zulu.1424.getters
IMPILO
MASIBABONGE ogogo bethu! Kuvame ukuthi kube yibona abanakekela imindeni yethu. Izibalo ziyakufakazela lokho: njengoba i-AIDS idlangile, zibalelwa ezigidini ezimbili izingane esezilahlekelwe wumzali oyedwa eSA, ezingu-500 000 ziyizintandane. Ogogo bethu basiza lapho - kanti ubathola benakekela izingane abangahlobene nazo!
Uma singababongi ngomsebenzi abawenzayo - kukhona abababongayo.
Abakwa-loveLife, kanye neBill And Miranda Gates Foundation, bakhiphe imali elinganiselwa ku-R26 million ukuze kube khona "ithimba" logogo abangu-500 ezweni lonke, ugogo ngamunye usebenza nezingane ezingu-20 ezidinga ukunakekelwa.
Ogogo abenza lo msebenzi babizwa ngama "goGogetters," kanti bazosiza intsha abayinakekelayo, bayifundise ngengozi ye-AIDS, bayiqwashise ngokuhlukunyezwa ngokomzimba nangokocansi baqinisekise nokuthi izingane ziyafunda, zithole imixhaso kahulumeni nokudla.
Uma kunesidingo, ogogo bazoya kuthishanhloko wesikole noma kusonhlalakahle noma kumabhalane wezezimpesheni balwele amalungelo aleyo ngane abayigadile banqume nesikhathi okufanele sishaye izidingo zayo sezibhekelelwe.
Bathathwa njengabavikela izingane kwabazihlukumezayo.
"Izingane ezingasenabazali noma ezilahlwe abazali zithathwa njengezingane ezisengozini," kuchaza uNokonwaba Pakade oyimenenja yohlelo lwe-goGogetters.
"Kukhona izingane ezingasalubhadi esikoleni, ezinye zidlala abantu abazihlukumezayo ezinye zisebenzise izidakamizwa.
"Asikwazi ukuhlala sisonge izandla imikhuba enjengaleyo yenzeka emphakathini..."
Ngabe obani abanobuhlakani bokulwa nalezi zinto ezenzeka emiphakathini yethu?
Ogogo bethu!
Banolwazi ngezigameko asebehlangabezane nazo abangathanda ukuludlulisela kwabanye!
Uhlelo lwe-goGogetters lubanika amandla athe xaxa abawadingayo.
Omunye walabo gogo abashintsha izimpilo zezingane nguLucia Ngobeni. Abakwa-loveLife baxhumana naye ngesikhathi beqala ukuhlanganisa ithimba logogo ngoba sekuphele iminyaka engu-15 enakekela izingane.
Uthi lo msebenzi wawuqala esahlala ePimville eSoweto. Wayevuka njalo ekuseni ebusika abase umlilo egcekeni kwakhe. Uma esewubasile, kwakufika izingane ezimbili zothe umlilo.
Zamtshela ukuthi zihlala ezitaladini ngoba abazali bazo badivosa kanti umama oshade nobaba wazo uyazihlukumeza. Ugogo uLucia wacela kubazali bazo ukuhlala nazo bavuma.
Ngo-1991 esethuthele eRietfontein wamangala uma ebona isibalo sezingane nabadala ababengondingasithebeni.
Wavakashela ebhikawozi lendawo wacela ukuba bamuphe izinkwa nobisi ayezokunika abantu.
Uthi kwagcina sekutheleke inqwaba yezingane ekhaya lakhe.
Njengamanje zingu-28 izingane ahlala nazo.
Uthi ngempelasonto zingu-60 izingane ezifika ekhaya lakhe zidle zidlale.
"Ezinye zifika ekuseni ngaphambi kokuya esikoleni sizinike iphalishi."
Uthi uyazama ukuhlanganisa lezi zingane nemindeni yazo - kodwa eziningi azisenabazali.
Ezinye zahlukunyezwa kanti zingagcina seziyinkinga ngokwazo.
"Ezinye akulula neze ukuhlala nazo," kuchaza uGogo uLucia. "Azizwa kanti ngike ngikhuleke kuNKULUNKULU ukuba angiphe amandla, ukubekezela nothando ukuze ngingazinaki.
"Ngesikhathi abakwa-loveLife bexhumana nami ngangivele sengiqalile ukuzifundisa ngeHIV/AIDS," kuqhuba yena.
"Abakutshelwa esikoleni ngalesi sifo akwanele, minake ngihlala nabo phansi ngibafundise ngaso.
"Ngezikhathi zethu abantu abadala babehlala nathi phansi basitshele ukuthi kufanele siziphathe kanjani. Omama babeyala amantombazane amadoda ayale abafana sitshelwe ukuthi kufanele silinde singajahi ukuya ocansini.
"Yilokho esikutshela lezi zingane.
"Kufanele kube khona esikwenzayo ngoba izingane ezineminyaka engu-13 ziyafa zibulawe yi-AIDS.
"Siqala ukubafundisa beneminyaka engu-12 sibatshele ukuthi mabangayi ocansini abadala sibatshele ukuthi mabasebenzise amakhondomu.
"Abakwa-loveLife basiza lapho. Basinikeza u-R300 ngenyanga ingane ngayinye senze okuningi ngaleyo mali njengokutshala ama-veg.
"Amavolontiya akwa-loveLife ayafika asisize ngemiGqibelo.
"Sibuye sibe ne- 'lunch club' yogogo kanye ngesonto efana ne- support group yabo. Sibafundisa indlela yokunakekela izingane nabagulayo."
Masibabonge ngempela ogogo bethu. Baphephisa ikusasa lethu! [z]
BONA ZULU September 2008
Ogogo
ABENZA
OKUHLE!
Ingane ikhuliswa wumphakathi - eSouth Africa ogogo bethu abafakazela lesi sisho. Basizwa wuhlelo olusha oluyisimanga. Ngenxa yabo, ikusasa lethu liqhakazile...
Indaba nguSteven Makhanya
Njengoba izingane eziningi zisala zingenabani ozozinakekela, umphakathi ezihlala kuwona kufanele ukubeke emahlombe awo ukuzama ukwenza impilo yazo ibe ngcono. Laba bantu esikhuluma ngabo baseyizingane ezidinga ukuya esikoleni, zidle, zithole indawo yokuhlala zigqoke.
Uma zingakutholi ukunakekelwa kusho ukuthi sakha isizwe esizoba yinkathazo. Uma zisinde esifweni se-AIDS, zizodayisa ngomzimba noma zibe yizigebengu.
Zizoba yizinswelaboya uma singazisizi.
MASINAKEKELE IZINGANE
BONA ZULU September 2008
Ingxenye yezingane ezihlomulayo kulolu hlelo.
Ugogo uLucia (kwesokudla) nodadewabo obuye amsize.
