ZULU.1422.sis sarah
Akasiyo indoda ngokuphelele
Isoka lami langitshela ukuthi aliyona indoda ngokuphelele nakuba lizama ukunganelisa ngokocansi. Seliqalile ukulobola, manje ngizibuza ukuthi ngingenzenjani lapho sesishadile kuba khona isifiso kimina sokuhlangana 'noyindoda ngokuphelele'" Ngicela usizo.
JMS, Durban
Zibuze uyokwazi yini ukukumela lokhu impilo yakho yonke - noma mhlawumbe uzolokhu njalo uzisola ngokuthi kukhona ongakutholi"
Ngokwencwadi yakho akucaci kahle ukuthi ngabe iyiphi inkinga yendoda yakho ngakwezocansi. Kufanele uzicabangele uzibuze ukuthi yini ebalulekile kuwena. Uthando lwakhe kuwena" Noma ukuba yindoda ngokuphelele" Uma uzohlale ucabanga ukuthi amadoda angempela yini ayenzayo, kusho ukuthi lolu thando luya ngasekupheleni.
Angiyifuni indlu
Ngingumama wezingane ezine (38). Ngingathanda ukuzwana nomuntu ongasondla. Kodwa ngeke ngikuthokozele ukuba angakhele indlu ngoba ngiyakujabulela ukuhlala endlini yami nezingane zami. Kufanele kube ngumuntu ozofika ngokuvakasha hhayi ozohlala nathi. Ngicela iseluleko.
DHN, Intuthuko
Ucabanga ukuthi uzomthola owesilisa ozothokozela nje ukukondla nezingane zakho, kodwa angazuzi lutho ekuhlaleni nawe" Kuselula njengamanje ukusho ukuthi yini ongayithokozela kodwa esikhathini esizayo ungayithokozeli. Mhlawumbe kufanele ulinde uze uthole umuntu ongathanda ukuzwana naye ngaphambi kokuba ubone ukuthi yini okufanele yenzeke. Mhlawumbe ungathola umuntu ongathanda ukuba uphile naye impilo yakho yonke, uma lokhu kwenzeka, mhlawumbe ungathanda azohlala nawe... Akulula ukuthatha isinqumo ungakabi kulesi simo.
Kuyeluma kubuhlungu
Ngineminyaka engu-39, inkinga wukuthi ngiyazichamela nokuyinto eqale kulo nyaka. Sekuphele izinyanga ezingaphezu kwezintathu ngizelapha kodwa le nkinga iyaqhubeka. Isitho sami sangasese siyeluma ngizwa nobuhlungu uma ngichama. Ngicela usizo.
SMM, Carltonville
Angiqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga zokwelapha, kodwa ngizokweluleka ngokuba ngithi - cela udokotela wakho ukuba akwedlulisele koyi-specialist kulowo mkhakha. Hamba nemithi yakho ukuze abone ukuthi mithi mini le engakusizi. Lokhu kufanele ukwenze ngokushesha.
Wethembisa ukungilinda
Ngineminyaka engu-30, umama wezingane zami unengu-27. Ngo-1999 ngagwetshwa iminyaka engu-20. Ngayitshela intombi yami ukuba ithole omunye ezothandana naye ngoba ngangingafuni ukuba ingilinde isikhathi eside kangaka. Kodwa yona yethembisa ukuthi izongilinda. Ngo-2001 yangivakashela yathi ifuna ngiyixolele njengoba yayiphethe ingane yomunye umuntu. Yathi isangithanda kodwa angisayethembi. Ngabe kufanele ngiyixolele"
MS, Johannesburg
Wayitshela ukuba ithole omunye umuntu, nokuyinto eyaba wukucabanga okuhle ngoba wazi ukuthi iminyaka engu-20 miningi kakhulu. Nayo yavuma ukuthi izokwenza lokho, nokuyinto eyayibona ilungile ngaleso sikhathi.
Kungani manje ungasayethembi" Yingoba mhlawumbe yephule isethembiso sayo, noma isinengane yomunye umuntu"
Ngaphakathi enhliziyweni yakho wawazi ukuthi kuzoba nzima ukuba ikulinde iminyaka engu-20, ngabe lokhu okwenzeka kuyakumangaza"
Ngicabanga ukuthi into enhle ongayenza wukuba uyixolele. Isencane idinga nayo ukuba iqhubeke nempilo yayo. Mhlawumbe kuzothi lapho usuphumile ejele, nobabili nihlele nibone ukuthi ninalo yini ikusasa ndawonye, uma ingakashadi.
Ufuna silale ubusuku bonke
Ngineminyaka engu-18, isoka lami linengu-20. Yilo elathatha ubuntombi bami kulo nyaka. Inkinga yami wukuthi lifuna ngichithe ubusuku nalo kubo.Ngiyesaba ukwenza lokho ngoba abazali bami ngeke bahambisane nakho ngoba abezwani nento engeyinhle kangangoba ngisho noma ngihambile, ngiyazi ukuthi kufanele ngibe sengisekhaya lingakashayi ihora lesishiyagalolunye. Ngalitshela isoka lami ngalokhu, kodwa lona lithi ukulinda ngeke kwenze mehluko, kunalokho liyaphoqelela ukuba ngilale kubo ngoba lithi abazali bami kufanele njengamanje bakulindele lokho. Ngiyafuna ukuchitha ubusuku nalo kodwa ngesaba abazali bami.
GNT, Paarl
Njengamanje usahlala nabazali bakho, kuhle ukuba uthobele imithetho yabo. Uma bethi kufanele ube sekhaya ngaphambi kwehora lesishiyagalolunye, lokho kuchaza ukuthi abalindele ukuthi ungalala ngaphandle - njengoba isoka lakho licabanga. Angazi ukuthi sekuyisikhathi esingakanani nithandana, kodwa ngiyacabanga ukuthi walinda isikhashana ngaphambi kokuba uye nalo ocansini.
Uma uthando lwalo kuwe kungolweqiniso, lungenamona, ngicabanga ukuthi lizoyibona ingcindezi obhekene nayo - ngeke liphoqelele ukwenza into ezokona ubudlelwane bakho nabazali bakho.
Ngiyethemba futhi ukuthi niyazivikela uma niya ocansini. Isifo se-AIDS siyayiqeda intsha yezwe lethu nengethemba ukuthi wena awufuni ukuba ube ngomunye walabo bantu.
Umama okhathazekile
Indodakazi yami yakhuleliswa wumuntu engamazi. Ngesikhathi imtshela ukuthi ikhulelwe, wathi mayihlukane naye. Manje njengoba ingane isizelwe, ngifuna ukuba imazi ubaba wayo. Uma ngimbiza lo mlisa, akafuni ukuzwa ukuthi ngizothini. Yini okufanele ngiyenze"
NGM, Isipingo
Lesi yisifundo endodakazini yakho, kodwa ngethemba ukuthi iyocabanga kabili ngaphambi kokuba iye ocansini nomunye umuntu - ikakhulu njengoba isifo se-AIDS kuyindaba enkulu uma umuntu eya ocansini nomuntu angamazi. Lo mlisa unesibopho sokondla ingane, kodwa mhlawumbe angaphika ukuthi nguye ubaba nokuyoze kudingeke ukuba kuyohlolwa igazi kubonakale ukuthi nguye yini.
Njengoba kubonakala ukuthi lo mlisa akazimisele ukuxoxisana nawe, kungakuhle uthole iseluleko sabomthetho. Abophiko loFezela kwezoMthetho, iScorpion Legal Services banalo usizo, ungabathinta kule nombolo: 011 -842-8994.
Ngasohlangothini lokwazi ukuthi umzukulu wakho ngowakwabani, nakhu okumele uzibuze kona: uma lo mlisa engafuni ukuzwa lutho ngendodana yakhe, ngabe kubaluleke ngempela ukuba ingane ithathe isibongo sikayise"
Namanje akakaqedi ukulobola
Sihlala ndawonye nesoka lami, kodwa alikaqedi ukulobola. Uma ngilibuza ukuthi lizoqeda nini, alinginiki impendulo. Ngicabanga ukuthi lokhu kungenxa yokuthi angikabi nengane nalo nokuyinto elenza libe nokunqikaza ukuthi lizongishada noma cha. Ngicela iseluleko.
ZC, Msomi
Awushongo ukuthi sekuyisikhathi esingakanani nithandana, kodwa kokushilo encwadini kuzwakala sengathi sekuyisikhathi eside. Uma ungayitholi impendulo esokeni lakho, mhlawumbe sekuyisikhathi sokuba uxoxisane nabadala bomndeni uthole ukuthi ngabe yini eliyihlosile.
Kukhona futhi amaphuzu okufanele uwaqikelele. Uma isoka lakho lingazimisele ukubonisana nawe ngalolu daba, ngabe liyophinde likwazi"
Ukuxhumana nokwethembana yisona sisekelo somshado osimeme noma mhlawumbe kufanele kube nguwe oba manqikanqika ngokushada nalo.
Okwesibili: ngabe kungenzeka yini ukuthi lihleli nawe kamnandi lithola konke okutholwa abesilisa abashadile kangangoba alisasiboni isidingo sokushada"
Lokhu akusiyo into ephusile ngomuntu ohlala naye, kodwa ngibona ukuthi kukhona okufanele nixoxisane ngakho.
Ungowesilisa ocabangayo
Ngingowesilisa oneminyaka engu - 21. Intombi yami yenqaba ukuba sisebenzise ikhondomu lapho sifuna ukuya ocansini. Ngiyayithanda. Yini okufanele ngiyenze"
MQM, Kroondal
Kuyakhuthanza ukubona owesilisa ezinika isibopho sokuba kusetshenziswe ikhondomu ekubeni isenzo sentombi yakho siyethusa. Udinga ukuba uyichazele ukuthi i-AIDS iyinkinga engakanani ezweni lethu, nokuthi ukusebenzisa ikhondomu iyona ndlela yokuzivikela kulolu bhubhane. Uma ikuthanda ngendlela oyithanda ngayo, akufanele ibe nenkinga ekuvumeni ukuba nisebenzise ikhondomu.
Uma futhi yenqaba, mhlawumbe lokho kuyosho ukuthi ayinendaba nawe njengoba wena wethemba. Uyayazi into ebeka impilo engcupheni - ngakhoke ungabeki impilo yakho engcupheni. [z]
108 BONA ZULU - October 2005
Buza kuSis'Sarah
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
BONA ZULU - October 2005 109
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kulengosi.
Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah,
Box 32083,
Mobeni, 4060
