zulu.1402.piracy
I-Operation Dudula
Joyina impi yokulwa nomculo womgwinyathi
Usuke ungesiye umlandeli uma uthenga amaCD omkokotelo, ngoba lokho kusho ukuthi untshontshela izihlabani zakho uqobo
ESIKHULU: Uma uwuthanda umculo, ngeke uthenge amaCD omkokotelo kubantu abawadayisa emgwaqweni.
ZININGI izinhlangano ezisebenza ngomshoshaphansi ukukhiqiza amaCD omkokotelo bese ziwadayisa ngemali ephansi.
Emizamweni yokunqanda lobu busela, abaculi, ophrojusa nabanye abathintekayo embonini yezomculo, basanda kwethula umkhankaso i-Operation Dudula.
Njengegama lawo, lo mkhankaso uhlose ukukhipha lesi sihlava somculo womkokotelo.
Ingxenye yokuqala yeDudula yenziwa ngendlela yokuba kumashwe kuyokhucululwa umculo owumkokotelo ezitaladini nokuba kuqwashiswe umphakathi ngalokhu, ekubeni ingxenye yesibili yayibandakanya ukuqoshwa kweCD neDVD ngenhloso yokweseka lo mkhankaso.
Ingxenye yesithathu kuzoba wuchunge lwamakhonsathi kuqhutshekwe nokunxenxa abaculi abahlukunyezwe yile nkinga yokudlelwa amandla abo ngabanye abantu. I-SA ingelinye lamazwe angu-18 lapho umculo ongumkokotelo kunguwo odala ukulahlekelwa okungamaphesenti asuka kwangu-25 kuya kwangu-50 ekudayisweni komculo. Angaphezu kwamaphesenti angu-80 amaCD namaDVD angumkokotelo alapha eSA adayiswa eGauteng.
Ngo-2005 kuphela, angaphezu kwesigidi amaDVD, amaCD nama-games abanjwa ngabaphoqelela ukugcinwa komthetho.
URebecca Malope uthi kwathi lingakapheli isonto kukhishwe i-albhamu yakhe yakamumva ethi Umthombo, kodwa ayesekhona amakhophi omkokotelo ethengisa cishe R16.
Ongomunye wabaphathi beBula Records, uTshepo Nzimande naye ukuvumile lokhu. “Abaculi baziphilisa ngawo lo mculo abawenzayo. Ukukhiqiza nokudayisa ngokungemthetho akubakhokheli ngalutho abaculi.”
I-Nigeria kuthiwa yiyo ehamba phambili kulobu bugebengu emhlabeni njengoba inezizinda ezingu-8 okusuka kuzo amaCD namaDVD athunyelwa eSenegal, Ghana naseSA. [z]
BONA ZULU – May 2007
PHEZULU naNGENHLA: Kucekelwa phansi amaCD omgwinyathi.
indaba nguTEDDY GOMBA
