zulu.140.health
GREAT STOCK!
EzeMpilo
Nika izingane zakho inyama ebomvu
Ukuze izingane zisizakale ekutheni amathambo azo, amazinyo, izicubu kanjalo negazi kube sesimweni esihle sempilo, zidinga ukudla okuningi okwakha umzimba okuzohambisana nosayizi wazo kunowabantu abadala ngokusho konguchwepheshe wokudla u-Anne Till owengeze ngokuthi, khumbula ukufaka i-lean, inyama ebomvu ngoba lokhu kusiza ngokukunika ukudla okuhle okufana ne-iron, i-zinc no-vitamin B6 - izingane ezivame ukushoda ngawo.
Cabangisisa
Cabangisisa kabusha uma ungomunye wabantu bakuleli abangu-1,5 million abahlushwa wushukela. Ucwaningo olusha lukhomba ukuthi abantu abanalesi sifo basengcupheni ngokuphindwe kabili yokuhlaselwa yinhliziyo noma i-stroke uma ubaqhathanisa nabadala abangenawo ushukela. Ngisho nokwenyuka kwezinga lamafutha elingeke lathathwa njengenkinga kwezinye iziguli, kudingeka ukuba lelashwe. Yenza isiqalo sokuba uhlenge impilo yakho ngokuba uyohlolwa izinga lakho lamafutha ngudokotela wakho noma emtholampilo namuhla. - Zodidi Mhlana
Qaphela izinzipho zakho
Amabala amhlophe ezinziphweni zakho, ezandleni noma ezinyaweni acishe amataniswe nokuvuvukala kanti ayanyamalala uma leyo ngxenye elimele yozipho ikhula. Kodwa uma uqaphela, lokhu kuvamile ukwenzeka. Kungenzeka ube nokufa okudalwa wukubola nokuyinto udokotela wakho angayelapha. Lokhu futhi kungaba wuphawu lwezinkinga zesibindi noma zamaphaphu, ngakhoke kufanele uthole ukwelashwa uma lokhu kungapheli.
Yiba wumqemane
Sekuphele iminyaka abantu bekholwa wukuthi indlela engcono yokwelapha ubuhlungu beqolo wukuziphumulela embhedeni. Kodwa manje ithimba labacwaningi base-UK iBackCare ligunyaza ukulala kancane uma kunesidingo. Zinike isikhathi sokunyakaza kakhulu, ngokwesiyalo sabo ngoba ukulala kwenza izinyama ziqine.[z]
BONA ZULU - March 2007
noPatricia McCracken
Hlala uphilile
IQINISO: Ama-ovaries abalulekile kumuntu wesimame angusayizi wamagilebhisi amakhulu
Yithi cha - vikela amazinyo akho
Ungamangali uma udokotela wakho wamazinyo eqala ekubuza ngenkinga yokuphuza kwakho, ngokusho kukaphrofesa Peter M. Miller wabe-Medical University of South Carolina. Ukuphuza kakhulu kungakubeka engcupheni yomdlavuza womlomo kanti kuningi asekucwaningile njengezindlela zodokotela bamazinyo ukuba bakwazi ukwazisa iziguli zabo ngezinkinga zazo ngaphandle kokuba ziphoxeke.
Ungasheshisi uma udla
Ngoba kuthatha isikhashana ukuba umbiko wokuthi ususuthi ufinyelele engqondweni, ngokusho kwabacwaningi base-University of Rhode Island, indlela elula yokwehlisa isisindo somzimba, wukuba udle kancane ungasheshisi. Lokhu kwatholakala ngesikhathi abesimame abancane becelwa ukuba badle indishi ye-pasta ngaphandle kokuphumula emva kokuhlafuna, badla cishe amaphesenti angu-12 angaphezulu ama-kilojoules kunokuba badle babeke phansi izimfoloko zabo bese behlafuna. Okwabonakala kungcono kunakho konke wukuthi uma bedla kancane bazithola benelisekile ngababekudla, emva kokudla nasemva kwehora bedlile.
IQINISO: Ababhemayo basethubeni ngokuphindwe kabili ukulahlekelwa amazinyo abo kunabangabhemi
GREAT STOCK!
BONA - August 2007
