zulu.1383.yourstyle_beautynews
Izinzipho ezinhle
AbeNailene basanda kubuyisa ifeshini eyi-Do-It-Yourself enochunge lwezinzipho olusheshayo nemikhiqizo yezinzipho.
Ekwethulweni kwawo lo mkhiqizo endaweni ephambili nengubukhazikhazi eStudio 8 eCape Town, abeNailene basidalulela imikhiqizo yabo emisha ongazisebenzisela yona uwedwa ekhaya wenze izinzipho zakho zicwebezele - ekubeni abangani bakho bangacabanga ukuthi uzilungise kochwepheshe.
Khetha izinzipho ezixhunywayo zochunge olusha lweCouture noma uzame olufuze
ezendalo uchunge lwe-So Natural.
Thola imikhiqizo yabe-Nailene kulezi zitolo ezila-ndelayo: Clicks, Dis-Chem, Edgars, Foschini nase-Truworths.
UBUHLE BAKHO
Okudinga uhlale unakho kwi-handbag
Kunezinto ongeke uhambe ngaphandle kwazo ngaleli Hlobo njengama-rescue-rangers azokwazi ukukulungisela noma iyiphi inkinga futhi akugcine ubukeka kahle usuku lonke.
■ Gcina umeluko wakho umuhle uthambile. Khetha iHair Brush (R41,99), Pick n Pay.
■ Gcina izindebe zakho zizinhle ngePure Lip Gloss (R105), Dis-Chem.
■ Sula amakhala avuzayo ngama-tissue athambile. Zama iphakethe lama-tissue eKleenex (R19,99 iphakethe langu- 8), Clicks.
■ Nuka kahle usuku lonke ngeBlack Lace Perfume yakwaYardley (R289), Edgars.
OKUKHETHWA NGUMHLELI
Lula izinwele ngaphandle kokusha
I-Black Silk Hair Relaxer ithandwa abaningi. Le relaxer inedumela ekwenzeni izinwele zibukeke njengezendalo.
Lokhu kuhle uma ufuna ukuzivula noma ufuna ukwenza ezakho zendalo zithambe zikwazi nokulungiseka.
Ungayisebenzisa ezinweleni zezingane, futhi ilungele noma ngubani onesikhumba esizwelayo ekhanda.
Thola iBlack Silk Hair Relaxer esitolo sakwaClicks ngaphansi kuka-R32 manje.
Ezobuhle
UBUSO BODUMO
Isikhumba sika-Jo-Anne Strauss siqhakazile ungaze ucabange ukuthi ugeza ngobisi. Kuyacaca usebenzisa insipho iLux nama-body washes okuyikho akhangisa ngakho.
■ Abesimame bayayithanda i-Lux…
sekuphele iminyaka eminingi isetshenziswa, isifana nenqubo yezobuhle.
■ Ubudlelwane bami neLux baqala…
ngo-2000 ngesikhathi bengixhasa ngonyaka wami nginguMiss SA.
■ Ngeke ngiphile ngaphandle...
kweLux Beauty Body Wash. Engiyithandayo yiKiss Me.
■ I-shower yami…
Ngithanda amakha eLux Beauty Body washes – amnandi.
■ Indawo yami engiyithandayo emzimbeni wami…
yisikhumba sami. Ngivakasha isikhathi eside ngiyathanda nokuhamba amaphathi - ngakhoke ngidinga ukuzinika isikhathi ngiphumuze isikhumba sami. Njalo emva komsebenzi wosuku, ngiye ngiyisuse i-make-up.
IZINDABA
Nihlanganiselwe nguPamella-Rose Mlandu
Umsizi wakhe: Lebohang Galela Izithombe: Andrea Caldwell noPeter Whitfield
IZITOLO:
Clicks, Dis-Chem noWoolworths: Izitolo ezweni lonkana
ISELULEKO ESISHESHAYO
Ukushisa, umjuluko nokusebenzisa imikhiqizo engesiyo kungagqwalisa ukucwebezela komluko wakho.
Ukuze uwugcine uphilile, sebenzisa ama-silcone ukuze umluko wakho ungathambi kube lula nokuwukama.
Zama i-Kair Silicone Hair serum. [z]
