zulu.1442.soccer legends
Bayeza enkundleni yangakini
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabeTOUCHLINE PHOTO
Doctor Khumalo.
BONA ZULU – February 2006
Bayizingqalabutho ebholeni laseSA – kanti sebebuyile bathokozisa izihlwele…
Sam Kambule.
ABASENAWO lowo mdlandla ababenawo phambilini kanti abasenalo nejubane ababegijima ngalo. Bakhuluphele, amadolo awasavumi kahle, kuyabonakala ukuthi iminyaka isihambile.
Kodwa basenogqozi nothando lwalo mdlalo abasathokozela ukuwudlala.
Ungakhohlwa wukuthi nokuncintisana kusekhona.
Lezi zingqalabutho zebhola laseSouth Africa zisaqhubeka nokuphatha amakhokho azo cishe masonto onke zisikhumbuze izikhathi lapho ibhola elikhokhelwayo lalisadlalwa khona ngesasasa elingafani nelamanje kodwa lidlalwa ngobuchule.
Amaqembu anjengeKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates asakwazi ukuhlanganisa abadlali bawo bakudala bashaye amajezi amaqembu abo bangene enkundleni benze ababedume ngako.
Okwaqala kungumbono nje sekuphenduke imboni kanti likhulu nesasasa lokubona izihlabani zebhola zakudala.
Abadlali abanjengoPule “Ace” Ntsoelengoe, Jan Lechaba, Doctor Khumalo no-Isaac “Shakes” Kungoane babalwa kwabayizingqalabutho zebhola kanti bazungeza izwe lonke bedlala.
Isizukulwane samanje sithola ithuba lokuzibonela ngawaso ubuchule obabuthatha amehlo esizwe sonke uma laba badlali sebesenkundleni.
Yize noma o-Ace noDoctor beChiefs bengasagijimi ngendlela esibazi ngayo, basenalo ikhono elagqama eminyakeni edlule.
Basaziqhenya ngalo mdlalo kanti badlala ngokuzimisela.
Umbona ngisho ehlezi ebhentshini uRyder Mofokeng owayengukaputeni weChiefs ukuthi akakhululekile uma ezakhe zisenkundleni.
Usuke usumthinte emanonini uWilliam “Cool Cat” Shongwe ongunozinti uma ukhuluma naye ngemidlalo yezingqalabutho esazolandela.
KwiMamelodi Sundowns kuboshelwe izihlabani ezazidlalela iBafana Bafana ezinjengoBennett Masinga, Zane Moosa noSam Kambule odlala emumva.
Yilezi zinkunzi ezibhulela amazolo amaqembu asuke ezodlala enkundleni kanti ngeke ngimangale uma kungukuthi abalandeli basuke bezobuka zona ezinkundleni zemidlalo. [z]
Bakwenza ngothando
Zane Moosa.
u
BONA ZULU – February 2006
William “Cool Cat” Shongwe.
Jan Lechaba.
t
Izihlabani zebhola zakudala! soccerlegends
BONA ZULU – February 2006
Pule “Ace” Ntsoelengoe.
Isaac “Shakes” Kungoane.
Bennett Masinga.
