zulu.1385.health
Ezempilo
BONA ZULU - December 2005
Yidla okumibalabala!
Izithelo nama-veg okumele siphile ngako kwakuqhakambiswa ngengqephu esesitayeleni emkhankasweni weFive-A-Day For Better Health Trust kwi-International Union of Nutrition Sciences Conference esanda kubanjelwa eThekwini. Nakhu abafuna sikukhumbule:
n Yidla izithelo nama-veg amahlanu ngosuku ukuze wehlise izinga lokuphathwa yisifo senhliziyo ngamaphesenti angu-30 kanti izinga lokuphathwa yi-stroke nomdlavuza lona lehla ngamaphesenti angu-20.
n Akube yizidlo eziyimibala ehlukahlukene ngoba ngaleyo ndlela uzokwazi ukuthola wonke umsoco okuleyo mibala - umbala ophuzi osemmbileni uvikela amehlo, oluhlaza okwi-broccoli ulwa nomdlavuza kanti oluhlaza okuma-plums nama-berries uvuselela amasosha omzimba.
n Kulezi zidlo ezinhlanu amazambane nokunye okunesitashi akubaliwe kodwa ungadla noma yimaphi ama-veg nezithelo. Okudlayo akube ngu-80 grams, ukherothi, utamatisi, ubhanana, ipetshisi, isixha samagilebhisi no-3/4 wenkomishi ye-green salad - zitike kule sizini!
IQINISO:
Hlala uphilile noPATRICIA McCRACKEN
Phumela obala
Phumela obala ngeWorld Aids Day engomhlaka 1
December - nangasemva kwalokho - kukhuthaza u-Adam Levin, oyiPWA nongumbhali we-Aidsafari, Memoirs Of My Journey With Aids (Zebra, R129,95):
"Ngisakhumbula ukuthi ngangesaba kangakanani ukukhuluma ngeHIV kuqala. Kodwa ngagcina ngibonile ukuthi lokho akusizi ngalutho. Ngangikhuluma ngayo kuma- shopping malls nakuzo zonke izindawo. Ngokuphumela obala ngayo, lwehla uvalo enganginalo. Ngokukhuluma ngayo, kuba lula ukuyiqonda kahle nokuphila nayo."
Abantu
yizilwane
ezinezandla
ezingenabala.
IQINISO:
Ngeke uwuthole umdlavuza
Kule sizini, ungakhohlwa wukuthi uthola okungaphezu komsoco owudingayo uma udla isidlo samakinati, isaladi kabhontshisi noma isitambu sakho. Abacwaningi baseMelika bathole ukuthi amakinati,
ama-cashews nobhontshisi yizidlo ezinokuthile okwenza ukuba izindlala zingakhuli emzimbeni - okusho ukuthi qhubeka uzitike ngalezi zidlo! [z]
Ucansi lungavikela
i-prostate yakho
Njengoba osaziwayo abanjengobaba uNelson Mandela owayengumongameli wezwe, u-Archbishop Emeritus waseCape Town uDesmond Tutu noHarry Belafonte umculi waseMelika bake baphathwa wumdlavuza we-prostate, abantu sebeqwashiswa kakhulu ngawo. Kodwa uDr Shingai Mutambirwa osebenza ngezinye eMEDUNSA, uthi iningi lethu alazi ukuthi kulula kangakanani ukuzivikela kulo mdlavuza ngisho noma ususabalalele emathanjeni.Izindaba ezizoba mnandi kwabaningi ezokuthi abesilisa abaya njalo ocansini bangaphepha kulo mdlavuza ngokukaDr Mutambirwa. Ungazivikela nangokudla utamatisi ophekiwe, uVitamin E namaphilisi e-zinc ngoba konke lokhu kunamakhemikhali amqoka abizwa ngama-antioxidants asiza ngokulwa nomdlavuza. Zama ukuhlolwa ukuthi awunawo yini lo mdlavuza uma usuneminyaka engu-40 kanti manje kuhlolwa igazi akusafani nakuqala lapho kwakuhlolwa khona amathumbu amakhulu.
yonke emzimbeni
Ulimi umsipha
oqine kunayo
womuntu.
