zulu.1392.paraffin
Kuphasiswe umthetho omusha olawula ukusetshenziswa kwezitofu zikaphalafini, kodwa lezi zitofu zisabulala zicekele phansi amakhaya eSouth Africa. Nakhu okumele ukwazi ukuze uphephe...
BONA ZULU - September 2007
Uphenyo lukaBONA
BEKUFANELE ukuba kube ngunyaka wenjabulo kwabakhankasela ukuphepha kwezitofu zikaphalafini kodwa ngomhlaka 1 January, kulo nyaka, cishe emva kweminyaka emine uBONA wabhala ngengozi yezitofu zikaphalafini - kwaphasiswa umthetho wokuba kuyekwe ukwakhiwa kwalezi zitofu.
Pho kudalwa yini ukuthi siqhubeke sizwe kusakhulunywa ngamalangabi abulala akhubaze abesilisa, abesimame nezingane" Kudalwa yini ukuthi sizwe kuthiwa ngonyaka ingu-100 000 imindeni eshelwa yizimpahla ilahlekelwe wuphahla ngenxa yamalangabi acekela phansi amakhaya ahlukahlukene"
Umthetho okufanele usivikele akukaphoqeleki ukuba usebenze kanti babili abahloli abajutshelwe ukuba bawuhlole. Esikhathini esingangonyaka esedlule, uMnyango wokuMbiwa Phansi wavuma ukuthi awunamgomo olawula ukusebenza kwamandla nophalafini emakhaya.
"Njengoba sesineminyaka engaphezulu kweyishumi sisembusweni wentando yeningi, kusazodingeka ukuba ngokomthetho-sisekelo kuqikelelwe ukuthi sihlala endaweni engabeki impilo yethu engozini kuqinisekiswe nenhlalakahle yabantu abangu-18 million abasebenzisa uphalafini," kusho uPatrick Kulati we-Paraffin Safety Association (PSA).
"Nakuba uphalafini usiza futhi ubiza kahle, amalitha awo angu-700 million adayiswa minyaka yonke eSA alondolozwa asetshenziswe ngezindlela ezingayikhathaleli impilo nenhlalakahle yabantu."
NgokweNational Treasury, kusetshenziswa u-R104 billion ngonyaka kulungiswa umonakalo odalwa yimililo kaphalafini. Le mali iphindaphindeke ka-50 ngaphezulu kuka-R2 million otholakala ngokudayiswa kukaphalafini.
Inkinga yokungabi nawo ugesi yenza ukuba sande isibalo sabaseSA abasebenzisa uphalafini. Hlola ukuthi kuphephe kangakanani ukusebenzisa uphalafini ngaphambi kokuwusebenzisa.
Ngeke uphile ngaphandle kwaso
INGOZI 1: Ngeke ngiphile ngaphandle kwesitofu sikaphalafini ngoba ugesi uyabiza kanti ubuye uphele.
Ukufakwa kukagesi eSA kuke kwahamba kahle. Wafakwa ngokuphindaphindeke kabili phakathi kuka-1994 no-2001. Ukusimama komnotho eminyakeni edlule kwehlisa amanani awo.
Kodwa manje abakwa-Eskom banenkinga yokusiphakela ugesi owanele. U-Valli Moosa ongusihlalo wakwa-Eskom wahlawumbisela ukuthi lesi simo siyoba ngcono ngo-2013, uma sekusetshenziswa izizinda ezintsha zokuphehla amandla kagesi.
Kuzodla u-R150 billion ukulungisa lesi simo kanti abakwa-Eskom banethemba lokuthi enye yale mali bazoyithola ngokukhuphula amanani abo.
Amakhaya amaningi asebone kungcono ukuthi asebenzise izitofu zikaphalafini ayesezitshele ukuthi ngeke aphinde azisebenzise ukuze akwazi ukupheka.
"Bangu-18 million abantu abasebenzisa uphalafini eSouth Africa - ngokusho kukaKulati.
"Iningi lisengozini yokusha ngoba lisebenzisa ama-heater nezitofu ezingekho esimweni esikahle."
ONGAKWENZA: Uma kudingeka ukuba usebenzise okusebenza ngophalafini ekubeni unogesi, ungalibeki ilambu likaphalafini, isitofu noma i-heater phezu kwesitofu sikagesi noma kwe-heater. Imbangela yalokho wukuthi izinto ezisebenza ngogesi zivame ukungacishwa uma kuphela ugesi.
Uma kubuya ugesi, lezi zinto ziyazifudumalela kufudumale nezikaphalafini ezigcina sezigqamukile.
Isitofu esisha
INGOZI 2: Ngizothenga isitofu esisha sikaphalafini.
Ungacabanga ukuthi njengoba sekunemithetho emisha elawula ukusebenza kwezitofu zikaphalafini kuphephile ukuthenga esisha kanti ushaye phansi!
Uyobe usenhlanhleni uma uthole isitofu esigunyazwe wumthetho esitolo ngoba lolu daba lwabhalwa kunenhlobo eyodwa okwakugunyazwe ukuba yakhiwe idayiswe eSA. Ezingu-10 zisahlolwa ngokusho kukaThomas Madzivhe oyimenenja kwaSABS kanti wuhlobo olulodwa olungamukelwanga.
Kodwa kulobu busika beziziningi izitofu ebezidayiswa ezitolo ezinkulu nasezitaladini.
Imbangela yalokho wukuthi izinkampani azisazikhumbuli izitofu okuthiwa aziphephile. Lokhu kwehlukile kokwezinkampani ezakha izimoto - ukwenza isibonelo, zona zivame ukuxwayisa amakhasimende ziwatshele ukuthi awabuyise izimoto ezinenkinga ukuze zilungiswe.
NgoMarch, uMoses Moeletsi oyisiphathimandla kwiSA Bureau Of Standards Regulatory waxwayisa izinkampani ezakha izitofu ngokuthi mazilahle zonke izitofu ezingagunyaziwe ngumthetho. Waze wesabisa ngokuthi uzodalula amagama alezo zinkampani ezingahambisani nalokho.
Kodwa phezu kwalokho, abakwaSABS abanabo abahloli abenele abangabasiza - babili kuphela kuzwelonke ngokusho kukaMadzivhe.
Ekuqaleni kwalo nyaka, izinkampani zazitshela izitolo ukuthi zinemvume eziyithole eMnyangweni wezoHwebo nezeziMboni yokuthi zingazidayisa izitofu zazo. Kodwa ngaleso sikhathi asikho isitofu esabe sesigunyazwe ukuba sisebenze ngokomthetho omusha.
ONGAKWENZA: Uma ufuna ukuthenga isitofu esisha, sebenzisa lesi seluleko sabakwaPSA:
Bheka ukuthi isitofu sakho sigunyazwe ngokomthetho yini ukuba sisebenze nokuthi sinayo yini ilayisensi yakwaSABS - bheka le-code: SANS 1906:2006.
Ungasithengi isitofu ongakwazi ukusisebenzisa. Buza esitolo ukuthi sisetshenziswa kanjani. Uma kungenzeka, cela ukuba bakukhombise ukuthi silayithwa kanjani.
Ungasithengi isitofu esingenayo imithetho ecacile yokusetshenziswa kwaso.
Ungasithengi isitofu esibonakala sengathi sizofa noma siphuke kalula.
Ungasithengi isitofu esingabhaliwe igama lenkampani eyasakha nesingenayo nenombolo yocingo yaleyo nkampani ebhokisini.
Izitofu zakwamanye amazwe
INGOZI 3: Uthole isitofu sakwamanye amazwe sisendalini.
Kwezwakala kuyizindaba ezimnandi ukuthi izinkampani zaseSA ezakha iPanda neHippo seziyekile ukwakha lezi zitofu. Zabona kufanele ukuba zigcine umthetho ngoba nazo zaziyingxenye yethimba eladweba leyo mithetho.
Lokho kwenza ukuba ubusika bufike sesehlile isibalo sezitofu ezabe sezitholakala eSA kodwa ngokukaDkt. uPhilip Lloyd we-Energy Research Centre e-UCT, lezi zinkampani zaqhubeka nokwakha izitofu - zajoyina izinkampani zangaphandle ezaziletha lezi zitofu ezweni lethu. Lokho kukhomba ukuthi kunelinye igebe elisekhona emithethweni elawula ukusetshenziswa kwalezi zitofu ngoba ngokukaDkt. uLloyd, abeSA Customs & Excise bebengenalwazi ngomthetho omusha.
"Kwaze kwasiza uMnyango wezoHwebo nezeziMboni okuyiwona owatshela abeCustoms & Excise ngale mithetho ukuze bazi ukuthi kusezandleni zabo ukunqanda ukungena kwalezi zitofu kuleli. Lowo msebenzi baqala ukuwenza ngoJuly," kusho uDkt. uLloyd.
Akekho onolwazi lokuthi zingaki izitofu ezingekho esimweni esihle ezazivele sezithunyelwe eSouth Africa zadayiswa.
ONGAKWENZA: Izinkampani zaphesheya ezenza izitofu kufanele nazo zihambisane nomthetho omusha njengoba kwenza ezakuleli - ngakhoke sebenzisa izeluleko zabePSA esizibalile ukhumbule nokuthi uma uthenga isitofu esenziwe ngaphandle, thenga esinezinombolo zenkampani yaseSA ezidayiswa ngebhokisi.
Uma isitofu sikunika izinkinga ngeke kube lula ukuthola usizo enkampanini engaphandle ekude kakhulu nawe.
Izitofu oziphampayo
INGOZI 4: Siphephile isitofu osiphampayo.
Abantu abaningi bathenga izitofu ezinezintambo ngoba zishibhile - zibiza uR30 kanti oziphampayo zibiza uR100. Ezinezintambo azikushisi ukudla kalula uma upheka, ngokusho kukaPatrick Kuleni wabePSA.
Akubizi ukusebenzisa lezo oziphampayo ngoba ilangabi lazo linamandla ekubeni azidli kakhulu nakuphalafini. Ziphephile ngoba awukwazi ukufaka uphalafini zivutha.
Kodwa okwamanje umthetho usagunyaze ukuba kusetshenziswe izitofu zezintambo kuphela kanti kusabhekwa ukuthi yiziphi eziyikhwalithi ezingasetshenziswa kulezo ongaziphampa.
ONGAKWENZA: Okufanele ukubheke esitofini nakwi-heater ngokwabePSA:
Ziyacisha uma ziwa.
Ziqinile, zinesinqe esibanzi esizimelele ukuze zingawi kalula.
Zinendawo ekhombisa ukuthi ungakanani uphalafini ngaphakathi.
Imithetho yokusetshenziswa kwazo icacile.
Udlala ngomlilo
INGOZI 5: Awuwutheli kahle.
"Uma uphalafini usumncane esitofini, ilangabi liyehla bese ngivele ngiwufake isitofu sivutha," kusho umama waseMlazi kuSibongile Mafu ongumcwaningi wakwaHSRC.
Abanye omama bathi bavele bafake amanzi esitofini ukuze kukhuphuke uphalafini osele ungene ezintanjeni noma basinyakazise isitofu.
Khumbula - uphalafini esitofini usebenza ngendlela efana neyalokho okusetshenziswa emabhanoyini ngoba usha ngamandla ngisho emazingeni okushisa aphansi. Uqala ukushisa ngamandla emazingeni aphansi angaba ngu-43oC.Okumqoka kakhulu ngemithetho emisha eshayiwe wukuthi izitofu ezigunyaziwe aziwi kalula kanti nophalafini ofakwa kuzona awuyi ezintanjeni uma kwenzeka ziwa.
Kodwa ngeke uphephe uma isitofu sesisidala noma sitshekile.
ONGAKWENZA: Ukuze uvikele umndeni wakho, qiniseka ukuthi bonke abantu abasebenzisa isitofu sikaphalafini basisebenzisa ngendlela ephephile:
Beka isitofu phezu kwetafula elinganyakazi ungandlali lutho ngaphansi kwaso.
Qiniseka ukuthi uzikhiphe zonke izithako ozozisebenzisa uma usupheka ulayithe isitofu usuzikhiphile.
Bheka ukuthi uphalafini usekhona yini esitofini uwufake uma kunesidingo. Uma uphalafini uphela usapheka, susa ibhodwe ulimboze ngendwangu ukuze lihlale lifudumele, cisha isitofu ufake uphalafini ulayithe uqhubeke upheke.
Izingane mazingabi seduze kwesitofu. [z]
Dambisa amalangabi okufa
indaba nguPATRICIA McCRACKEN
izithombe ngesihle sabePARAFFIN SAFETY ASSOCIATION
Baleka!
Uma useduze kwelangabi likaphalafini, qoqa abathandiweyo bakho nibaleke ngokwesixwayiso sikaTeri Kruger oyimenenja yezokuphepha kwiPSA. Ngokwezibalo zabePSA, kuthatha umzuzu ukuthi ilangabi likaphalafini libe ku-400oC. Emva kwemizuzu emithathu lisuke liku-700oC, kanti emva kwemizuzwana engu-30 lisuke seliku-900oC.
BONA ZULU - September 2007
U-Precious ulwa nomlilo
"Ngangifuna ukukhiphela isitofu ngaphandle ukuze zingashi izimpahla," kusho uPrecious Mamadi wase-Alexandra (kwesokudla) ku-Andile Carelse owayenguMC kwiPSA National Summit. Kodwa kwasha ingubo waziphephisa ngokuzigingqa phansi.
u
t
KWESOKUDLA: Iphindwe ka-50 imali yokulungisa umonakalo odalwa uphalafini kuleyo etholakala ngokuthengwa kwawo.
BONA ZULU - September 2007
Ungawufaki uphalafini esitofini sivutha!
Zingu-1 000 iziguli ezelashelwa ukusha esibhedlela saseChris Hani Baragwanath ngonyaka.
5
1 Tshela umnini-sitolo akukhombise incwadi ephuma kwabakwaSABS efakazela ukuthi akudayisayo kugunyazwe ngokomthetho.
2 Uma engafuni, bika udaba lwakho kwabeSABS ngokubashayela ku: (012-428-7071) ushayele nabakwaPSA ku: (0861-224-422).
3 Ungazithengi izimpahla zezinkampani ezingafuni ukugcina umthetho.
4 Xhumana namakhansela uwakhuthaze ukuba akulwele ukuphepha kwenu.
5 Funda kabanzi ngokuphepha uma usebenzisa uphalafini.
izindlela zokuphepha ezitofini ezingamabhomu
BONA ZULU - September 2007
