zulu.1055.entertainment
AMA-DVD ASHISAYO!
I-MOVIE YENYANGA
My Best Friend’s Girl
Umqondisi: Howard Deutsch
Abadlali: Dane Cook, Jason Biggs, Kate Hudson
Iseluleko kwabesilisa: ungalokothi utshele umngani wakho ukuthi akakhiphe intombi owawuthandana nayo, ngisho ungaba nasiphi isizathu.
Kulo mdlalo wothando ohlekisayo, uCook uziphilisa “ngokuba nguchwepheshe osiza abaliwe”. Uma abesilisa baliwe, baqasha yena ukuba akhiphe amantombazane ababethandana nawo awaphathe kabi. Ngale ndlela bethemba ukuthi izintombi zabo zizobuyela kubona zigijima.
U-Biggs, ongumngani kaCook omkhulu wamcela ukuba amsize abuyelane nentombi yakhe, indawo yentombi idlalwa nguKate Hudson. Kodwa okwamangalisa wukuthi intombi yamthanda uCook yangacabanga ukubuyela kuBiggs.
U-Cook ugcina engasazi ukuthi kufanele athembeke yini kumngani wakhe noma aqhubeke nentombi yakhe.
Iseluleko kwabesimame: leDVD ungayibukela nabangani noma niyibukele namasoka enu; kukhona eningakufunda ngengozi yokuhlanganisa ubungani nothando.
Open Season 2
Abaqondisi: Matthew O’Callaghan, Todd Wilderman
Abadlali: amaphimbo kaJane Krakowski, Joel McHale, Cody Cameron
Njengoba uMartin Lawrence engadlali kule-movie, ayimnandi njengeyokuqala. Noma kunjalo, izingane zizoyithanda.
Kuyona u-Elliot usanganiswa wuthando lukaGiselle aphephise uMnuz. Weenie kubathumbi.
Taken
Umqondisi: Pierre Morel
Abadlali: Liam Neeson, Maggie Grace
U-Neeson udlala indawo yowayeyi-agent yeCIA owaphoqeka ukuba athathe umhlalaphansi ukuze afune indodakazi yakhe eyayilahlekile.
Iziqephu zayo ezimnandi zenza ungayinaki eyokulahleka kwendodakazi.
College Road Trip
Umqondisi: Roger Kumble
Abadlali: Martin Lawrence, Raven-Symoné
Le iyahlekisa kanti ikhuluma ngomphathi wamaphoyisa (uMartin) onendodakazi (uRaven) ezoqala ukufunda ekolishi. Indodakazi lokhu yakubona kuyigxathu lokuqala eliya enkululekweni yahlela ukuhamba nabangani bayo.
Ubaba wayo ongafuni lutho ngayo wathi uzohamba nabo ukuqinisekisa ukuthi baphephile. Kodwa akuzange kube njalo!
Incwadi Emnandi
Le ncwadi izoxazulula izinkinga zakho zothando!
How To Simplify Your Love, kaMarion noWerner Kustenmacher (McGraw-Hill; R189)
Ngabe kukhona ongakweza ukuze kube lula othandweni? Le ncwadi yabhalwa abashadikazi osekuphele iminyaka engu-25 behleli kahle emshadweni wabo abanezingane ezintathu. Ingumhlahlandlela wezigaba ezehlukene zothando kuye ebumnandini bokungena esigabeni sokukhula kwenu nithandana.
Uma ungenasiqiniseko sokuthi wawudalelwe umaqondana wakho ngempela yini, noma uthandana nabantu nisheshe nihlukane, le ncwadi ngeyakho. Inezindlela zokuxazulula izinkinga.
■ Itholakala kwa-Exclusive Books.
FUNDA, BUKELA, UPHUMULE
Izingoma Ezimnandi
Izingoma zothando ezikuTop 10
Nazi izingoma okufanele uzilalele kuleValentine’s Day. Nakuba ingoma kaS’fiso ethi I Want To Sing You My Love Song indala kakhulu, isengunombolo 1 ezinhliziyweni zethu! Zitikeni.
1. S’fiso: I Want To Sing You My Love Song (Heart To Heart)
2. Ringo: Ekuseni (Ndim Lo)
3. Lira: Ngiyazifela (Feel Good)
4. Ntando: Nguwe (Kwantu)
5. Malaika: Nguwe (Vuthelani)
6. Bongi Dube: Ngenzenjani (Ngifuna wena)
7. Loyiso Bala: Daliwami (Blow Your Mind)
8. Mafikizolo: Emlanjeni (Six Mabone)
9. Freshlyground: I’d Like (Nomvula)
10. Jaziel Brothers: Ngeke Ngiphinde (The Beginning)
Izindawo ongazikhiphela kuzona udle, ugeze imoto yakho udumise uNKULUNKULU
Ibandla elingazibekile phansi!
▲I-Ethekwini Community Church (ECC) ibalwa kulawo mabandla amakhulu eThekwini kanti ikwambalwa othola kuwona amakholwa edansela umculo we-house!
Nakuba leli bandla lingakhethe bala lamuntu, lithandwa abakhonze amaphathi abafuna ukuzijabulisa badumise uNKULUNKULU. Kuleli bandla ungahlangana nosaziwayo.
Kukhonzwa ngeSonto ngo-8am, ngoLwesithathu ngo-6pm, kanti ngoLwesihlanu ngo-6pm kukhonza intsha.
I-café ese-mall
►IMaponya Mall eseSoweto ibalwa kulawo ma-mall asezingeni eliphezulu eSA. Kule mall yiNews Café engu ngqa phambili.
Kuyona, wena nabangani bakho ningazitika ngokudla neziphuzo nilalele umculo omnandi eniwuphakelwa ngoDJ enibathandayo.
Yindawo enhle lena ongazikhiphela kuyona nabangani bakho kusihlwa nizijabulise.
Ongazijabulisa ngako!
Geza imoto yakho udle
►Ngabe uyafuna ukubukela izimoto ezintsha ezibizayo nezithuthuthu zikanokusho uzitike ngesiteki nepapa? Vakashela eMax’s Lifestyle uzibusise ngokushisa inyama.
Le ndawo eseMlazi kwa-V ngaphandle kwaseThekwini yindawo yokuvakashelwa – ikakhulu uma ufuna ukukhuthazeka uhole imali enkulu uthenge imoto entsha ceke.
Ushisa nyama waseCape Town
◄Buza noma ngubani eCape Town ukuthi zidumaphi ngezimpelasonto kanti bazokutshela ukuthi ziduma kwaMzoli.
Banenyama emnandi nabafana namantombazane amahle! Kodwa shesha ufike ngoba kuyagcwala.
