zulu.137.yourworld_entertainment
Indawo yokuzithokozisa
I-Joe's Butchery iyimpendulo yelokishi lase-Alexandra kulabo baseMzansi abazifelayo ngokudla koShisa Nyama. Abantu bakule ndawo, abavakashi, abadumile nabangadumile bathutheleka kuyona ngezimpelasonto. Ihlanganise ibhusha, indawo yokucisha ukoma ne-restaurant.
OKUFANELE UKWAZI
Kuvulwa nsuku zonke, kodwa ilanga elihle lokuya khona yiSonto. Kuhlale kugcwele ngoba kusuke kukhona uDJ odumile. Ungabona nabajwayele ukuba khona njengoBlack Coffee.
Kukhona izinto zokubraya - ungafaka i-oda lakho bakulungisele lona. Inyama yakho ungayidla nepapa ne-chakalaka.
Ungethuki uma uzithela kubantu abadumile nabathanda ubumnandi njenge-3SUM noma abeSkwatta Kamp uShuga Smacks noFlabba.
I-Joe's Butchery isekhoneni lika-11th Street noRoosevelt e-Alexandra. Ucingo: 011-443-8943.
KULE NYANGA: Ngabe lezi zinsizwa zizohlanyisa abathandi bomculo kuleli nge-albhamu yazo yokuqala?
Just Donald (Donald)
U-DJ Cleo unodlebe lokuvumbulula amakhono omculo, kanti umculi asanda kumvumbulula unethalente elimangalisayo. Lapha kuboshelwe izingoma ezingu-11. Kungenzeka kube yi-albhamu yokuqala ngqa yalesi sihlabani - kodwa uDonald useke wasebenzisana nezihlabani ezinohlonze njengoSelaelo Selota futhi uyakwazi ukubamba indawo kanoma ngubani kwiMalaika uma inamakhonsathi.
Kule-albhamu abacula bemlekelela izinkakha ezifana noWinnie Khumalo noKhanyo. Phakathi kwezingoma ezimnandi singabala eyothando ethi El You Vee Why Owe You nenesigqi somculo we-rabi ethi Mlahla Phansi.
Bongani (Bongani)
UBongani Nxumalo i-albhamu yakhe yokuqala uyiqambe ngaye - emva kokucula ingoma yodumo ethi Everything. Useke wadlala kwiLion King eMelika iminyaka emithathu ecula nezingwazi ezifana noHugh Masekela, Donnie McClurkin, Jonathan Butler noKirk Franklin. I-albhamu yakhe iyingxube yeScathamiya/Mbaqanga nesigqi saseMotown seminyaka yo-1980. Izingoma ezithi Time to Dance, Night Fever nepholile ethi Put Your Head On My Shoulder zinesigqi esidanselekayo.
Love That Music (Timothy Moloi)
Lena yi-albhamu yakhe yokuqala ngqa lo mculi waseSoweto. Izingoma zayo zibhalwe ngobuciko. I-single yakhe ethi Friday Morning isike yezwakala emsakazweni - nezinye zalezi zingoma ezingu-12 kule CD, ngeke ziniphoxe.
KULE NYANGA: Amafilimu amnandi abantu abasha
Dragonball Evolution
Abadlala phambili: Yun-Fat Chow, Ernie Hudson, Emmy Rossum
Ubude bayo: 85 imizuzu
Le filimu ifuze umdlalo oluchunge weTV omayelana nezilwane othi Dragonball Z. Iqhawe elincane uSon Goku kufanele ayolanda isethi yemilingo yemihlaba engu-7 ekwazi ukunika noma ngubani oyisebenzisayo amandla.
Ben 10 (Season 3)
Amaphimbo abadlala phambili: Steve Blum, Paul Eiding, Jess Harnell
Ubude bayo: 1 ihora 40 imizuzu
Enganeni eneminyaka engu-10, uBen uyayibona indawo okufanele ayidlale. Kwi-Season 3, izinto ziqala ukuba zimbi kakhulu lapho uBen, Gwen noMax bevakasha ezweni lonkana ngemizamo yokuhlenga umhlaba ezonweni.
The Longshots
Abadlala phambili: Ice Cube, Keke Palmer, Tasha Smith
Ubude: 94 imizuzu
Owayengumdlali webhola ongaselutho ufaka umshana wakhe eqenjini le ndawo yangakubo - usebuyela ebholeni esezokuba ngumqeqeshi. Bheka ukuthi lesi sihlabani sebhola esisesincane sizokwazi yini ukuletha udumo kuleli dolobha elincane kumafayineli amakhulu.[z]
ONGAZIJABULISA NGAKHO
UMCULO
Sibukeza ama-DVD
FUNDA, UBUKE, UPHUMULE
Isonto lami
Umculi womculo woKholo uZodwa uke wabhekana nezingqinamba empilweni kodwa uKholo lwakhe lwamsiza waphila
Isonto: Rivers Of Living Water e-Everton
Umfundisi: Pastor Zondi
Inkonzo yangeSonto: 9 ekuseni kuya ku-12 emini
Sekuphele isikhathi esingakanani uyilungu laleli bandla?
Izinyanga ezintathu kuphela.
Ushintsheleleni kuleli sonto?
Ngangikhonza eFaith Mission ePE, ngisanda kuza lapha eGoli.
Ngabe uyathanda lapha?
Kakhulu! Esikhathini esincane ngiqalile, sengiwubonile uMsebenzi woMdali oMangalisayo kusindiswa abantu bephenduka.
Iyiphi ingqinamba isonto elikusizile wedlula kuyo?
Ngo-2006 ubaba wagwazwa wafa, udadewethu wabulawa yi-AIDS. Ngo-2007 kwashona omunye udadewethu, kwalandela umama. Emva kwezinsuku ezine simngcwabile, kwafa umyeni wami nengane yakhe engozini yemoto.
Ukube kwakungesiyo inxa yesonto noKholo lwami, ngabe mhlawumbe kade ngadukela ezidakamizweni noma otshwaleni.
Ngabe ufuna siqhakambise i-restaurant, i-tavern, i-car wash noma iSonto lakho? Sithumelele i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za. Sitshele kancane ngaleyo ndawo bese usifakela nenombolo kanye nezithombe ezimbalwa.
Nihlanganiselwe nguNtokozo Maseko
