zulu.1438.yourlifeguide_muthi
Uma imimoya engabonwa
IPHAZAMISA IMFUNDO YAKHO
Abazali kufanele benze konke okusemandleni uma befuna ukwazi imbangela yokungaqhubi kahle kwezingane zabo esikoleni
UMZALI waseSoweto okhathazekile ubhale wathi kunemimoya engabonwa ephuce indodana yakhe ikusasa layo ngokuyincisha ithuba lokuthola imfundo engcono. Uthi emva kwezinsuku ezimbalwa indodana yakhe izelwe, wahlangana nomuntu angamazi esitaladini wathi: "Indodana yakho ngeke iyibone incwadi esikolweni."
"Sekuya ngamagama aleyo ndoda," kusho umzali. "Indodana yami iyazifeyila izifundo zayo.
"Kodwa angikalilahli ithemba," kuqhuba umzali wengane ofuna ukwazi ukuthi ngabe likhona yini ikhambi elingasiza indodana yakhe.
Akayedwa lo mfundi waseSoweto kule nkinga. "Ngenza unyaka wesibili ezifundweni zobuhlengikazi," kubhala owesimame waseQueenstown oneminyaka engu-23. "Ngifunda ngokuzimisela kodwa kukhona okungiphazamisayo.
"Ngikhohlwa kalula angikhumbuli lutho uma sesihlolwa ngisho noma ngitadishile."
Umfundi unovalo lokuthi iphupho lakhe ngeke lisafezeka kanti naye ufuna ukwazi ukuthi ngabe ukhona yini umuthi ongamsiza enkingeni yakhe. Baningi abafundi abasibhalelile abanenkinga enjengalena.
Abazali kufanele benze konke okusemandleni ukuze bathole imbangela yokungaqhubi kahle kwezingane zabo esikoleni.
Ngakhuluma no-Oupa Magosinyana oneminyaka engu-33 eyisangoma kanti uyavuma ukuthi kunezinto ezithile okumele zibhekisiswe ukuze abafundi basizwe kulezi zinkinga.
Amadlozi angakwenza isilo sengubo ngokuncisha ingane yakho noma umzukulu wakho imfundo. Ngamanye amazwi, lokho kungaba yindlela yokukuqwashisa ukuze ulungise amaphutha okungenzeka ukuthi wawenza.
Nazi izinto okumele uzibheke uma ucabanga ukuthi umuthi ungasiza ingane yakho (noma wena) ukuze kufundeke esikoleni noma enyuvesi:
1 UHLANGOTHI LWAMADLOZI. Umuntu uvame ukuvikelwa amadlozi abazali bakhe bobabili, kodwa izinkinga zingaba khona uma kunohlangothi lwamadlozi olungathokozile luze luqhele enganeni.
2 AMAGAMA AKHO. Uma uqanjwe ngegama lomuntu ongasekho, kufanele wenzelwe umsebenzi wethulwe emadlozini.
Kokunye ingane ingaba nenkinga uma kungukuthi amadlozi ayefuna uyiqambe ngegama elithile.
Okunye: ngabe ubizwa ngesibongo sakho" Lokho kumele ukuthole ngokushesha. (Ukwenza isibonelo: isibongo sikababa wakho kusadingeka ukuba usazise ngisho noma usebenzisa isibongo sikamama wakho ngoba abazali bakho bengashadile.)
3 ISIKO. Amanye amadlozi ayathukuthela uma ingane ezelwe ingenzelwanga ngendlela imbeleko.
4 AMASHWA. Ukungahloniphi abadala nokwenza okuphambene nemiyalo yabazali bakho kungenza ube namashwa. Uma umuntu omonile eshona ungaxolisanga kuyena, ulaka lwakhe ngeke lugcine ngokuwela ezinganeni zakhe nje kuphela kodwa lungawela nakubazukulu. Thola umsuka wolaka lwakhe wenze umsebenzi ushweleze. Uma umuntu enahilizisana naye esaphila, xolisa kuyena.
5 UBIZO. Ukungalunaki ubizo lobungoma kungadalela wena nomndeni wakho izinkinga.
6 AMAKHAYA EMINDENI NAMANGCWABA. Imindeni iyalwa ibange imizi emidala yabazali noma yomkhulu nogogo. Emibangweni yalolo hlobo imizi igcina isidayiselwe abantu abangaziwa nokuyinto ethukuthelisa amadlozi.
Amangcwaba nawo adinga ukunakekelwa. Uma singabakhohlwa abethu abangasekho, nabo ngeke basikhohlwe.
7 IMIMOYA EMIBI. Kungenzeka imimoya emibi ithikameze ingane yakho esikoleni. Yisangoma esingakusiza ekulweni nemimoya emibi.[z]
Bhalela uForce Khashane kuleli kheli: Muthi Talk, Box 473014, Parklands, 2121, e-mail: muthi@caxton.co.za
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
Imimoya emibi ingaba yimbangela yale nkinga
EZEMITHI
