zulu.1441.africa
I-Mauritius
yisiqhingi senjabulo
Ziqhenye ngokuba ngumAfrica – 40
nihlanganiselwe nguWALTON GOLIGHTLY
izithombe ngabeGREAT STOCK!
I-MAURITIUS, okuyi-republic ezimele entshonalanga ye-Indian Ocean, nasempumalanga yeMadagascar, inalezi ziqhingi ezilandelayo: iMauritius, nokuyilapho inhloko-dolobha ikhona, iRodrigues empumalanga; iziqhingi zase-Agalega enyakatho; kanye neCargados Carajos Shoals enyakatho-mpumalanga.
Le republic isingethe futhi i-Chagos Archipelago (okuyindawo ephethwe kwelaseFrance) kanye neTromelin Island (ephethwe yiFrance).
Lesi siqhingi satholwa ngamaPutukezi ngo-1505 kanti saphathwa amaDutch, amaFulentshi neBrithani ngaphambi kokuthola inkululeko ngo-1968.
Leli lizwe linomlando omuhle woMbuso weNtando yeNingi nokhetho olukhululekile kanjalo namalungelo abantu kanti baningi abatshali zimali bakwamanye amazwe abatshale izimali zabo kulona.
Inhloko-dolobha – Port Louis.
Izifunda – ezintathu eziyingxenye yaleli lizwe – Agalega Islands, Cargados Carajos Shoals, Rodrigues – nezabelo eziyisishiyagalolunye: Black River, Flacq, Grand Port, Moka, Pamplemousses, Plaines Wilhems, Port Louis, Riviere du Rempart, Savanne.
Isimo sezulu – sifanele ukulima; kufudumele, komisile ebusika kanti ehlobo kuswakeme (November kuya kuMay).
Inkolo – eyamaHindu: 48 percent; eyamaRoma: 24 percent; ezinye zamaKhrestu: 9 percent; eyamaSulumane: 17 percent; ezinye: 2 percent
Impilo – eyabesilisa: 68 iminyaka; eyabesimame: 76 iminyaka
Izilimi ezisemthethweni – isiFulentshi nesiNgisi
Imali – Mauritian rupee
Izwe
l
Ubukhulu bendawo: 2 040 square kilometres.
l
Indawo emaphakathi: amagquma amancane akhuphukela ezintabeni.
l
Isiqhingi esikhulu igama laleli lizwe elithathelwe kuso, sakheka ngenxa yentaba-mlilo kanti sizungezwe inhlabathi eyizindunduma ephuma ngaphansi komhlaba.
l
Isiqhingi saseMauritius sincike kakhulu ekukhiqizeni umoba. Ukusetshenziswa kakhulu kwemithi yokubulala izinambuzane emasimini, sekwenze ukuba zingezweli futhi kungabi lula ukufa kwazo.
Abantu
Izwe laseMauritius linesibalo sabantu ababalelwa ku-1 230 602 (nokuyizibalo ezalinganiswa ngo-2005), esingazihlaziya ngokuthi bangu-666 abantu abahlala endaweni engaba yi-square kilometre, nokungesinye sezibalo ezinkulu emhlabeni.
Cishe izingxenye ezimbili kwezintathu zabantu bakuleli lizwe ngabokudabuka eNdiya, ekubeni abayisizukulwane esixube abakwelase-Africa nabasentshonalanga, abaziwa ngokuthi ama-Creoles, bangaphansi kwengxenye eyodwa kwezintathu zabantu bakule ndawo.
Kwabayimithonseyana, kukhona abangamaShayina nabakwelase-Europe; iMauritius ingelinye lamazwe anesibalo esikhulu sabantu bakwelaseShayina e-Africa.
Ulimi lwesiFulentshi nolwesiNgisi yizona ezisetshenziswa kakhulu kuhulumeni nasemabhizinisini. Izimpawu zomgwaqo zingesiNgisi, kanti amaphephandaba amaningi nokusemithonjeni yezindaba kungesiFulentshi.
Umculo wobugqila
Ingoma engajwayelekile ehambisana nomdanso, eyaziwa ngokuthi yi-séga, isifana nengxenye yempilo kuleliya lizwe njengoba yaqala ngezikhathi zezigqila. Umuntu obalulekile owazakhela udumo nge-séga kwaba nguTi Frère (1900-1992). I-séga yanamuhla eyaziwa ngokuthi yi-seggae, iyingxube ye-séga nomculo we-reggae.
BONA ZULU – November 2005
Umoba utshalwe endaweni cishe engamaphesenti angu-90 kanti ungenisa imali engamaphesenti angu-25 ngokuthengiswa kwamanye amazwe.
NGEZANSI: Amabhishi amahle yiwo aheha abavakashi eMauritius.
UMLANDO
NAKUBA leli lizwe selibe nokuzinza cishe iminyaka engaphansi kwengu-400, kodwa laqala ukuvakashelwa ngabangama-Arab ngaphambi kwesikhathi seminyaka ye-10th Century, ngo-15 Century kwaba abantu bakuleli lizwe kwathi ngeminyaka yo-1500 kwaba ngabaseDutch.
Ngonyaka ka-1598, laphathwa ngamaDutch aliqamba ngegama likaMaurice of Nassau, owayeyimantshi enkulu yaseNetherlands.
AmaFulentshi athatha izintambo zokuphatha ngo-1715. Lesi siqhingi sadliwa yiBrithani ngo-1810 ngezikhathi zezimpi zikaNapoleon kwathi ngo-1814, laphathwa ngelaseBrithani ngokusemthethweni.
Ukuhlangabezana nezinkinga zabasebenzi ezaqubuka ngokuqedwa kwezigqila embusweni waseBrithani, abalimi babevunyelwa ukulanda izisebenzi zakwelaseNdiya, nokwathi kusukela ngo-1861 kwagcina sekukhona amaNdiya kule ndawo.
IMauritius yathola inkululeko ngoMarch 12, 1968. I-Mauritius Labour Party (MLP), eyayiholwa nguSir Seewoosagur Ramgoolam, yabusa izwe laseMauritius iminyaka yokuqala engu-14 yenkululeko.
Iqembu eliphikisayo iMauritian Militant Movement (MMM) yadlondlobala ngeminyaka yo-1970 kwathi ngo-1982 yathatha izintambo zombuso ngaphansi kobuholi buka-Anerood Jugnauth.
UJugnauth owaqunjwa phansi eqenjini leMMM wazisungulela iqembu lakhe elisha iMauritian Socialist Movement, nokuyiqembu elabambisana neMLP lawina izihlalo eziningi ephalamende ngo-1983. Leli qembu likaJugnauth laphinde laqokwa ngo-1987 nango-1991. IMauritius yaba
yi-republic ngo-1992, kwathi uCassam Uteem waba wumongameli wayo.[z]
Ababusi besiqhingi
Kusukela ngo-1968 kuya ku-1991, iMauritius yayiphethwe yizwe laseBrithani. NgoMarch 1992, leli lizwe laba yi-republic kwathi u-governor-general wathatha izintambo zokuphatha. UCassam Uteem waba ngumongameli kusukela ngoJuly 1992 kuya kuFebruary 2002, kanti waqokwa kabili eqokelwa eminye iminyaka emihlanu eqokwa wuMkhandlu kaZwelonke.
UMkhandlu kaZwelonke unamalungu angu-62 aqokwa ngokuvotelwa, namanye amane akhethwa emaqenjini angaphumelelanga. Oyi-prime minister nguye ongumphathi wezwe futhi owengamele uMkhandlu woNgqongqoshe.
BONA ZULU – November 2005
Iphrojekthi kaBONA
