kodwa ezisebenzisa amandla amancane (ama-watts noma ama-kilowatts).
Enye indlela elula yokonga wukuba ushintshe amalambu angasebenzi kahle (abizwa ngokuthi ama-GLS lamps) ekhaya lakho ufake anamandla amaCompact Fluorescent Lamps (CFL).
Ilambu le-GLS yilambu esilijwayele futhi elingabizi. Kodwa lisebenzisa amandla amaningi ukukhipha ukukhanya.
I-CFL yona ibiza kakhudlwana, kodwa nakhu okufanele ukwazi… Ilambu elincane i(GLS) ithatha cishe amahora angu-1 000 ekubeni iCFL ingathatha amahora angu-6 000. Ngesikhathi esifanayo, kungadingeka uthenge amaGLS ayisithupha – abiza ngaphezu kwenani ozolikhokha ngeCFL eyodwa.
Ngasekusebenziseni amandla kagesi, iCFL engu-14 watt izonika cishe ukukhanya okulingana nelambu leGLS elingu-75 watt.
Izindleko zizokuba zincane njengoba i-disc kwi-kWh meter izobe ihamba kancane.
Ngakhoke njengoba ukubiza kokuqala kweCFL kuko-R13, le mali kuyefana nokuthi iyabuya futhi ngenxa yobuncane bezindleko zokusebenza kukagesi.[z]
ulwazi nilwethulelwe nguLOHUIS
BONA ZULU – January 2006
Iphrojekthi kaBONA
