zulu.1377.bec success-tips
Cabanga ngokwakhayo
UZAMO Ngobese wazalwa enesifo sovendle. Waya esikoleni sabakhubazekile ezinye izingane zimgcona kuthi lapho ewile zimhleke ngoba kungelula ukuzisukumela.
Wayenesifiso sokuba wusonhlalakahle bamenqaba ngenxa yokukhubazeka kwakhe. Lokhu kwamphatha kabi emoyeni kodwa akazange adikibale nokwathi emva kwesikhathi wabhalisela i-secretarial course nakhona bamchitha futhi njengoba ayengakwazi ukubhala asheshise ngomshini. Ngenxa yokuthi wayekwazi ukupheka, wabona kungcono enze wona lo msebenzi.
Ngaleyo ndlela kwasunguleka Isiphosenkosi Food and Hiring Servicing. UZamo uqashe ithimba labantu abahlanu kanti usebenzela ekhaya. Ibhizinisi lakhe lisimama ngokuba kube nguye otshela abantu ngalo kuthi nakweminye imicimbi ashiyele abantu amakhadi akhe noma kokunye alikhangise emaphephandabeni. Kuze kube yimanje usephekele cishe abantu abangaphezu kuka-4 000. Useke wathola imiklomelo yabakwaRobertson’s Spices, Caterer of the Year 2003, kanti wathuthukisa ukuthengiswa kwemikhiqizo yakwaRobertson’s Spices izinyanga eziyisithupha emsakazweni Ukhozi FM.
Ngo-2004 wawina umklomelo we-Obed Mlaba Mayoral Award ngaphansi komkhakha weWealth and Job Creation Durban, kanti unezitifiketi eziningi.
“Ngithanda ukutshela abazali bezingane ezikhubazekile ukuthi abangazifihli emakhaya. Zivumeleni zenze lokho ezingakwenza nizibheke ukuthi zithandani bese niyazakha kulowo mkhakha wazo. Ngizimisele ukweluleka ezinye izingane ezikhubazekile. Anikhubazekile ngokomqondo, nikhubazeke ngokomzimba.”
Ngabe usendaweni yaseNatal? Uyaludinga usizo lomsebenzi wokwenziwa kokudla? Shayela uZamo Ngobese kule nombolo: 031-908-5869, noma uvakashele kwa-H136 Dingaan Road eMlazi.
BONA ZULU – May 2006
UZamo Ngobese – unelikhulu ithemba ngekusasa.
UDorah Ditshwene (kwesobunxele) amukelisa owokuqala ukufinyelela kumafayineli uNokuthula Mpunzana ngesheke
lika-R2 000. Halala!
Mageu Number 1 Small Business Awards – owokuqala ukufinyelela kumafayineli
UNOKUTHULA Mpunzana wasungula inkampani yakhe Injobo Women Investment (Pty) Limited, ngo-2005. Injobo Women yasungulelwa ukuthuthukisa amabhizinisi kwabesimame nokusebenzisa amathuba amabhizinisi KwaZulu Natal.
Injobo Women izibandakanye kweziningi izinhlelo zemisebenzi ezifana nowezinto zokuthutha, owokusabalaliswa kwe-petroleum, owezolimo, owokuqashisa ngamatende namathoyilethi kanjalo nendawo yokubeka izimpahla. Namuhla banekomiti elibhekele ukusebenza kwale nkampani uNokuthula angusihlalo walo.
UNokuthula, abeMageu Number One bamethulela isigqoko. Uthole isheke lika-R2 000 kanti udlulela phambili kumafayineli.
Taste Mageu Number 1 – Taste the Soul of Africa!
I-Mageu Number 1 Small Business Awards yimiklomelo eyenzelwe ukukhuthaza nokuhlomulisa ithuthukise amabhizinisi amancane kubafundi bakaBONA. Lo mncintiswano uzodonsa izinyanga ezingu-12 - waqala ngo-October 2005 kuzoze kube ngu-October 2006. Abafinyelele kumafayineli zinyanga zonke bazovela kuBONA. Abawinile bazomenyezelwa emcimbini ophambili eGoli ngoNovember 2006.
Ungakhohlwa wukufaka mhlawumbe eyodwa i-barcode yeMageu Number 1 emngenelweni ngamunye ufake nemininingwane yakho.
Kuzodingeka futhi usitshele kabanzi ngebhizinisi lakho usithumelele imininingwane yalo - efana nosayizi walo, indawo oliqhubela kuyona, usitshele kafushane ukuthi lenzani. Udayisa ukudla, une-spaza shop noma okunye?
Amafomu okungenela nolunye ulwazi ngale miklomelo ungakuthola kwiWebsite yethu:
www.empowermentclub.co.za Noma ukuze uthole ikhophi yefomu yokungenela ethunyelwe nge-fax, shayela uWellington ucingo kule nombolo: 011-883-8829 (ngezikhathi zomsebenzi).[z]
Taste the Soul of Africa… Taste Success with Mageu Number 1
BONA ZULU – May 2006
