zulu.1406.parenting
OKWABAZALI ABAHLE
Ukusiza nge-homework
UMA ebuya esikoleni uMpho usuke ekhathele eyimvithi njengoba abuye adlale nebhola nabangani. Usuke engasakwazi ngisho nokwenza i-homework. Lokhu kujwayelekile.
Uma nawe umsiza njengomama, uMpho uzokwazi ukuba asheshe ayiqede i-homework yakhe futhi ayenzisise ngokuzinikela kunokuba azenzele ngokwakhe ngaphandle kokulawulwa.
Ngabe uyayisiza ingane yakho ngalokhu? Impendulo ngethi Cha!
Kuthi lapho sekudingeka ukuba kubhalwe izivivinyo, wena usuke usungasekho sekuyiyo kuphela ebhekene nephepha.
Kukhona izindlela ongasiza ngazo kwi-homework ikakhulu emazingeni ase-primary ngaphandle kokuba uze uyenzele.
Izilimi: Siza ingane yakho ithuthukise amakhono ayo okufunda ngokuba uyifundele nsuku zonke.
Ayiqale ngokufunda kakhulu. Akuthi lapho ikhula, bese izifundela ngokwayo - kodwa kufanele ulokhu uyibheka ukuthi iqhuba kanjani.
Ukufunda kukhulisa umqondo wengane kuyenze yazi namagama amaningi.
I-Spelling: Lapha kulapho kufanele usize khona kakhulu. Emva kokuba ingane yakho isifunde ikhasi encwadini yayo - yitshele ukuthi wena uzokuba wuthisha nidlale umdlalo wesikole uyibizele amagama akulelo khasi. Ukuze niwuthokozele, qalani ngamagama alula... lokhu futhi kuzomkhuthaza afune ukuqhubekela phambili ngokuzethemba.
Hlolani i-spelling ngokubhala amagama ephepheni elincane bese ushiya izikhala okuzodingeka ukuba ingane yakho izigcwalise. Ukwenza isibonelo: FO_T_N_ _ _ (FORTUNATE).
Kubalulekile ukuba ingane yakho iwabhale phansi amagama hhayi nje ukuwasho ngomlomo.
Izibalo: Izibalo akusiyo into kanoma wubani, kodwa uma ingane izoba nolwazi ngezibalo zisasuka phansi, kuzoyenza ingabi nankinga ngazo.
Kusukela kuGrade 1 kufanele uyifundise ukubala ngokuphinda izinto (times tables), nilokhu nikuphindaphinda lokhu.
Empilweni yansuku zonke siyakwazi ukuhlanganisa izibalo kalula ngaphandle kosizo lwe-calculator. Ingane yakho nayo kufanele izazele ngalokhu.
Ukuhlanganisa nokususa nakho kubalulekile.
Zama lo mdlalo omnandi...
Thola iphakethe lamakhadi adlalwayo bese ukhipha wonke amakhadi anobuso (king, queen no-joker).
Uma ingane yakho isemabangeni amaGrade aphansi kungenzeka uziyeke izinombolo ezinkulu, kodwa uma isemabangeni asuka koGrade 5 kuya kuGrade 7 - ungawasebenzisa wonke kusuka kwi-ace kuya ku-10.
Dlalani amakhadi nobabili ubeke ikhadi phambi kwakhe. Phinda ubeke elesibili phezu kwelokuqala. Ingane yakho ayimemeze ikutshele ukuthi uma izinombolo zamakhadi lawa sezihlangene zikhipha siphi isibalo.
Ukwenza isibonelo: 3 + 5 = 8 + 7 = 15 + 3 = 18 + 4 = 22 + 10 = 32 njalo njalo.
Uma ubona ukuthi isikhathi sisekahle - dlulelani ekususeni (Khumbula ukuhlela amakhadi uqale ngezinombolo ezinkulu.
Lena iyona ndlela ezomenza azazi ngayo izibalo.
Ukufunda izifundo: Lokhu kungalula uma ingane inothando lwaleso sifundo. Kuthi lapho ingane ifunda njalo ngaleso sifundo, kube lula ukuthi isiqonde.
Indlela ethokozelekayo ukuhlola ingane yakho wukuba uyicele ikuchazele - kube sengathi yona inguthisha wena ungumfundi.
Imisebenzi: Gwema ukulingeka ekutheni uyenzele i-homework ingane yakho - ngoba kulula ukuba uthisha abone ukuthi ngubani obenza lowo msebenzi.
Ungayisiza ingane yakho ukuba ihlele umsebenzi...ngokuyibonisa ukuthi kukuphi lapho kufanele ifunde khona ngesifundo esithile ithole nezifundo ezizoyichazela.
Khuthaza ingane yakho ukuba izicabangele ngokwayo. Yisize ngokuba uyibonise nje kuphela - kodwa qiniseka ukuthi nayo iba negalelo.
Izwi lokugcina: Sonke sifunela izingane zethu okungcono. Esizenzela kona namuhla, kuyokuba yingxenye yekusasa lazo.
Umsebenzi womzali kufanele kube ngowokuhlola i-homework.
Ngamanye amazwi, yilalele lapho ifunda, uhlole i-spelling, ubheke izibalo - kodwa ungayenzeli i-homework!
Zibandakanye uyisize - yifake endleleni, uyikhuthaze futhi nikuthokozele enikwenzayo.
BONA ZULU July 2008
Ufuna ingane yakho yenze kangcono esikoleni - nakuba ungeke ukulawule ekwenzayo endlini yokufundela, ungayilawula lapho isiyenza
i-homework. Ngabe lokho kusho ukuyenzela umsebenzi wayo? Kufanele uyisize kangakanani?
UTHI UBUWAZI?
Ukuphefumula intuthu yemoto eyisekeni kuyingozi ngokuphindwe ka-10 kunokuhogela intuthu kagwayi endlini
IZELULEKO ZE-HOMEWORK
Zihlelele! Zenzele ikhalenda ozosebenza ngayo (kwesokudla) nokuyilapho umsebenzi wakho, ama-test uzokubhala khona. Le ndlela izokwenza ungawukhohlwa umsebenzi wakho; kanti futhi ungawuhlukanisa izikhawu ezimbalwa, uzibekele nesikhathi ozowuqeda ngaso - nawe kuzokuthokozisa uyibone inqubekela phambili lapho uwuqede ngesikhathi.
Kunzima ekuqaleni. Zama izindlela ezinzima zokwenza i-homework ngaphambi kwezilula. Ukwenza isibonelo, uma izibalo zithatha isikhathi eside, ingane yakho ithanda ukufunda, qalani ngezibalo kuqala. Emqondweni wayo oyitshela ukuthi i-homework yinto enzima, lokho kuzoshabalala - kusale lokhu ezokuthokozela.
Indawo. Qiniseka ukuthi ingane yakho yenza i-homework endaweni esesimweni esifanele lapho ingeke iphazanyiswe muntu. Kufanele ingane ngayinye ibe nendawo
BONA ZULU July 2008
Sunday
Monday
Tuesday
Wednesday
Thursday
Friday
Satuday
20
13
27
6
Write out
oral
Research Egypt
Have Egypt project finished
14
21
28
7
Do keywords + cards
Plan Egypt project
Project on Egypt due date
15
22
1
8
29
Revise spelling
Practise oral
Write out Egypt project
16
23
30
2
9
Check Spelling
10
17
24
3
Oral for Zulu
Spelling test
Write out neatly
25
4
11
18
Library -
research Egypt
Stick everything in place
12
19
26
5
Ukufundela ingane yakho ngenye yezinto ezibalulekile ongayenzela yona nezokwenza ukuba ikusasa layo liqhakaze. Lokhu kuzoyenza ingabi nankinga esikoleni eminyakeni ezayo...
BONA ZULU July 2008
Kwathi ngelinye ilanga...
IZINCWADI ZOKUQALA
Ingane yakho izozithokozela izithombe ezinkulu zemibala ingakaqali ngisho nokukhuluma. Izofunda nokukhomba izithombe zezinto ehlale izibona eduze kwayo.
Uma amakhasi alezo zincwadi elugqinsi, kuba lula nengane izivulele yona ngokwayo.
Izincwadi ezenziwe ngendwangu nazo zikahle ngoba ziyahlafuneka, zibambeke ziphinde ziwasheke kalula.
Ngeke udinge izincwadi eziningi, ngoba akuzikhathazi izingane ukuphindaphinda into eyodwa.
IMINYAKA ENGAPHANSI KWEMIHLANU
Lubanzi uchunge olukhona lwezincwadi ezinezithombe zezingane zeminyaka engaphansi kwemihlanu. Ukuze usizakale, joyina emtapweni wezincwadi wangakini.
Bheka izindaba okulula ukuba ingane izizwe. ezinezithombe zemibala.
UKULUNGISELELA UKUFUNDA
Izingane zenza izinto ngokwehlukana kweminyaka. Ngakhoke uma ingane kamakhelwane wakho ilingana ngeminyaka nengane yakho kodwa isikwazi ukufunda (eyakamakhelwane), lokho makungakwenzi ufake ingcindezi kweyakho ukuba ibe kulelo zinga.
Yikhuthaze ibe nothando lwezincwadi - nokuba ikwazi ukubona ukwehluka kokuma kwezinto nezinhlamvu zamagama.
Yisholo izinhlamvu zamagama (alphabets) bese uyenza ukuba ikhombe lezo zinhlamvu encwadini.
Ungakhathazwa wukuyifundela indaba eyodwa ingane yakho njalo. Ukufunda kuba wukulalela okugcina ngokuyinika ulwazi.
EKUGCINENI...
Ungayiphoqeleli kakhulu ingane yakho kube ngaphezu kwamandla ayo.
IZELULEKO ZOKUFUNDA
Qala ukufundela ingane yakho ngesikhathi isanda kuzalwa. Lokhu kudala ukuxhumana okukhulu phakathi kwenu, kuthuthuke namakhono olimi kuyona.
Qiniseka anikho eduze komsindo lapho nizophazamiseka khona.
Xhumana nengane yakho kakhulu, ukhulume ngamazwi ahlukene, udlalise nezandla uyigone zikhathi zonke.
Ukufunda kwenze kube yingxenye yenu zikhathi zonke ngaphambi kokuba ilale.
ISITULO ESIPHAKEME
UMA unendawo eyanele, ukuthenga isitulo esiphakeme sokupha ingane ukudla kungenza lo msebenzi ube lula. Nakhu okufanele ukubheke ngaphambi kokusithenga...
Ubuntofontofo: Ingane izochitha isikhathi eside ikulesi situlo esiphakeme, ngakhoke qiniseka ukuthi sintofontofo ngoba izingane zihlale zinyakaza. Asibe namabhande okufasa izinyawo.
Ubude: Ubude baso buyakwazi yini ukulawuleka ngokuthanda kwakho? Ukugezeka kwaso: Ukudla komntwana kuchitheka noma kuphi. Ngakhoke qiniseka ukuthi asinazo izindawo eziningi ezicashile lapho ukudla kungachithekela khona kucashe. Izitulo eziningi zenziwe ngePVC okuyinto elula ukusuleka. Ezinye ziyaqaqeka ukuze ziwasheke kalula.
I-Tray: Ngabe i-tray liyakwazi ukuba lidonswe noma liphushwe ukuze lilingane nesimo somntwana? Kufanele futhi ubhekele nosayizi we-tray.
Ukubekeka kwaso: izitulo eziphakeme zivame ukuba zinkulu ngokukasayizi, ngakhoke kufanele ucabange nendawo yokusibeka. Ngabe siyasongeka? Ungakwazi ukusiphatha kalula uhambe naso? Ngabe siyaphusheka sizihambele? Uma kunjalo, hlola amabhuleki aso.
Ukuphepha: Khetha esiphakeme kodwa futhi esiphephile esivulekile esingeke siwe kalula. Isitulo kufanele sibandakanye okuhlanu okuphephile.Esengane encane kakhulu kufanele sibe namabhande okufaka imilenze ukuze kuvikeleke ingane ingasheleli.
BONA ZULU July 2008
Ukudla ngendlela
Izingane ziyigugu emphakathini - ngakhoke kusukela ekuqaleni kwenze kube yinqubo ukuba izikhathi zokudla kube ngezokuhlanganyela ndawonye komndeni wonke.
Iyekele ingane yakho ijwayele izinhlobo eziningi zokudla.
Khumbula, izingane ziyathanda ukuthinta ukudla ngezandla zidlale ngakho ngaphambi kokukudla.
Abanye omama bayathanda ukwesula ubuso nezandla zezingane zabo ngesikhathi zidla. Iyeke iqhubeke ngendlela yayo. Musa ukuyiphazamisa. Iyeke ithokozele ukudla kwayo.
Uma isikulungele ukuzifunza, iyeke ikwenze lokho ngoba kuyenza ukuba ikwazi ukuzimela nokuzenzela izinto - ukuzifunza ngeke kube yinto elula - kuzodingeka ikwazi ukusebenzisa izandla ngokuhambisanayo nomlomo.
OKWAMAHHALA! Kwengane yakho
Imikhiqizo yeJust For Baby ngeyomama abayinakekelayo impilo yezingane zabo nabaqikelela ukonga imali. Uchunge lweJust For Baby luqukethe lokhu: okhilimu abanamakha nabangenawo abangama-aqueous cream, ne-petroleum jelly enamakha nengenawo, i-baby talc ne-baby oil.
Ukuze uziwinele eyodwa yamahampa angu-20 abiza R200 iyinye, bhala igama lakho nekheli kwi-postcard uyithumele kuleli kheli: BONA/Just For Baby Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060 noma uSMSe Just For Baby ku-35919. [z]
