zulu.1399.tpeer
esithombeni abalingisi
EZABASHA:
Intsha ilulekwa nguFat Charlie...
Ufuna ukuzibonakalisa nawe
Amaqiniso ngokududana nabangani...
KUNINGI esikuzwayo ngengcindezi yokududana nabangani kubantu abasha. Othisha nabazali bahlale beyala izingane ukuba zingahlangani nabantu abangalungile. Kodwa uma sifuna ukwethembeka ngakho - bafowethu nodadewethu kungenzeka nibakhohlise abazali nothisha kodwa ngeke nimkhohlise uFat Charlie - ukududana nabangani yinto evame ukushiwo ekuzithetheleleni emaphutheni.
Ubezwa bethi "Yibona abangenze ngakwenza," sengathi bona bebengenayo indlela yokuzikhethela.
Abantu ongadudana nabo yilabo abangontanga bakho, ofunda nabo enizwanayo nabo - akuvamile ukuba ongezwani nabo bakuphoqelele entweni.
Kodwa ezinye izinto sizenza ngoba nathi sifuna ukuzibonakalisa sizizwe siyingxenye yalabo bantu. Sicabanga ukuthi uma sisebenzisa izidakamizwa, siqala ukuphuza nokubhema, ukugqoka ngendlela ethile - sizokwamukeleka. Iqiniso wukuthi akekho osuke ekumele ngenduku.
Ngakhoke uma sesizithola sesisezinkingeni, bafowethu nodadewethu masingacashi ngokuthi "siphoqelelwe abangani." Okunye okubalulekile, masibhekane nezenzo zethu ngisho nanobuwula bethu imbala.
Masigweme ukuzifaka otakwini ngokuba sazi ukuthi abanye abantu bacabanga kanjani...
Ngisanda kuhlangana noGD esasifunda naye kodwa esasingazani ngoba yena wayejwayelene nalabo bantu abango 'scuthe' - abantu abahlale begqoke kahle, abakutshela ngomculo ophambili, nama-cellphone kanokusho abahlale bezithokozele.
U-GD wathi: "Uyazi ngiye ngicasuke uma ngicabanga ngesikhathi engasichitha ngizwana nalabaya bafowethu."
Kwakuthi lapho enemali yokuthenga obhiya, kube abangani bakhe abakhulu. Kodwa isikhathi esiningi babengamfaki ezinhlelweni zabo.
Lokhu wakufunda emva kwesikhathi nokuyisifundo azimisele ukusedlulisela ezinganeni zakhe ngelinye ilanga: uma ungeyona ingxenye yabathile, uyohlale ungeyona, ungaziphoqeleli.
Uma ufuna ukuziphoqelela kubantu, bazokusebenzisa kuphele nokukuhlonipha.
Nakhu engifuna nizibuze kona bafowethu nodadewethu: ngabe labo "bantu abahle" bahlale bethokozile njengoba wena ucabanga ukuthi kunjalo" Ngabe ngempela kukhona okukulahlekelayo ngokungabi yingxenye yabo"
Uboke wenze kanje: ubalalele ukuthi baxoxa ngani, uzobona ukuthi bachitha isikhathi sabo bexoxa ngezinto asebezenzile nabasazozenza. Uma besephathini ethile, baxoxa ngokuthi iyiphi enye elandelayo abazoya kuyona nokuthi yayimnandi kangakanani eyokugcina ababekuyo. Abekho kulelo zinga wena ocabanga ukuthi bakulo.
Ngabe lokho ukuba nentokozo"
Nezindaba abazixoxayo ngenjabulo ababe nayo ngezimpelasonto ziyihaba ngoba kuqondwe ukuhlabekisa abanye ngazo.
Wena ungazizwa unesizungu uwedwa, kodwa lokho kukusiza ekutheni uzicije ubuwena nokuyilapho ukwazi ukuzibuza khona kabanzi ngawe uqobo, ufunde izinto ezibalulekile.
Labo abathokozile kuyabaphuthela lokhu bazithole impilo yabo isiya ngapha nangapha njengamahlamvu entwasahlobo epheshulwa wumoya.
Ngisho ungazibona uwedwa kodwa azi ukuthi awuwedwa. Bheka eduze kwakho, uzobabona abafana nawe, abaziyo ukuthi impilo ayisho nje kuphela ukuba ne-cellphone enhle nokuya emaphathini aphambili.
Okunye engithanda nikwazi wukuthi: isikole siyingxenye yesendlalelo sezinto ezinkulu empilweni.
Uzithola ukwi-grade ethile nabantu olingana nabo. Akulula ukuzikhethela umndeni kodwa abangani, umuntu ozikhethelayo - esikoleni lokho kuzikhethela kulinganiselwe.
Kuthi lapho usuyoqhuba imfundo ekolishi, uthole ukuthi amathuba okuhlangana nabantu beminyaka ehlukene ayanda.
Kodwa okwamanje, uma ungumuntu ohlale ezizwa engaphandle ebheke ukuba ngaphakathi, kusebenzise lokho kulangazela kwakho ukuxhumana nabanye - umfana noma intombazane entsha noma lowo muntu iningi elingamxoxisi noma lowo abaningi abahlale bemhleba.
Imiphumela yalokhu ingakumangaza nawe uqobo - uzothola ukuhlonishwa abanye ofunda nabo ngoba ukhombisa ukungazinaki izinto abantu abakucabangela zona.
Okunye okubalulekile, uzokwakha ubungani beqiniso kuthi abanye besacabanga ukuthi yini abangayenza ngoMgqibelo ebusuku, wena wenze okuzoshintsha impilo yomhlaba.[z]
BONA ZULU - May 2006
isithombe nguCLIVE THOMPSON
u
t
Masibhekane nezenzo zethu
Abantu bayaxaka
Abangani beqiniso abenzisani okubi.
Noma ngubani ofuna ukukwenzisa into ongayifuni, okugconayo noma mhlawumbe akwesabise, akusiye umngani wakho.
Bheka abantu abasebenzisa izidakamizwa benze nezinye "izinto ezimbi" njengokugqekeza emizini yabantu, noma bathengise ngemizimba yabo kobaba abadala ngoba befuna ukuphiwa "izipho", konke lokhu yizinto ezimbi hhayi ngoba zingekho emthethweni kodwa ngoba zingabeka impilo yakho engcupheni.
Ngaphakathi kubona abaphatheki kahle. Pho yini abayenzayo" Abantu bayaxaka, kuthi lapho benza izinto ezimbi, bafune ukuba nabanye babajoyine. Ngaleyo ndlela, bazozizwa bejabulile ngoba "wonke umuntu uyakwenza lokho." Engikushoyo wukuthi, abantu bazama ngazo zonke izindlela ukukwenzisa izinto ezingasile njengokusebenzisa izidakamizwa (noma yini) ngoba befuna ukuzizwa bethokozile ngokwabo. Abanendaba nawe "nezinkinga" zakho.
BONA ZULU - May 2006
