zulu.1401.celeb style
Ifeshini
■ Uma ukhetha i-T-shirt qiniseka ukuthi ukhetha enemibala ehambisana nesizini imeshe ibala lesikhumba sakho.
■ Uma i-T-shirt yakho inemibala eminingi, yimeshe ngokugqoka okwangezansi okunombala owodwa noma uyigqoke nebhulukwe le-denim.
■ Hloba ukuze ubukeke kahle.
njengesihlabani
Bukeka
UDUMILE kanti ugqoka kahle uJennifer Hudson umculi waseMelika obuye abe ngumdlali, owakhulela emndenini ompofu. Nakuba lesi sihlabani esinomzimba owondlekile sidumile, siyazi ukuthi yini ebukeka kahle emzimbeni waso.
Akazithandi izingubo ezihlotshiswe kakhulu kanti uzwana nokugqoka kahle. Uthanda izindwangu ezinhle kanti unesitayela sakhe sokugqoka esimenza abe ngowesimame ophelele.
Kulula ukubukeka njengoJennifer, akugqokile ungagqoka e-mall noma ebhrayini. Lapha sikukhombisa ukuthi ungagqoka kanjani.
Indlela yokukhetha i-T-shirt enemibala
Gqama ube muhle njengoJennifer Hudson
Indlela yokubukeka
1. Amacici (R35), Foschini.
2. Ishethi elihlotshisiwe (R120), Foschini.
3. I-jean (R599), Guess at Edgars.
4. Isikhwama esi-cream (R650), Nine West.
5. Ama-sandals
(R195), Rage.
6. Ibhande (R39), DFX.
Izitayela: Lethu Nxumalo
Izithombe: Peter Whitfield
IZITOLO:DFX :011-541-2232.Edgars: Ezitolo ezweni lonkana.Foschini: Ezitolo ezweni lonkana.Nine West: 011-555-2300.Rage: 031-265-0660.
