zulu.1378.soccer
WAXHAWULA wathi “Igama lami nginguHeel Extension Shuffle Mkhari. Empeleni yini oyifunayo my laaitie?” kusho kubuza yena. Ngazibuza ukuthi ungibuzelani kanjalo - ngabe usekhohliwe yini ukuthi sihlele naye ukuba sizoxoxisana lapha eSoshanguve Block MM.
Okunye okwangiphamba wukusebenzisa kwakhe amagama akhe amabili ayizidlaliso. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi amagama ayizidlaliso axhumana kanjani nabadlali kanye nabalandeli. Kulelo nalelo gama eliyisidlaliso, kulele umlando wobuchule nobuchwepheshe bezinto lowo mdlali ayezenza enkundleni - ukujabula aphakamise izandla, izinyembezi zokwehlulwa, ukubekezela nobunzima.
Yini eyenzekayo emva kokukhala kwendweba okokugcina? Izihlabani zethu zebhola ziya kuphi? Zigcina kuphi?
U-Amos Chando Mkhari yena uhlala emjondolo omuhle onefenisha owakhiwe ngothayela.
Kuyacaca ukuthi abadlali abanjengalaba bayazisola ngokusheshe bazalwe njengoba ibhola lingabazuzisanga ngezikhathi zobandlululo - kodwa babelidlala ngothando.
Lokhu kuyaphambana nabadlali bamanje abaholelwa kakhulu kodwa bengadlali kahle. Ngezikhathi zoMkhari udumo yilo olwalubathokozisa.
Wazalwa ngo-1954, waqala ukudlala ibhola nekilabhu yama-amisha iGa-Rankuwa United.
Ukubhaliswa
Ngo-1973 wajoyina iWitbank Black Aces wadlala umdlalo wakhe wokuqala onzima. “Ngadlala ngaphansi kwegama ‘Rollaway Mkhabela,’ omunye wabadlali ababevutha ngoba kwaba khona ukubambezeleka kwi-transfer yami ngisuka eGa-Rankuwa,” kuchaza yena.
Kodwa umqeqeshi we-Aces u“Slow” Masuku wamenza warejistwa ngokushesha.
Nakuba engajabule ngoba wawina izindebe ezimbalwa ne-Aces kodwa kuyamthokozisa ukuthola ithuba lokudlala nezihlabani ezifana no-Abel “Rollaway” Mkhabela, Thomas “Junior” Ngobe noSteve “Disco” Makua kuya koWillie Mahlangu noCyprian “Mahala” Maimane.
UMkhari nguye owayakhela abagadli amagoli njengesihlabani seKaizer Chiefs uComputer Lamola.
Uvele ahleke kakhulu uma ekhumbula lezo zinsuku zakudala lapho ayedume khona ngokushaya isithende kuchwaze izihlwele.
Ukuwina kwakungesiyo yonke into. Kwakuyiyonanto kuphela.
“Sasidlala ngokuzinikela ngezinhliziyo zethu zonke, sithokozisa izihlwele kusuka ekuqaleni komdlalo uze uyophela,” kusho uMkhari.
Ukuzinikela
Kwakukhona umlandeli wesimame owayezinikele owayaziwa ngokuthi nguSister Moipone nokunguye owanika lesi sihlabani izibongelo zokuthi ngu-“Heel Extension.”
“Ngangikwazi ukuphasela ozakwethu ibhola ngesithende ngisho ngabe bekuphi,” kusho yena.
“Ngangikwazi ngisho nokuleqisa ngesithende. UJomo Sono wafaka amagoli amaningi esuka esithendeni sami.”
Ngo-1976 i-Orlando Pirates yathola isihlabani esinguMkhari. “Ukujoyina iPirates kimina kwaba yinjabulo engingeke ngiyichaze. Ngezinye izikhathi kwakwenzeka ukuthi ukuziphatha kwabalandeli bePirates kungethuse kwamina,” kusho yena.
Ngeminyaka yo-1980 izwe labona ngokukhulu ukudumala ngesikhathi abalandeli abangakwazi ukuziphatha begwazwa uChina Hlongwane phakathi enkundleni.
Abalandeli nezigebengu yibo abantu ababesho ukuthi yibaphi abadlali okwakungafanele bashiye ikilabhu nalabo okufanele bakhonjwe indlela.
I-Pirates yiyona kilabhu okwakufanele uyidlalele.
“Kwakunzima ukugqoka ijezi elimhlophe nokumnyama. Ukwesinda kwesibopho salo kwakudinga amahlombe endoda ngempela,” kusho uMkhari.
Lezi kwakuyizinsuku zoJomo Sono, Tornado Ntsibande, Last Born Makroti, Andy “Jesus” Karajinsky noPhil “Mr Jones” Setshedi.
UMkhari uthi igoli elihle kunawo wonke asake wawafaka walishaya bedlala neChiefs. “UPeter Balac owayengunozinti weChiefs akazanga ukuthi kwenzenjani, wezwa ngomsindo wezihlwele,” kusho yena.
Namanje usamhlonipha kakhulu owayengumqeqeshi wePirates uMario Tuane emncoma njengomuntu owayekwazi ukwakha umdlali amenze afane noPele.
Emjondolo
Emva kokudlala kwiPirates, uMkhari ngo-1983 wabuyela kwi-Aces futhi. Emva kwalokho wadlala kwi-Wits University ne-Acardia kwaze kwaba uphanyeka amakhokho akhe ethala ngo-1985.
Njengamanje uzihlalela emjondolo wakhe nomkakhe uHelen kanti uzibandakanye kakhulu emizamweni yomphakathi yokuthuthukisa ibhola kubantu abasha eSoshanguve.
Ngesikhathi sekuhlwa uMkhari wasiphelezela sesiya emotweni yethu wasibonga ngokufika simvakashele.
Waphakamisa isandla wavalelisa wabuyela emjondolo wakhe ofana nenhlamba kumuntu oseke waphuma emaphephabhukwini nasemaphepheni amaningi aphambili. Ubani owayenza uSister Moipone amemeze kakhulu ngenxa yokujabula. Yiyo le ndoda eyayaziwa ngokuthi ngu-“Heel Extension.” [z]
‘Sasidlala ngothando…’
Sixoxisane nesihlabani esidala sePirates u-Amos Mkhari, indoda eyayaziwa ngokushaya izithende…
INDABA NGUPULE WA SEKANO
▲UMkhari nomkakhe uHellen emjondolo abahlala kuwo
ISIHLABANISEBHOLA
BONA ZULU – May 2008
u
t
▲U- “Heel Extension” Mkhari ngezikhathi zakhe.
