zulu.1390.motoring
Izifiso EZINHLE
UKUHAMBA KWAYO IZINGA LAYO UBUKHAZIKHAZI UBUYONA
BONA ZULU June 2008
Emva kwemizuzu emithathu ngiyishayela le-4x4 ngazibuza ukuthi yini kanti umuntu angayidinga ngaphezu kwalena emotweni.
I-Range Rover yimoto esezingeni eliphezulu enenjini engu-4,2 V8 eyengeza isisindo semoto isenze sibe ngamathani amabili.
Ingagijima iye ifinyelele ku-200km/h ngokuphazima kweso kanti ihamba ngisho endaweni enjani. Yakhiwe ngabakwaLand Rover - ihamba ngisho ehlathini imbala.
Mina umbuzo enginawo ngothi - ungakuthokozela yini ukuthatha imoto ebiza ngaphezu kwesigidi samarandi uyihambise ezindaweni ezimbi?
Ibiza R1 028 000 kanti inama-headlights nama-windscreen wipers azisebenzela ngokwawo uma kwenzeka kuba mnyama noma kunetha kanti kukhona nomsakazo odlala nomculo onama-speakers angu-14.
Inane-satellite ehamba cishe ibanga elingamamitha angu-3, ikunika noma iyiphi i-address oyifunayo emhlabeni, i-steering sikhavwe nge-leather ehambisana nama-seats.
Kukhona ngisho nekhamera yangemumva ekukhombisa okungemumva kwakho kwi-screen seTV ngesikhathi uhlehla.
Ngaphezu kwalokho inamaTV amabili akhelwe kuma-headrest angaphambili - iyinye inama-wireless headphones ukuze izingane zingaphazamisi lapho zizidlalela amaDVD azo.
I-Range Rover supercharged V8 iyadla ephaketheni nokwenza iningi lethu likhohlwe wukuphupha ngayo, kungakhoke iyohlale iyizifiso ezinhle kwabaningi.
AMAQINISO
UHLOBO LWENJINI: 32 valve supercharged aluminium V8 (petrol)
USAYIZI WENJINI: 4197cc
ITHANGE: 104 litres
ITHANGE ELIGCWELE (LINGAKUGCINA) 600km
ESIKUTHANDILE: Ukuhamba kwayo, izinga ekulo, ubukhazikhazi nesithunzi sayo.
ESINGAKUTHANDANGA: Wukuthi ngeke sakwazi ukumelana nokubiza kwayo.
INANI: R1 028 000
BONA EZEZIMOTO
Zinenjini eyi-V8. Zinkulu futhi zinamandla zidumisa okwezulu. Kule nyanga sinihlolele izimoto ezimbili ezinakho konke ongakucabanga nongakudinga emotweni....
Indaba nguGavin Foster
UKUHAMBA KWAYO ISITAYELA INANI
Ngesikhathi nginikwe ithuba lokuhlola imoto yohlobo lweRange Rover V8, izulu lalinetha. Ngafika ekhaya abakwaGeneral Motors beshiye imoto eluhlaza ngombala yohlobo lweChevrolet Lumina SS ku-driveway yakwami nemiyalelo yokuba ngihambe ngayo ngiyihlole isonto lonke.
Ngokwami i-Lumina akusiyo i-bakkie. Ukube nganginayo ngangingeke ngiyisuse i-vinyl cover endaweni yayo.
Lena yimoto enamandla yohlobo lwe-two-seater. Ukuthi inendawo yokufaka izimpahla ngemumva yikho okungehli kahle kimina. Ukube nginayo mhlawumbe kufike isikhathi sokuba ngithutha ifenisha noma yini eyumthwalo, ngingavele ngithathe ucingo ngishayele indawo eqashisa ngama-Isuzu. Lena akusiyo i-bakkie. Yenza 240km/h.
ILumina ayifani neRange Rover ngezinto enazo, kodwa lokho anginendaba nakho.
Lolu hlobo lwemoto alwenzelwe ukuhamba utetemuka.
Lunento yokudlala umculo enomsindo obabazekayo kodwa mina ngincamela ukulalela injini yayo eyi-V8 izamula.
Ine-aircon nama-electric window kanti lolu hlobo olusha lwe-model lusanda kwethulwa ezinyangeni ezimbili ezedlule, lunane-traction control nokuyinto elusizo kakhulu.
I-Lumina SS Utility yona ibiza R359 900 lapho iyi-six-speed manual - nokuyiyo engayisebenzisa ngesikhathi ngiyihlola - noma eyi-auto.
AMAQINISO
UHLOBO LWENJINI: Aluminium V8 (petrol)
USAYIZI WENJINI: 5967cc
ITHANGE: 70 litres
ITHANGE ELIGCWELE: (LINGAKUGCINA) 600km
ESIKUTHANDAYO: Ukuhamba kwayo, isitayela nenani
ESINGAKUTHANDI: Akukho - iyingcwenga
INANI: R359 900
THOLA USIZO LOKUXHASWA NGEZIMALI!
Kufanele ukhumbule ukuthi uma wenza isicelo sokuthola imali yokuthenga imoto noma enye into, ibhange likubiza inzuzo enhle ukuze lizuze.
Uzothola ukuthi umdayisi wezimoto olusizo endaweni asebenzela kuyona kukhona nomele ibhange elithile ukuze akusize ngokwenza isicelo sakho sosizo lwezimali.
QAPHELA! Lowo msebenzi wasebhange uthola ikhomishini ngomsebenzi awenzile kanjalo nomdayisi wezimoto.
Zithobe, uzwe ngabo kwabafuna ukukusho kodwa ungasayini yonke into kuze kube uyaneliseka ngenqubo yabo.[z]
BONA ZULU June 2008
