zulu.1437.letters
Sanibonani bangani
Esikhathini esedlule umngani wayenomcimbi wezintokazi ebusuku owawufana nestokifela. Omunye umngani wayephuza ingilazi yewayini elibomvu. Indodakazi yakhe encane yambuza ukuthi ngabe usephuza "umuthi" wakhe yini futhi?
Esikhundleni sokutshela ingane yakhe ukuthi wayephuza iPinotage, wabona kungcono ayikhohlise ngokuthi uphuza umuthi wakhe.
Lokhu kungenze ngacabanga: Ngabe kubi ukuba umama aphuze utshwala phambi kwengane yakhe? Ekhasini 30 sizama ukuphendula umbuzo wakho.
Wena uthini? Sibhalele noma uSMSe sizwe uvo lwakho ngalolu daba olubukeka luzoqubula inkulumo-mpikiswano.
Engosini yethu yezeMithi ekhasini 83 sikhuluma ngokuthi ungafunda kanjani ukwamukela igama lakho elingasho okuhle owaliqanjwa uzalwa.
Baningi abantu ababizwa ngoGwababa, Nonsokolo noma Dikeledi abangathokozile ngamagama abo ngoba ebakhela isigcwagcwa bazenyeze noma abe negalelo elibi ekuphathweni kwabo.
Nami ngangilizonda igama lami engangibizwa ngalo e-high school nakuba lalingelibi kakhulu - iminyaka engu-12 yonke ngifunda ngibizwa ngoMarjorie!
Ngenhlanhla ngakwazi ukuba ngehlukane naleli gama lesilungu sengiphothule u-matric ngasebenzisa elami lesintu. Uma nawe unegama obona ukuthi liyakuphoxa, sitshele lithini - mhlawumbe uzothola ukuthi alilibi kakhulu.
Kuze kube ngokuzayo!
UNKULUNKULU AniBusise
IZINCWADI
Sbu
Mpungose
Incwadi ewinile
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
fax: 031-912-2720 e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
YINYE into engisanda kuyiqaphela, wukuthi abazali sebegeze izandla njengoPilatu emsebenzini wabo abawabelwa wuNKULUNKULU wokukhulisa izingane ngenhlonipho ukuze zibe ngabaholi abaqotho.
Uthola ingane eneminyaka engu-12 iyagqwegqwa emgwaqweni idakiwe, abantu abadala bavele bashaye sengathi ababoni bazithulele bangasho lutho.
Noma yini eyenzekayo "Izingane zakho ngezami, ezami ngezakho kufanele sizinakekele ndawonye".
Okunye okwethusayo, wukubona umuntu omncane oneminyaka engu-25 ehleli eduze kwabazali bakhe eziphuzela abazali bangasho lutho.
Into ebuhlungu ngokuphuza utshwala kwezingane ezincane wukuthi bubulala ama-cells omqondo ekubeni sibheke ukuba kuwo lawa ma-cells kuphume onjiniyela nodokotela.
Wonke umuntu uthi "intsha iyikusasa lethu" - ngabe lokho singakusho entsheni yanamuhla? Kuyacaca iningi labantu abasha alinandaba nekusasa.
Ngingumuntu okhathazekile ongathanda ukubona abantu abadala beshintsha ukwenza kwabo babambelele esibophweni sabo sokukhulisa izingane ngendlela yenhlonipho.
Mankgele Mahlatse, Riba Cross
Awucabange ukhombisa imizwa yakho yonke ngosizo lweSamsung M620. I-Nashua Mobile iyakuxhumanisa ngezinhlobo eziningi zama-cellular ongakhetha kuzona nemikhiqizo yama-data nangosizo lomsebenzi. Ngeminye imininingwane shayela: 0861-531-531 noma uvakashele: www.nashuamobile.co.za
IZELULEKO ZABANTU ABASHA
INDLELA engcono yekusasa eliqhakazile iqala esikoleni. Impumelelo ayihlanganise lutho nendlela obukeka ngayo noma ogqoka ngayo. Impumelelo incike ekuzihlonipheni nasekuziphatheni kahle kwakho.
Esikoleni kulapho kwakhiwa khona umuntu afundiswe inhlonipho.
Lebogang Mpudi, KwaXuma
ZIHLONIPHE. Zicabangele wenze okulungileyo. Yiba nothando lwento oyenzayo ungasichithi isikhathi. Lezi yizona zitebhisi ezingakubeka esicongweni sempumelelo empilweni.
BK, Soweto
IMFUNDO ingukhiye wempumelelo. Ngaphandle kwayo ngeke ube yilutho. Masifunde ukulwa nobuvila siyeke ukulokhu sihlale sikhala - ikusasa lakho lisezandleni zakho. Ukuze uphilise okwenkosi, kufanele usebenze njengesigqila!
Rantlo Mlangeni, Sebokeng
INTSHA yethu kufanele yamukele lokho abazali abangakumela kunokuba ifune okungaphezu kwamandla abo - njengezingubo zikanokusho ngoba bebona abangani babo benazo. Imfundo ifika kuqala kunezingubo zikanokusho nokuyinto okungafanele niyilibale. Tusani enikwenzelwa abazali benu nibabonge besaphila.
MBM, Welkom
Obhale le ncwadi ewinile kule nyanga uzozitholela iSamsung M620 yakwaNashua Mobile
ebiza R1 200
Obani abayikusasa?
Ngaphandle kokukhuliswa abazali ngenhlonipho, abantu abasha bazozidicilela phansi ngokwabo
Asihlonipheni abesimame
Ngangihlale ngicabanga ukuthi abesilisa ngabantu okumele bavikele isizwe, kodwa izinto sezishintshile. Abesilisa babehlonipha abesimame bebavikela, kodwa akusenjalo. Ngisho nezingane azisaphephile.
Bafowethu asisebenzeni ngokubambisana ukuqiniseka ukuthi lobu bulwane buyaphela ezweni lethu.
Nkululeko Shabangu, Ncome Prison
Bakhona namuhla, kusasa abasabonwa
Ngithanda ukuphawula ngosopolitiki bethu. Beza kithina lapho befuna amavoti ethu emva kwalokho banyamalale uma sesibavotele. Ngikhathazekile futhi ngalabo abathola izinkontileka kodwa bagcine bengawenzanga umsebenzi kahle. Uhulumeni wethu mawusebenzisane nabantu ukwakha isizwe esingcono.
Brian Langa, Umlazi
Ukumelana nokuzila
Siyabonga ngodaba enasiphathela lona ngoDecember 2008 oluthi Ukumelana Nosizo Lokuzila. Uma kufika uDecember bonke abantu bangena egiyeni lomoya wamaholidi ngoba besuke bezimisele ngokuthokozela isikhathi sikaKhisimusi, kodwa ngeshwa akuvamile ukuba njalo kithina sonke.
Kwabaningi uDecember yisikhathi sokukhathazeka okukhulu. Lolu daba lwenu lwabasiza kakhulu labo ababebhekene nesikhathi sokulila. Lwabaqinisa idolo ukuba bakwazi ukubhekana nalesi simo ngesikhathi samaholidi, lapho amazinga okulahlekelwa ephezulu.
Kulabo abalahlekelwa abathandiweyo babo, ngibona kungakuhle babe nebhokisi abazoligcina balifake izinto zikamufi (memory box). Bangafaka kulo izithombe zakhe, izincwadi zonishiyile, izincwadi noma yini lowo muntu akade eyithanda - kuthi lapho nizwa nimkhumbule nilivule nixoxe ngokuzonikhumbuza yena.
Siyethemba leli bhokisi lesikhumbuzo lingasiza kuleso sikhathi sokuzila. Ngaphezu kwalokho, akulahlwa mbeleko ngakufelwa - impilo kudingeka ukuba iqhubeke sazi ukuthi abasishiyile bayohlale benathi ngokomoya ngisho nasemva kokufa.
E Conradie, Pretoria
