zulu.1379.teen
BONA - August 2005
EZABASHA: Intsha yelulekwa nguFat Charlie!
isithombe ngabeGREAT STOCK!
Impi engawinwa muntu
Umama wakho nobaba wakho yibona kuphela "abantu" - ukwazi lokhu kungakusiza ekupholiseni amanxeba adalwa yisigaba sokufinyelela eminyakeni yokukhula komuntu omusha
EZINYE zezimpi esizilwa singabantu abasha sizilwa nabazali bethu - ngabe lokho akusilo iqiniso bafowethu nodadewethu" Bahlale njalo befuna ukulawula izimpilo zethu.
Uyabathanda kodwa ngezinye izikhathi kukhona okukwenza ubazonde.
Ukwenza lokhu kimina" Lo mbuzo usuke wazibuza wona izikhathi eziningi - wakhuluma ngokuthetha kubazali bakho kaningi.
Ngabe usuke wazama ukuphendula lowo mbuzo"
Ukuze sikwazi ukukwenza lokho, kufanele sizame ukubuka izinto ngamehlo abazali bethu. (Nokuyigxathu elikhulu kumuntu omusha, kodwa yinto engenziwa!)
Abazali bakho bahlale bekungabaza ngoba bayakucabangela. Bahlale bekhathazekile ngempilo yakho ngenxa yezinto ezifana nokugula nokugqilazeka ngokomzimba nengqondo ezingakwenza wenze izinto ezingasile nezingakulimaza.
Phezu kokuphatheka kwakho kabi, bona basazimisele ngokubona umntwana othokozile njengasesikhathini esedlule.
Kungenzeka bangabi nolwazi lokuthi bangakusiza kanjani ukuze uphume kule nkinga.
Phezu kokudinwa kwabo, kukhona futhi umcabango wokuthi bangase babe sephutheni - mhlawumbe uziphatha ngale ndlela ngoba kukhona abakwenzile.
Okwenza lesi simo sedlulele, wukuthi nawe awusiye umuntu abantu abakuthokozelayo ngesinye isikhathi ukuba babe naye.
PHO" KUNGANI bangangiqondi kangcono" Ngiqonde ukugcizelela ukuthi bangabazali bakho - abazali kufanele babe ngabantu abezwayo...
Kunjalo. Nabo bangabantu njengawe. Lokhu kungukuzwa nokuqonda okubuhlungu okugxila ezinhliziyweni zethu ngesikhathi sezingxabano.
Ukuba wumuntu omusha kubandakanya ukuvuselelana kwakho nabazali bakho.
Abazali bakho kufanele bakwamukele ukuthi usungena esigabeni sokuba ngumuntu omdala, umuntu owehlukile onezinkolelo zakhe nemibono.
Ngesikhathi useyingane babekunqanda ekutheni ungasithinti isitofu esishisayo. Manje sekufanele bavume ukuthi kunezikhathi lapho kudingeka ukuba ushise izandla zakho, wenze amaphutha akho.
Lokho akukho lula kubona.
Nawe ngakolunye uhlangothi uzimisele ngokuhle kodwa. Ufuna ukuphila njengomuntu omdala, kodwa nakuba ungeke ukuvume, ufuna ukuba nesiqiniseko sokuthi abazali bakho bayakusiza, ufuna futhi ukwazi ukuthi abazali bakho bayohlale bebheke ukukutakula ezingxakini.
Usesimweni sokubatshela ukuba bake bahambe ngelinye ilanga uphinde futhi ubagxeke ngokunganakekeli ngokwanele.
Ngabe lokho kuyiqiniso"
BAFOWETHU nodadewethu, uma nifuna ukuba abazali benu baniphathe ngendlela ehlukile, nani kufanele nibaphathe ngendlela ehlukile. Empeleni kufanele usho uma ufuna abazali bakho bakuphathe njengomuntu omdala, nawe kufanele ubaphathe njengabantu abadala.
Uma ungumntwana, abazali bakho bafana namaqhawe kuwena, bahlale bekuvikele. Akukho okungenzeka kuwena. Umama nobaba ayikho into abangeke bayenze. Kodwa leyo nkolelo uyabona ukuthi kufanele ishintshe manje.
Yebo bangabazali bakho - kukhona lokho okuyisipesheli okunihlanganisile - kufanele ubahloniphe ngakho lokho. Kodwa nabo bangabantu abenza amaphutha - kukhona izikhathi lapho kuye kudingeke ukuba ubaxolele. Lokhu kucaca kakhulu uma bekhombisa ukungazi lapho kukhona abakone ngakho.
Uzokubona ukudinwa kwabo "njengabantu" lapho bexabana bodwa. Kulapho kuphela khona ukuba wuMama noBaba babe ngabantu abadala abathukuthele - kungakho kwakuthi lapho ubezwa bethethisana noma wawubabona bexabana, ube nokwesaba. Lokhu kwakukwenza ukuba babe abantu ongabazi.
Ukuxabana kwabo kuyakuphazamisa. Ukuxolelana yinto enhle - nokuyinto sonke esiyidingayo.
Kukhona ukubhekela ukuthi ungase ulimaze abazali bakho - nokuyinto ongayicabangi uma useyingane. Ukubaphula umoya yinto engenzeka ngezindlela eziningi.
UYINGANE yabo - kukhona lokho okunihlanganisile nokuchaza ukuthi bazokunakekela - kodwa futhi kuzobakhona izikhathi lapho bengeke bakubekezelele ukuba sendlini eyodwa nawe.
Yebo kunjalo! Nake nakucabanga lokho bafowethu nodadewethu" Uma uthi awubathandi abazali bakho, uyazi ukuthi kunezikhathi nabo lapho baye bangakuthandi njengoba nawe wenza"
Iqiniso wukuthi lokhu kusebenza ngezindlela ezimbili. Kufanele siyeke ukuhlale sikhononda ngokuthi abazali bethu abafuni ukusilalela kodwa siqale sizame ukubalalela.
Ningakhohlwa wukuthi lona yiwona mzabalazo wenu wokuba ngabantu abadala - nabazali benu bayazabalaza.
Lezi zikhathi zinzima nakubona futhi - ngenxa yamaphutha akho.
Bona abasakuboni njengomuntu 'oseyingane' emehlweni abo.
Okunye okubuhlungu kakhulu wukubona ukuthi usuqala ukubabuka ngelinye iso. Awusababoni njengabazali kuphela - abahlale bengenamaphutha - kodwa njengabantu. Abantu abangabuye bakhulume izinto ezingezinhle, ezibuhlungu.[z]
BONA ZULU - June 2006
u
t
Ukuxolela okuncane kuhamba indawo ende
KHUMBULA LOKHU... Ukufunda ukuthatha abazali bakho njengabazali - bahlale bekuvikele - njengabantu nabo abawenzayo amaphutha, lokhu ngesinye sezifundo ezinkulu okufanele uzifunde endleleni ebange ekubeni ngumuntu omdala...
BONA ZULU - June 2006
Zilinganisele
Enye yezinto eziphambili ezibalulekile ngabantu abasha wukuzicabangela bona ngokwabo.
Abantu abasha bangabantu abazicabangela bona. Lokhu kubenza babe no 'mona'.
Nakuba lokhu kuyindalo - kodwa futhi kuyingxenye yokuqhubeka kwezinto empilweni. Esinye sezifundo ezinkulu enizosifunda ngalo 'mona' wokuzicabangela, wukuthi akukuhle ukuzicabangela wena wedwa.
Okubuhlungu wukuthi abantu abaningi ngeke basifunde lesi sifundo ngisho ungathini, kangangoba kungcono uzame ukubagwema.
Kodwa lokho ngeke kuze kwenzeke kinina bafowethu nodadewethu ngoba nizoqala ukuziqeqesha ngabantu abasondelene nani - umama wakho nobaba.
Ubudlelwane nabazali bethu ngezinye zezindawo lapho singaqala khona sifunde ukungazicabangeli thina sodwa. Kufanele sikwazi ukulinganisa izinto.
Ukuphila impilo yokucabangela abanye abantu ukuthi bazothini, yinto embi njengokuzicabangela wedwa nokungenza nabanye bayeke ukukuhlonipha kodwa uthole ukuthi bafuna ukukusebenzisela izinhloso zabo.
