zulu.1444.sport
Ngabe isimo sebhola kuleli sesisibi kanje? Awubheke udoti omningi kangaka - kodwa akekho noyedwa ofuna ukungenelela enze umehluko?
Izwe
Labahlulwayo!
Uma sekuziwa ngasebholeni, nakweminye imidlalo - sinalo ikhono - pho yini sehlulwe wukudlala? Kungani ezokuthuthukiswa kwemidlalo zisenkingeni kangaka eSA? Indaba nguForce Khashane, izithombe nguMolefi Sebatie
BONA ZULU November 2008
SIYADUMAZA! Lena iyona ndlela esingasichaza ngayo isimo sebhola neminye imidlalo eSoweto. Sakhombisa okukhulu ukujabula ngesikhathi sinikwa igunya lokubamba imidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010, kodwa akekho owazihlupha ngokuba kulungiswe isimo seqembu lethu lesizwe. I-Soweto iyona ndawo enhle kakhulu yokuqala sibheke sibone ukuthi konakele kuphi.
I-Soweto kufanele ngabe indawo ephakela kakhulu imidlalo eminingi ngamathalente amaningi. Kodwa njenganoma iyiphi indawo, umona nepolitiki sekube nomthelela omubi ngokungenelela kwezemidlalo kuleli lokishi elaba wukukhanya okuphambili emzabalazweni wenkululeko.
Maduze nje, ukwenza isibonelo, izikhulu zebhola zethuka kakhulu ukubona izindlu zakhiwe kwenye yezinkundla zezemidlalo endala eSoweto eyaziwa ngokuthi yiSputnik.
Kukule nkundla eseduze kwasehostela laseMeadowlands elidala lapho kwaqhamuka khona izihlabani zebhola ezifana no-Neo "City Late" Lichaba noRhyder Mofokeng.
"Akekho owake wasitshela ukuthi kuzokwakhiwa izindlu ezinkundleni zebhola," kusho oyisikhulu ebholeni lama-amisha uHenry Mchunu. "Savuka ekuseni ngelinye ilanga sabona sekumbiwe imisele. Lokhu kubulala umphakathi wethu kuncishe nezingane zethu ithuba lokudlala ibhola. Kwathi lapho sikhalaza kubakhi sithi asinayo enye indawo yokudlala umdlalo esiwuthandayo basibuza bathi: 'Nifuna indawo yokulala noma inkundla yebhola?'"
Kwaphela izinsuku ezingaphezu kwezinhlanu sizama ukuxoxisana noMnyango weziNdlu eGauteng mayelana nenkundla
yebhola iSputnik
kodwa
lokho akuzange kube yimpumelelo.
Sonke sasikholwa wukuthi kuzokuba nenkulu intuthuko kwemidlalo kwiSouth Africa eNtsha kodwa kwenzeka okwehlukile.
NGISHO ngabe uyakukholwa lokhu noma cha, uhulumeni wobandlululo kubukeka wenza lukhulu ukuthuthukisa amakhono kwezemidlalo - ikakhulu emazingeni asezikoleni.
Lokho kuyiqiniso ngendawo yaseSoweto nokuyilapho i-Altem Secondary e-Orlando East kwabonakala kulezo zinkundla izihlabani ezifana noJomo Sono, Kaizer Motaung, Percy "Chippa" Moloi no-Ephraim "Shakes" Mashaba baqala khona ukudlala ibhola.
Ngaleso sikhathi iSputnik nezinye izindawo e-Orlando, Moroka, Diepkloof, Senaoane, Mofolo, Naledi, Meadowlands, Pimville naseJabavu zazivame ukuba nemiqhudelwano yezikole nemidlalo yamaligi ama-amisha.
Namuhla, akusikho ukushabalala kwalezi zinkundla zebhola kuphela, kodwa nemidlalo yama-secondary nama-high school eyayiba ngoLwesithathu kanjalo nemidlalo yamakilabhu ama-amisha ngezimpelasonto ayisazidonsi izihlwele zababukeli njengoba kwakwenzeka.
Namaqembu ayelandelwa kakhulu awasekho - amaqembu afana no-Orlando Preston Brothers, Orlando Highlanders, Extension Gunners, Diepkloof Blue Spurs, Pimville Tiny Rockies, Zola Black Dragons, Moletsane Young Tigers, Meadowlands Darkies namanye amaningi.
UMBANGO wamandla okuphatha owaholela ekufeni kweSouth African National Football Association ngaphansi kukaGeorge Thabe nokuqubuka kweSouth African Football Association nakho kwafana nokunye ukufa ebholeni lama-amisha eSoweto nakwezinye izingxenye zezwe.
Izinhlangano ezifana noJohannesburg Bantu Football Association (JBFA) nazo zabhuntsha ekubeni zadlala indawo ebalulekile ekwakheni izihlabani ezifana noZacharia "Computer" Lamola noGeorge "Brains" Mchunu.
"Ukunyamalala komongameli ababephethe amakilabhu ama-amisha emalokishini kwalikhubaza kakhulu ibhola lethu," kusho uPhil Mogodi ongumphathi weSAFA-Soweto.
"Njengamanje sifuna ukuthuthukisa ibhola entsheni nokuba sinxuse abazali ukuba basisize ekuthuthukiseni amakhono."
Ukuvumile ukuthi ibhola lama-amisha libhekene nesikhathi esinzima. Kulokhu ugxeke amandla okuphatha alabo ababengomongameli bamakilabhu ama-amisha, ababengabaqeqeshi baphinde babe ngabanini bamaqembu nokuyinto eyayingahambi neze kahle.
"Baningi abadlali abanamakhono asalindele ukugqanyiswa eSoweto kodwa lokhu kukhutshazwe wukwentuleka kwezimali njengoba singalutholi usizo lwezimali kuSAFA," kusho yena.
Kudingeka ukuba azabalaze ekutholeni abaxhasi nezimali.
KWENZEKANI ezikoleni? "Izikole zethu azilidlali ibhola neminye imidlalo ngezinga elifanayo nalelo lesikhathi esedlule," kusho omunye wothishanhloko. "Akukho ukuzinikela. Othisha balindela ukukhokhelwa ngokusebenza isikhathi esengeziwe bese kuhlupheka izingane."
Phambilini nothisha babekhuthazwa ukuba basize abafundi ukuba bazibandakanye nezemidlalo ngisho nangale kwesikhathi sesikole, kodwa iSouth African Democratic Teachers Union yagcizelela ukuthi ezemidlalo kufanele zibanjwe kuphela ngesikhathi sesikole - ngaleyo ndlela kwaqala inkathazo.
"Kudala izikole zazifaka umdlandla ekutheni zenze isiqiniseko sokuthi amaqembu azo ezemidlalo ngawekhwalithi ephezulu, kodwa lokho manje akusenzeki," kusho kuvuma omunye uthishanhloko.
"Asisenaso isikhathi sokuhlela izinhlelo zezemidlalo. Sasikhiqiza amaqembu amahle kakhulu esikhathini esedlule ngoba imiNyango yezeMfundo neyezeMidlalo yayisisiza ekuhleleni uhlaka lwemidlalo yezikole, izifundo zokuqeqesha nokunika abantu ithuba lokuphatha emidlalweni yethu, thina sigxile kakhulu ekufundiseni ekilasini siphinde futhi sakhe amaqembu ethu emidlalweni ehlukene."
UPanyaza Lesufi woMnyango wezeMfundo ukuchithile lokho njengombhedo.
"Ezemidlalo ziyingxenye yezinhlelo zokwakha. Uma bethi ngeke bakwazi ukumelana nalokhu, kungani pho saba nesikole esaba nempumelelo engaka emqhudelwaneni weDanone Soccer saze sasimela phesheya?"
Kodwa ukuwa kwamazinga esikoleni akusho ukuthi bambalwa abadlali abanekhono abaqhamukayo. Okunye futhi wudaba lokuzihlonipha...
Owayengumdlali wasesiswini kwiBafana uLinda Buthelezi, ugxeka ukungadlali kahle kweqembu lethu lesizwe ngenxa yokungaziphathi ngenhlonipho kwabesizukulwane esisha sabadlali.
"Sasifundiswa inhlonipho ngisafunda esikoleni," kusho yena. Waphinde wagxeka izikhulu zebhola. "Zalibulala ibhola lethu ngokusiqashela izinhlanya zabaqeqeshi bokufika emakilabhini nasemazingeni kazwelonke. Sakhombisa ngoClive Barker ukuthi ikhono esinalo ekhaya, lingehlula umhlaba. Izikhulu zethu kufanele zibandakanye labo ababengabadlali kudala ekuthuthukisweni kwebhola.
"Labo ababengabadlali banamakhono nobuhlakani bokwakha abadlali abasebancane.
"Ungalindela kanjani ukuba ibhola lezikole libe nempumelelo uma izinhlangano eziphethe ibhola zingabi yisibonelo esihle?
"I-SAFA yiyo okufanele ngabe ingumkhomba ndlela wentuthuko itholele nezikole zethu abaxhasi."
Engxoxweni yomsakazo yakamumva, oyisekela mongameli weSAFA uDkt Irvin Khoza wathi inhlangano yebhola kazwelonke ayinayo imali eyanele yokusiza ngezimali zokuthuthukisa ibhola. [z]
EZEMIDLALO
Manje sekwakhiwe izindlu lapho amaqhawe ebhola aqala ukuzibonakalisa khona.
BONA ZULU November 2008
Siwethulela isigqoko lawo maqembu ama-amisha asaqhubeka nokudlala.
Amaqembu ama-amisha cishe asekujwayele ukudlala ezinkundleni ezinodoti namatshe.
BONA ZULU November 2008
"Babulala ibhola lethu
ngokuqasha
izinhlanya zabaqeqeshi bokuhamba."
BONA ZULU November 2008
UKK Sono ongumfowabo kaJomo Sono omncane wayedlalela i-Orlando Pirates, manje usenza umsebenzi wokuthungatha abadlali abanekhono. Ungomunye wabathi ngaphandle kokuthuthukiswa kwebhola ezikoleni, ngeke iBafana ibe ngoshampeni bomhlaba.
UPhil Mogodi ongumphathi weSAFA-Soweto uvumile ukuthi ibhola lama-amisha libhekene nesimo esinzima.
ULinda Buthelezi ugxeka ukungabikho kwenhlonipho ekungadlalini kahle kweqembu lethu lesizwe.
