zulu.1429.yourlifeguide_health
Enye incwadi yempilo yakho!
Ukwazi ngomlando nempilo yabomndeni wakho kungasindisa impilo yenu. "Lokho kubalulekile ngoba ezinye izifo ziwufuzo, ngakhoke kubalulekile ukumelana nobungozi bazo," kusho uDkt James Arens we-ProSano Medical Scheme. Ama-genes ofuzo owawathola kubazali bakho alawula indlela obukeka ngayo - aphinde abe nomthelela esimweni sempilo yakho. Izikole zezempilo ngokuvamile ziqeqesha odokotela ngezindlela zokuthola umsuka wokugula kumuntu ngaphandle kokuxilongwa ngemishini. Lokho kwenziwa ngokufunda ngomlando wempilo yesiguli. Yingakho uma uya kudokotela omqalayo, emtholampilo noma esibhedlela uzothola ukuthi bazokubuza ngalezi zinto. Kodwa abantu abaningi abayikhumbuli yonke imininingwane ephathelene nempilo yabo.
Nakhu okungakusiza:
1 QALA ibhuku lempilo yabomndeni: bhala kwi-notebook noma kwi-ringbinder umlando wempilo yakho nomndeni wakho. Uma usebenzisa i-ringbinder, qala ngelungu ngalinye lomndeni ekhasini elilodwa. Uma usebenzisa i-notebook, qala ngawe ekhasini lokuqala, weqe olayini abahlanu ozobhala kubona ngokulandelayo, ubhale yonke imininingwane kaphathini wakho. Enza okufanayo nasenganeni yakho yokuqala nakwabanye. Shiya ikhasi lokugcina noma amabili azokusiza usuwenza uStep 3 ngezansi. Bhala igama, usuku lokuzalwa nobulili bawo wonke umuntu.
2 Bhala okwaziyo: bhala lokhu ngawo wonke umuntu:
Imithi, amavithamini noma ama-supplement osuke wawasebenzisa nokuthi asetshenziswa kangakanani, wawathola kubani, nini - ngisho nama-Panado noma ama-Rennies imbala.
Ukugula okunzima, ukulimala, ukuhlinzwa, ukuhlolwa ne-X-rays - kuchaze cishe emigqeni emibili, ubhale nosuku nezinkinga zezokwelapha.
Ongazwani nakho noma okukuphatha kabi, njengokudla noma indwangu ekwenza uqubuke noma ugule noma imiphi imithi engakuphathi kahle efana ne-penicillin.
Imigomo, nomjovo wabantu abadala onjenge-yellow fever ne-tetanus boosters.
Isilinganiso zokubhema, zokuphuza nezezidakamizwa (ezifana nensangu) ngosuku, ngesonto, noma ngenyanga uma nizisebenzisa. Uma senihlale ndawonye isikhathi esingangonyaka noma ngaphezulu, cela udokotela wakho noma emtholampilo bakusize uma eminye imininingwane ungasayikhumbuli.
3 Cabanga ubheke emumva: phenya ikhasi lokugcina le-ringbinder noma le-notebook yakho ubhale amalungu omndeni - abazali bakho, abafowenu nodadewenu, omkhulu nogogo, o-anti nomalume, ngokusho kukaDkt Arens we-ProSano. "Uma ilungu lomndeni lisheshe lafa ngezindlela ezejwayelekile, lokho kusho ukuthi ukugula noma ukukhubazeka ukuthole ngofuzo," kusho uDkt Shadrack Mazaza ongumongameli we-SA Academy of Family Physicians. Eduze kwegama lomuntu bhala usuku lwakhe lokuzalwa nesimo sempilo yakhe nalokho okumgulisayo nokuthi kwamqala eneminyaka emingaki. Umuntu osheshile ukuphathwa isifo sikashukela oneminyaka engaphansi kuka-20, i-high blood pressure oneminyaka engaphansi kuka-40, umdlavuza wamabele, we-colon nowe-prostate oneminyaka engaphansi kuka-50 kanye nesifo sohlangothi ngaphambi kweminyaka engu-60
4 Hlola ingemva lakho: uma ungazi kahle ngelungu lomndeni wakho elalahleka kudala, noma umuntu onjengomkhulu nogogo bakho abashona usemncane cela usizo kwabadala. Uma kungenzeka, bhala ngobuhlobo abazali bakho abanabo ngaphandle komshado (ubuhlobo obufana nomzala); ubuhlanga nohlobo lwabantu abayibo, ngoba ubudlelwane babantu abahlobene kwenza kube lula ukuthathelana kwezifo noma ukukhubazeka okutholakala kuma-genes afanayo.
5 Njalo faka okusha: sebenzisa leli bhuku ukubhala ngesimo sempilo sabomndeni njalo. Hamba nalo uma uyobonana nodokotela noma uya emtholampilo. Lokho kungasiza ekutholakaleni kolwazi olubalulekile ngesifo esikuphethe. Tshela abomndeni ukuthi uligcine kuphi leli bhuku ukuze uma uvelelwa yingozi balinikeze abezimo ezibucayi noma udokotela.[z]
Indaba: Patricia McCracken
Imithombo eyengeziwe: samedical.org; familydoctor.org; aafp.org; mayoclinic.com
IMPILO YAKHO
Izindlela ezinhlanu ezingakwenzela impilo engcono
