zulu.1435.soccer
BONA June 2008
Ukuxhaswa
SEKUCISHE kuphele unyaka kwasayinwa ingqopha-mlando yesivumelwano phakathi kweTV nePremier Soccer League kanti nemali efakwe ebholeni elikhokhelwayo yinhle kakhulu.
Njengoba sekucishe kuphele iminyaka engu-50 amaqembu edlala ebholeni elikhokhelwayo, kuwahambela kahle ngasezimalini kanti nabadlali bayahlomula.
Imali eholwa ngumdlali odlala emaqenjini angu-16 akwiPSL ngenyanga yinhle kakhulu.
Amaqembu asethola u-R1 million ngenyanga njengomhlomulo wesivumelwano sawo seminyaka emihlanu nabakwaSuperSport. Leyo mali isisimamise amaqembu amaningi.
Manje asezokwazi ukuqasha abaqeqeshi athenge nabadlali.
U-Larry Brookstone oyisikhulu sePlatinum Stars uthi manje iqembu elidlala kwiPSL ungalidayisa ngo-R70 million.
"Yileyo mali engakhokhwa wumuntu ofuna ukuthenga iqembu elikuPSL," kusho yena.
Wonke amaqembu asenemali angayisebenzisa ezinhlelweni zentsha kanti abanye sebeqalile ukuvuna izithelo ezinhle ngenxa yale mihlomulo.
Amaqembu adlala kwiPSL azobuye ahlomule ngomunye umxhaso ka-R10 million ongumklomelo wokuqala ozotholwa abazoba oshampeni beligi bese kuthi iqembu ngalinye lithole imali evela kubaxhasi beligi. Ngisho nalelo elizophuma kwiligi lizoyithola le mali.
Amaqembu abuye athole imali ngokungenela imiqhudelwano emithathu enye ayithole kubaxhasi bangaphandle.
I-Ajax Cape Town, ukwenza isibonelo, isanda kusayina isivumelwano sika-R70 million nabakwaMTN, nokuyinto ezoyinika amandla okuqhudelana namaqembu amakhulu.
"Abadlali abadlala kwiPSL bahola kahle," kusho uChief Thidiela ongumqondisi weBlack Leopards.
"Eqenjini lethu akekho umdlali ohola ngaphansi kuka-R10 000 kanti alikho elinye iqembu engilaziyo elingabaholeli kahle abadlali."
Lokhu kuyashayisana nemibiko yenyunyana yabadlali ethi kukhona amalungu ayo ahola u-R3 000 ngenyanga.
"Ayikho into enjalo!" kusho uThidiela. "Mhlawumbe ingenzeka emaqenjini adlala emazingeni aphansi hhayi kuPSL.
"Kukhona umfundi esibone ukuthi angaba wusizo olukhulu kuleli qembu kusasa. Usafunda kodwa simholela u-R8 000 ngenyanga ukuze adlale eqenjini lethu."
UKUZA kwemidlalo yeNdebe yoMhlaba kuleli ngo-2010 kukhombise izinkampani eziningi ukuthi zingakwazi ukusebenzisa ibhola ukuze zizithengise.
Imibiko yakwaBMI yokuthengiswa kwezemidlalo iveza ukuthi imali okuxhaswa ngayo ibhola ingaphezulu kwaleyo okuxhaswe ngayo i-cricket ne-rugby kuhlangene.
Cishe wonke amaqembu adlala kwiligi anethuba lokuqala isizini ngegiya eliphezulu manje.
Lokho kufakazelwa esikubona kwenzeka kwiligi njengoba sibone izingqungqulu zamaqembu anjengeKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates zishaywa yi-Ajax Cape Town, Santos, SuperSport United neWits University.
I-Wits, ukwenza isibonelo, isebenzise u-R2-million yathenga umshini ogada abadlali uchaze nokuthi badlala kanjani.
Wathengwa enkampanini yaseFrance. "Luyamangalisa ulwazi esikwazi ukuluthola kuwona kanti ngawo sesikwazi nokugada abadlali bethu," kuchaza uDerek Blankensee oyimenenja yeWits.
Amaqembu ayengeke abe namandla okuthenga imishini enjengalona eminyakeni edlule.
OKUNYE okufakazela ukuthi amaqembu ezwe lethu awasasokoli wukuthenga kwawo abadlali baphesheya ayengenamandla okubathenga ngenxa yokubiza kwabo.
I-Mamelodi Sundowns, ukwenza isibonelo, yathenga uBryan Aldave wase-Uruguay noJorge Acuna waseChile, iPlatinum Stars yona inesidlakela somgadli waseColombia uLuis Renteria, kanti idlale kahle emzuliswaneni wesibili wesizini yePSL isiqeqeshwa nguMiguel Gamondi wase-Argentine.
Kunomehluko omkhulu ekuphathweni kwebhola emva kwezinkinga ebezikhona kanti kulokho sibonga nokuthi amehlo amazwe angaphandle alibhekile leli lizwe ukuthi liqhuba kanjani.
Sezadlula izinsuku zokuhlehliswa kwemidlalo ngomzuzu wokugcina kodwa iziphathimandla zisahluleka wukuhlela izinto.
Abalandeli sebeqalile ukubuyela ezinkundleni ngenxa yokudlala kahle kwamaqembu abo kodwa sisenenkinga yokushoda kwabadlali abanethalente.
Le nkinga ikhungethe i-Africa yonke - ngisho nelaseSouth America - ngoba amaqembu alahlekelwa abadlali bawo abasezingeni eliphezulu abaya phesheya ukuze bathole imali engcono.
Ukuhamba kukaBenni McCarthy, Sibusiso Zuma, Siyabonga Nomvete noSiyabonga Nkosi kwayilimaza kakhulu iPSL. [z]
kwamaqembu
Amaqembu adlala kuPSL ahlomule ngokuxhaswa ngemali enhle - kanti lokho kuzophucula izinga lebhola eSA njengoba amancane esezoqhudelana ngokulinganayo namaqembu amakhulu... indaba nguMark Gleeson
BONA ZULU June 2008
UBONA NEZEBHOLA
BONA ZULU June 2008
