zulu.1410.soccer
EZEBHOLA
BONA ZULU July 2008
BAHLULWA ngo-1-0 kufayineli ngomhlaka 24 May kodwa kubona lokho kwakuyimpumelelo enkulu. Lokho kungenxa yokuthi laba bafana bebengaziwa muntu - bavele baqhamuka esikhaleni. Ngesizini ka-2007/08 le kilabhu yashintsha igama layo kwaba yiMpumalanga Black Aces edume ngokuthi AmaZayoni kanti yagila izimanga kwiNedbank Cup njengoba yaze yafinyelela kwifayineli.
Nakuba unozinti wayo uMichel Babale, abadlali basemumva uFelix Musasa, Lucas Tlhomelang, Isaac Mabotsa noMandla Zwane, kanye nongumgadli uKabamba Musasa nabanye sebake badlala emakilabhini ePSL aphambili, bambalwa eqenjini elalaziwa ngokuthi yiCity Pillars abakholwa wukuthi iqembu lika-third division lingahamba lifinyelele lapho le kilabhu yafika khona.
Kodwa umqeqeshi wayo uKenny Ndlazi wayeneminye imicabango.
"Ngesikhathi ngithatha izintambo zokuqeqesha ngangazi ukuthi le kilabhu inawo umdlandla nomfutho wokuthi ingahamba ifinyelele kuleli qophelo."
Kwakunezinkinga ezimbalwa okwakufanele zisombululeke ngesikhathi ejoyina leli qembu phakathi kwesizini ka-07/08, kodwa lokho kwaphenduka kwaba yisibusiso.
"Ukubhekana nalezi zinkinga kanjalo nokuzixazulula kwasihlanganisa kwafaka abafana omkhulu umdlandla.
"Kwadingeka ukuba sonke sihlale phansi njengamadoda sixazulule izinkinga ngaphambi kokuba sidlale ndawonye njengeqembu.
"Ukuhlanganisa abadlali abadala njengoFelix Musasa nabadlali abasebancane kwenza izimanga," kusho uNdlazi okholelwa ekuthuthukiseni amakhono kubadlali abasebancane.
"Kulapho-ke kufanele ubakhe ngamunye ukuze babe nokuzethemba njengabadlali bebhola."
Amandla nomdlandla wabantu abasha bengaphansi kweso elibukhali lomqeqeshi onobuhlakani nesineke - leyo iyona ndlela uNdlazi asebenzisana kahle ngayo nabafana beBlack Aces.
"Abadlali abadala bahlale bezinikele futhi bezimisele ukukhombisa labo abasebancane indlela eyiyo nokuthi bangalikhuphula kanjani izinga labo lokudlala ibhola.
"Ngakolunye uhlangothi, laba abancane nabo bahlale bezimisele ngokufunda okuthile kulabo abadala - lokhu kubambisana nokuhlangana yisona sikhali sethu."
Indlela abaphatha ngayo abadlali bakhe yehlukile futhi kunaleyo elandelwa yizikhulu eziningi zebhola kuleli.
"Ngafunda ukuphatha abadlali bami njengezingane zami uqobo. Ukukwazi ukulalela izinkinga zabo ezimpilweni zabo ezehlukene, sihlale phansi sibonisane njengamadoda.
"Ngihlale ngibakhumbuza ukuthi sesingaphezu kweqembu - kodwa sesifana nomndeni."
"Lona wunyaka wami wesibili ngingukapteni nokungumsebenzi onzima, kodwa azikho izinselelo ezitheni esengike ngahlangabezana nazo ngoba bonke abadlali sibambisene kanti bayakulalela nengikushoyo," kusho uFelix Musasa ongumdlali oliqhamukisa eCongo futhi owake wadlalela AmaBhakaBhaka.
"Abadlali abadala yibo abakha bafake endleleni labo abasebasha. Nabo bazimisele ukuba babonele kithina kube khona abakufundayo nokuyinto eyenza kube khona umoya wokuzwana eqenjini."
"Ngesikhathi siwina umdlalo wethu wokuqala kwiNedbank Cup sabona lapho ukuthi yisiqalo sendlela eya phambili. Sasizimisele ngempumelelo nangokukhombisa umphakathi webhola ukuthi singakwazi ukuba sibhekane nalawo maqembu athathwa njengezingqungqulu zebhola kuleli.
"Umqeqeshi wethu nguye osiqinisa idolo. Ufana nobaba kithina. Ukhuluma naye noma kunini lapho kukhona into ekukhathazayo. Emidlalweni emihlanu esayidlala saze safinyelela kwifayineli, ngeke ukholwe ukuthi asizange singenelwe ngisho nayelilodwa igoli."
ULucas Tlhomelang naye ngumdlali owayedlalela i-Orlando Pirates - ngicabanga ukuthi AmaBhakaBhaka ayazisola ngokudedela unyazi lo mdlali onekhono elimangalisayo ngale ndlela.
UTlhomelang ayikho into ayithokozelayo njengobumbano olukhona kuleli qembu.
"Njalo siyakhuthazana sigqugquzelane. Abekho abadlali abathathwa njengezihlabani, sonke sibaluleke ngokufanayo," kusho yena.
"Sibambelela ezinhlelweni zethu zomdlalo kanti futhi siyasizana."
Ukuba iqembu elinjengaleli elingaziwa muntu livele livuke esiswini njengotshwala libhaxabule amakhulu - kuyohlale kuyinto enhle ebholeni lakuleli - ngoba lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi amakhono amangalisayo atholakala kunoma yimaphi amazinga.[z]
AMASU OMQEQESHI OKHALIPHILE
"Ngikholelwa ezinhlelweni zesikhathi eside. Ngesikhathi ngiqala umsebenzi wami wokuqeqesha ngazitshela ukuthi ngifuna lapho sengineminyaka engu-50 ngiqale ngiwine izindebe," kusho umqeqeshi uNdlazi.
"Uma usufinyelele kulelo zinga lokukhula, uqala ubone izinto ngendlela eyehlukile. Zonke izinto ziqala ukukuhambela ngendlela eyiyo. Abantu bebodwa bahlukile, ngakhoke kufanele ubabheke ngezindlela ezahlukile.
"Lokho yikona engikwenza nsuku zonke nabafana bami uma siziqeqesha. Umuntu ngomuntu ngimnika isikhathi sakhe sokuba azibonakalise ngokwakhe njengomuntu owehlukile.
"Ngale ndlela ngibenza bazizwe bebalulekile benokuzethemba.
Ukuphumelela enkundleni kuqala ngomqeqeshi, ngokusho kukaNdlazi.
"Njengomqeqeshi kufanele ugxile ikakhulu ekuziphatheni wena uzihloniphe ube ngumuntu ohlelekile zikhathi zonke. Ukusazisa isikhathi ngenye yezinto ebaluleke kakhulu uma ufuna imiphumela emihle.
"Indlela oyiyona wena ngokwakho ibalulekile. Kholelwa endleleni yokudlala oyibona iletha impumelelo eqenjini lakho bese ugxila ekulungiseni amaphutha aqhamuka lapho."
"Njalo kufanele ufunde umdlalo ubazi nabadlali bakho nokuthi uzobasebenzisa kanjani.
"Njengomqeqeshi ngikholelwa kwengikubiza nge-'spine.' Lapho ngisho unozinti, umdlali wasemumva, owaphakathi nomgadli - lona yiwona mgogodla."
"Uma lokhu kungekho, khohlwa - akulula ukuba iqembu lakho liphumelele.
"Ekugcineni, khumbula: abadlali bakho kufanele ubatuse ngomsebenzi omuhle abawenzile."
Izinkunzi
ezintsha zebhola!
KwiNedbank Cup bagila izimanga ngesikhathi beshaya amakilabhu amakhulu akuleli. Nakuba behlulwa yiSundowns kwifayineli, kodwa leli qembu lamaZayoni lizithatha njengabaphumelela kulo mqhudelwano... indaba nguSteven Makhanya
BONA ZULU July 2008
