ZULU.142.yourfamily_child
Sixoxa nodado
Ukuthengela uKhisimusi uhamba nengane
Enye into eyinselelo enkulu kumzali wukuthenga uhamba nezingane kanti nokuhamba nazo uthengela uKhisimusi kuyinselelo ngokwako.
Akulula ukunaka ingane uma uthenga ngoba ihehwa yizibani ezikhanyayo, wumculo kaKhisimusi, nokunye. Kungenzeka nigcine nixatshaniswe wukunaka kwayo lezi zinto. Shiya izingane ekhaya uma uyothengela uKhisimusi uhambe nazo uma kunesidingo kuphela. U-Judy Ford onguchwepheshe ekubeni ngumzali usinika izeluleko zokubhekana nalesi simo.
Izingane zisheshe zikhathale. Uma kubalulekile ukuhamba nazo, thengani nisheshe nihambe. Izingane ezincane zingachitha amahora amabili kuya kwamathathu kuphela uma nithenga kanti esezikhulile zingachitha amane.
Ingane ithatheka kalula uma nithengela uKhisimusi ngoba ihehwa yizinto ezibonayo. Ukuze ningaxabani, yichazele kusenesikhathi ukuthi yini enizoyenza. Ungayethembisa ukuthi uzoyenzela into enhle uma iziphathe kahle.
Kuhle ukuyiphathela okokubamba umoya ekuthandayo uma niyothenga. Gwema ukuyinika izidlo ezinoshukela ngoba zingayigulisa noma zenze ingakhuzeki.
Izingane azihlali ndawonye uma zilambile noma zikhathele. Qiniseka ukuthi nihamba nidlile ukuze ningaxabani.
Ukuhamba kuyazikhathaza izingane. Qiniseka ukuthi zigqoka izingubo nezicathulo ezizoziphatha kahle. Zama ukuthenga endaweni eyodwa. Akufanele uhambe ufuna izinto ezishibhile uma uhamba nezingane.
ISELULEKO: Amanye ama-malls anezindawo ezakhelwe izingane ezinezinto zokudlala lapho umzali angashiya khona ingane uma esayothenga. Bheka ukuthi i-mall eseduze nawe ayinayo yini le ndawo. [z]
Wenzani esikoleni?
Ngibhala ebhukwini.
Yini oyibhalayo?
Ngibhala noma yini ngoba kusuke kusho uthisha.
Ithini inombolo ye-ID yakho?
Ithi 1 August.
Ubaba wakho uneminyaka emingaki?
Usekhulile kodwa hhayi kakhulu.
Ngabe ubaba uyasebenza?
Yebo, usebenza emaphoyiseni. Ubopha abantu abaziphethe kabi.
Benzani abantu abaziphethe kabi?
Bayantshontsha.
Uthanda ukuba yini uma usukhulile?
Ngithanda ukuba ngudokotela ngisebenze esibhedlela ngisize abantu.
INGANE YAKHO
Kule nyanga sixoxa noMpendulo Nkosi waseVryheid eKZN oneminyaka eyisithupha
Uma ufuna "sikhulume" nentombazane noma umfana wakho oneminyaka emithathu noma eyisithupha, bhalela kuleli kheli: BONA/Kidspeak, Box 473014, Parklands, 2121. Faka nesithombe sayo nenombolo yocingo esizokuthola kuyona emini.
UMZALI ONGUSAZIWAYO
U-Carol Manana owethula ezemidlalo kwiTV usitshela ukuthi ungaba kanjani ngumlandeli wengane yakho wokuqina
U-CAROL ungumzali ongayedwana onezingane ezintathu kanti ukholwa wukuthi abazali banomsebenzi wokuhola izingane zabo. Ngaphandle kokuzinika ukudla, uphahla, nemfundo, izingane kufanele zikhulele ekhaya elinothando. Ukuze zivikeleke zizethembe, kufanele uzixhase uzikhuthaze. U-Carol usinika izeluleko zakhe:
Akukujabulise ukubona izingane zakho uzibingelele uzange noma uziqabule.
Zitshele amagama azozikhuthaza azinike ithemba ngoba yiwona azakhayo.
Dlala nezingane zakho, lokho kwenza zizizwe zibalulekile.
Zibonge uma zenze into enhle. Lokho akusho ukuthi zithengele isipho - ukuzincoma noma uziyeke zidlale iTV game yazo eziyithandayo kwanele.
Ungaya esikoleni sayo uma kunemidlalo yesikole.
Uma ingane yakho yenze iphutha, khuluma nayo ngephutha elenzile kodwa ungayibeki cala.
Nihlanganiselwe nguKamogelo Sebola
