zulu.1436.gardening
BONA ZULU November 2008
Ungayonga kalula imali oyichitha uthenga ukudla uma ungafunda ukutshala ekhaya lakho... indaba nguThandi Zulu
AMANDLA OKUTSHALA
ISELULEKO
Tshala imbewu yakho emathreyini okutshala izithombo noma emakhathonini obisi. Izithombo zakho zizobe sezikhule kahle uma usunendawo ozotshala kuyona.
KUNENTO esize ngokunika umndeni wami ukudla okunempilo, yenza ukuba singayi njalo kudokotela, singamoshi imali eningi - nezingane sezichitha isikhathi esiningi phandle. Le yonto yingadi engiyiqale emva kokwenza isifundo sokutshala ngosizo lweWoolworths Trust Eduplant Competition. Amaphuzu amqoka engawathola ngifunda alula kanti ayasebenza:
1. Ukuqala
Udinga indawo elingana nesicabha ukuze utshale ukudla okwanele izidingo zomndeni wakho.
Khetha indawo ozoyisebenzisela ukutshala ukudla.
Dweba ipulani, kuleyo pulani ungayifaki indawo enezimbali nezihlahla uhlukanise indawo ozotshala kuyona ukudla ngama-zone.
U-Zone 1 mawube seduzane kwendlu. Kuleyo ndawo uzotshala konke okudinga amanzi noma ukunakekelwa, tshala imifino, utamatisi, u-green beans namazambane kuleyo ndawo.
U-Zone 2 uzoba nezitshalo ezifuna indawo enkulu, njengommbila.
U-Zone 3 mawube sezihlahleni zezithelo ovele unazo uwusebenzisele ukuhlalisa izilwane ezifuywa ekhaya.
Yandisa ama-zone uma indawo isekhona.
2. Hlola inhlabathi yakho
Zintathu izinhlobo zenhlabathi:
Inhlabathi ehlakazekile inombala ogqamile kanti iba mahhadla kalula.
Inhlabathi ewubumba ibomvana, iyawabamba amanzi ibe yizigaxa uma uzama ukuyihlukanisa.
Inhlabathi eyingxube yewubumba nemahhadla - lena iyahlakazeka ibe yizimvuthu kodwa ayicoliseki njengehlakazekile.
3. Lungisa imibhede yokutshala
Maka indawo ozotshala kuyona ngobude ilingane amafosholo amabili ububanzi ilingane nefosholo elilodwa - ngale ndlela uzokwazi ukugqagqanisa izitshalo zakho ngo-20cm ukuze zikhule kahle nawe ube nendawo yokunyathela.
Beka utshani namahlamvu ukugcwalise kule ndawo. Lokhu kuvikela izithombo ukuze zingashi.
Susa inhlabathi engaphezulu ngefosholo uyigcwalise emaceleni. Le nhlabathi inombala ogqunqile kunaleyo engaphansi kanti ukujula kwayo kulingana nesihloko sefosholo.
Yimba umsele ojule ngo-70cm kuya ku-100cm ngefosholo.
Faka izibi ezizobola kulo msele - amakhasi ezithelo nama-veg, utshani, amahlamvu, amabhodi namaphepha. Ungawufaki upulasitiki, izingilazi noma i-foil.
Mboza ngenhlabathi. Qiniseka ukuthi uyifaka yonke, uma isala yisebenzise kwenye indawo engadini. Mboza inhlabathi ngotshani namahlamvu uqale utshale.
Uma uzofaka izibi, zifake zingene enhlabathini, bese umboza ngenhlabathi engaphezulu namahlamvu notshani ngaphambi kokutshala.
4 Tshala!
Emaphaketheni embewu amaningi kuyabhalwa ukuthi imbewu yakho kufanele ijule igqagqane kangakanani. Kodwa ephaketheni kuyenzeka kubhalwe kanjena...
Endaweni engu-1m by 2m, vula imisele emihlanu elandelanayo usebenzise umunwe noma ifosholo.
Faka imbewu uyigqagqanise emseleni ngamunye. Imbewu encane kakhulu ungayixuba nofulawa omncane ukuze uyibone kahle uyifake kalula emiseleni.
Mboza imbewu ngenhlabathi uchelele ngekani elifafaza amanzi ukuze imbewu ingakhukhuleki. [z]
Yehlisa izindleko
zokudla
Ngenyanga ezayo: Ongakutshala, indlela yokutshala nesikhathi sokutshala...
