zulu.1382.dead (2)
Bhasobha impundulu!
Wavuka
Ababaningi abantu abakwazi ukuzimbela amangcwaba abo, kodwa lokhu kwenzeka kuKhayalethu osilandisa ngokwakhe okwenzeka
indaba nguNTOMBOXOLO MAKOBA
ABOMNDENI nabangani babekholwa ukuthi uKhayalethu wafa emva kokushayiswa yimoto yabaleka eKhayelitsha ngaseCape Town ngomhlaka 29 April kulo nyaka. Isidumbu sakhe basithola emakhazeni kahulumeni eTygerberg ngosuku olulandelayo.
Bamfihla emaphandleni endawo yakubo eduze kwaseMount Fletcher e-Eastern Cape ngoMay 21.
Awucabange ukwethuka nokwesaba ababa nakho uKhayalethu Duna oneminyaka engu-26 ethi "memfu" eqhamuka kungalindele muntu ebukeka ephile saka cishe emva kwesikhathi esingangenyanga, ngomhlaka 17 June.
Pho wayekuphi njengoba kwakwaziwa ukuthi wafa wangcwatshwa"
UKHAYALETHU uthi isikhathi esiphakathi kokufa kwakhe nokuphinde aqhamuke kubo, yikho okuyindida kakhulu.
Into yokugcina ayikhumbulayo, wukuthi waya ezitolo eKhayelitsha ehamba nomzala wakhe uSibongile Tom ngomhlaka 29 April - usuku okusolakala ukuthi wafa ngalo emva kokushayiswa yimoto yabaleka.
Uyakhumbula ezizwa ekhathele ngesikhathi elindele uSibongile.
"Ngesikhathi ngiphuma esitolo, ngambheka uKhayalethu kodwa ngangambona ndawo," kusho uSibongile.
Wahamba wayobika ekhaya ukuthi uKhayalethu ulahlekile. Bamfuna bamthola emakhazeni ngakusasa.
"Ngesikhathi ngisahleli ngilindele uSibongile, ngafikelwa wubuthongo ngalala. Ngaphaphama sengisehlathini.
Kwakukhona nabanye abantu wafike wabajoyina, bethatha izinsimbi beyozidayisa e-scrapyard.
UMNGANI wakhe omdala uMpumelelo Damane wambona ehambisana nomunye umuntu emgwaqweni ngoMgqibelo womhlaka 17 June.
"Ngangihamba ngemoto ngesikhathi ngidlula umuntu ofana noKhayalethu. Ngayijikisa ngoba ngifuna ukumbukisisa kahle.
"Kwakunguye. Angizange ngikholwe. Ngangicabanga ukuthi ngiyaphupha. Ngamtshela ukuthi akangene emotweni siye naye emndenini wakhe," kusho uMpumelelo.
UKhayalethu wenqaba wathi wayekade evakashele abazali bakhe, wathi uyohlangana nomunye umuntu ngendaba yomsebenzi.
"Emva kwalokho wabaleka wangena ehlathini," kusho uMpumelelo.
Umlisa owayekade ehambisana noKhayalethu watshela uMpumelelo ukuthi uKhayalethu uhlala kuphi.
"Ngokushesha ngahamba ngaya emndenini kaKhayalethu ngiyowutshela ngalo mlingo engiwubonile," kusho uMpumelelo. "Akekho owangikholwa, kodwa bonke basiphelezela safike sathola uKhayalethu ehlala ehlathini."
"Kwasethusa kakhulu," kusho umalume kaKhayalethu uKoko Duna, uKhayalethu ayehlala naye ngesikhathi "sokufa" kwakhe.
LO mndeni waphindela kule ndawo eduze kwaseMount Fletcher ngoJune 24, kodwa kulokhu bezibuza into eyodwa - ukuthi yini abazoyithola ebhokisini"
Ekugcineni ngesikhathi ephakamisa isivalo sebhokisi, wathatha isikhathi eside ebuka lesi sidumbu esingaphakathi.
"Ngaphoxeka ngibuka leso sidumbu, umndeni wami owawukade ucabanga ukuthi yimina," kusho yena.
"Kwakuyisidumbu esincane esimnyama esinekhala elicijile neso elilodwa, sigcwele amanxeba okugwazwa," kusho uKhayalethu.
Umndeni wakhe wagcizelela ukuthi akusona isidumbu abasingcwaba.
Miningi imibuzo engakaphenduleki namanje njengoba amaphoyisa esaphenya. Kanti ngempela ngubani osethuneni likaKhayalethu"
Njengamanje uKhayalethu usebuyele kwayekwenza phambi kokuduka kwakhe - ukuziphilisa ngokukhanda amafriji.
Okumxakayo wukuthi akazi ukuthi yini eyadala ukuthi abantu bamenze lento emzwisa ubuhlungu obukhulu kangaka.
"Angifundile futhi anginamali, mhlawumbe bafuna ukudicilela phansi ikusasa lami ngoba ngingumuntu onesibindi."
Ukuthi ngubani owenza lokhu, unabo abasolayo.
"Bonke engibasolayo, abangibuki emehlweni. Abazange bafike emngcwabeni wami, ngibazi bonke," kusho yena.
Njengamanje uKhayalethu ubhekene nenselelo enkulu - yokuba abeHome Affairs bhaphinde bamnike i-ID.[z]
AENS/WCN
BONA ZULU - September 2006
ekufeni
PHEZULU: Usethuneni lakhe... uKhayalethu evula ibhokisi lakhe.
NGENHLA: Sebendawonye futhi... uKhayalethu enobaba wakhe uSixpeni Alson, nomama wakhe uNoAmen ekhaya kubo endaweni yaseTsitsana ngaphambi kokumbiwa kwethuna.
NGENHLA: UKhayalethu enoMpumelelo Damane, umngani wakhe owambona ehamba ehla ngomgwaqo emva kwenyanga "afa".
BONA ZULU - September 2006
Imikhovu e-Africa
UFalaza Mathebula ongumelaphi wendabuko owaziwayo e-East Rand eGoli, ukholwa wukuthi okwenzeka kuKhayalethu kwabe kungumsebenzi wobuthakathi.
"Babemshaye ngempundulu befuna ukumenza umkhovu. Wayengafile."
"Abathakathi basebenzisa amandla emimoya emibi ukuthwebula umuntu nokuyiyona into eyenza abantu bacabange ukuthi uKhayalethu ufile.
"Mhlawumbe kukhona into eyaphazamisa abathakathi emqondweni nokuyiyona eyenza bakhulule uKhayalethu."
USipho Obed Mndaweni ongusihlalo wenhlangano yabelapha ngamakhambi eGoli iGauteng Traditional Health Practitioners, naye uyakuvuma lokhu.
Uthi: "UKhayalethu wathathwa abathakathi ngosizo lwamandla emimoya emibi - nokungukuthwebula. Akazange afe."
Ukuthwebula umuntu wukumfuya abe yisithunzi somuntu ofile, nokwenza abantu bamthathe njengomuntu ofile ekubeni lowo muntu usuke ephila saka.
UMphrofethi TJ Maphosa uthi izigigaba zokuthwebula abantu yizinto ezikhona ezenzekayo kwezinye izingxenye zezwe lethu.
"Lena yinselelo kulabo abangamaKhrestu ukuba bakhuleke baqinise ukuze kuphume le mimoya emibi yabathakathi," kusho kwengezelela uMfundisi Wellington Solontsi. Wagcizelela ukuthi wakhulela endaweni yase-Eastern Cape nokuyilapho ayevame ukuzwa izindaba zabantu abasuke beshaywe ngempundulu.
"Angikholwa ukuthi lento kanti isenzeka!"
lFORCE KHASHANE
