zulu.1376.your_letters
Sanibonani bangani
Kukhona isisho samaJuda engisithanda kakhulu esithi: UNKULUNKULU Wayengeke Abe khona yonke indawo, ngaleyo ndlela Wadala omama.
NjengoNKULUNKULU, omama sibakhohlwa kalula, imisebenzi abasenzela yona asiyinaki - abavamile ukuzwa igama elithi "Ngiyabonga!".
Njengomama oqalayo ukuthola umntwana, ngizibonele ukuthi akulula ukumkhulisa. Uyayingabaza indlela omkhulisa ngayo.
Omama abathwele kanzima ngempela yilabo abashada benezingane zamanye amadoda, baphoqwe (kokunye bakhethe) ukushiya izingane nezihlobo zabo lapho sebeshada.
Ukukhetha phakathi kwengane yakho nesithandwa sakho akulula neze. Ungazitshela ukuthi akukho okungathatha isikhala sezingane zakho, noma uzikhohlise ngokuthi nentokozo yakho ibalulekile.
Sinodaba olusekhasini 32 esethemba ukuthi luzosiza omama abakulesi simo noma abazoshada benezingane ezingazalwa abayeni babo ukuze bazithathele isinqumo.
Ngaphandle kokuhlonipha omama, abakwaBONA nabakwaVaseline bayakukhuthaza ukuba uzibongele ngokuba nesikhumba esiqhakazile.
Siyakumema ukuba usitshele ngesikhumba sakho noma uzibongele ngaso emicimbini eyobanjelwa kuma-malls ngo-April nangoMay. Zifikele mathupha kanti kungenzeka ukhishwe emaphephabhukwini utshele iSA ngesikhumba sakho esihle.
Ngeminye imininingwane bheka iphepha elishuthekwe phakathi kwamakhasi 62 no-63.
Kuze kube ngokuzayo!
UNKULUNKULU AniBusise
IZINCWADI
Sbu
Mpungose
Incwadi ewinile
ZWAKALISA UVO LWAKHO
Bhalela kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni, 4060
fax: 031-912-2720 e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
Ungasebenzisa igama obhala ngalo kodwa usinike elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
ANGAZI noma ngibona kahle yini - kulezi zinsuku ngibona iningi lamantombazane ansundu libhema ugwayi. Ngabe lokho kusho ukuthini?
Ngiyazi ukuthi kukhona abesilisa abathi ukubhema akusiyo into yabesimame. Ngokwami akusikho lokho okwenza ukuba kungikhathaze ukubhema kwabesimame.
Engikushoyo wukuthi kungenzeka kube wukuthi abesimame babhema ukuze kubonakale ukuthi nabo sebekhululekile. Uma kungukuthi yileso sizathu esenza babheme, kuningi abangakwenza ukuqhakambisa inkululeko yabo.
Ukubhema kuyingozi ngisho nakubantu ohleli nabo ngoba ukuhogela intuthu kagwayi kubi njengokubhema ugwayi.
Kuyezwakala ukungafuni "kwesizukulwane esidala" ukushintsha. Ngezikhathi zabo ukubhema kwakuyinto eyamukelekile kanti abaningi babezitshela ukuthi akunangozi! Kodwake intsha yazi kangcono.
Ziningi izingane ezingathandi ukubona abazali bazo bebhema kodwa ekukhuleni kwazo uzibone seziphafuza ugwayi.
Ukubhema kuyingozi! Uma ungumuntu wesimame osemusha ungazifaki esilingweni sokubhema ugwayi - kukwehlisa isithunzi kanti akukuhle neze!
CX, Witbank
Awucabange ukhombisa imizwa yakho yonke ngosizo lweSamsung M620. I-Nashua Mobile iyakuxhumanisa ngezinhlobo eziningi zama-cellular ongakhetha kuzona nemikhiqizo yama-data nangosizo lomsebenzi. Ngeminye imininingwane shayela: 0861-531-531 noma uvakashele: www.nashuamobile.co.za
Indumezulu yomshado!
Kwangihlaba umxhwele ukufunda ngendumezulu yomshado weGenerations (BONA, September 2008). Ngifisa sengathi ngabe ngisemusha ukuze ngishade umshado onjengalona. Kodwa okumqoka kakhulu, ngifisa sengathi intsha ingazinakekela ukuze ngelinye ilanga ishade imishado emihle! Mayihloniphane iye ocansini oluphephile ukuze iphephe!
BONA, wenza umsebenzi oncomekayo!
Peggy Pilane, Potchefstroom
UBONA muhle!
Kade ngaqala ukufunda uBONA, kodwa ngibona ushintsho olukhulu ezindabeni enibhala ngazo nasendleleni iphephabhuku elibukeka ngayo. Enikwenzayo kuhle!
Ntombi K, eThekwini
Yenza okuphathekayo
Izandla zethu ziyalimaza kodwa zingakwazi ukwelapha. Imilomo yethu ingaqeda amandla noma ikhuthaze. Imilenze yethu ingasiyisa enkululekweni - noma ebugebengwini. Imiqondo yethu singayisebenzisela ukucabanga okuhle - noma okubi.
Kukuwena ukuzikhethela - masilwele ukwenza izinto eziphathekayo.
Masibambisane, sibe nozwelo nobubele ukuze siphumelele sivikele umhlaba.
Qala namuhla ukwenza lezo zinto!
Michael Makola, Tembisa
Umndeni ubalulekile
Masizikhandle ukuze imindeni yethu ibumbane! Cabanga ngomthelela omubi owenziwa yidivosi ezinganeni. Zama ukuphephisa umshado wakho!
Siyosizwa wukubambisana kuphela njengoba siphila esikhathini esinzima ngakwezomnotho.
Xazululani izinkinga zenu ningakayi enkantolo nicabangele nemindeni yenu!
Albert Moale, Rustenburg North
Izikhathi zinzima
Kunzima esikhathini samanje. Njalo ngonyaka intsha iqeda esikoleni ihlale emakhaya ngenxa yokweswela umsebenzi. Kodwa uyisahluleki uma ulahla ithemba.
Ungapheli amandla. Uzophumelela.
Debrah Mashigo, Madinyane
Abantu abangenanembeza abantshontshela abashonile
Uma abantu bezithela endaweni okwehle kuyo ingozi, ababizi i-ambhulensi, bathatha imali nama- cellphone. Lokho kuwuphawu lokungabi nanembeza!
JS, Somarobogo
Mabaxoshwe
Masisukume sixoshe abahweba ngezidakamizwa ezindaweni esihlala kuzona. Masilwe nabacekela phansi isizwe sethu.
LM, KwaXuma
Akuyekwe ukukhuluma
Sesifikile isikhathi sokuyeka ukukhuluma ngepolitiki! Masiyeke ukugxeka i-ANC (noma abanye). Masiyeke ukulalela izethembiso. Ukukhuluma akwenele. Manje akukhulunywe ngezenzo! Masibambisane senze izwe lethu indawo enhle esingaphila kuyona!
Solly Dinkebogile, Ikageng
Ungapheli amandla!
Ukuzisola nokudumala kuyingxenye yempilo. Akulula ukuzibalekela lezo zinto. Ngezinye izikhathi siyajabula ngezinye siphatheke kabi.
Akulula ukuhlala ujabulile noma uphumelela. Kodwa engikuqaphelayo wukuthi abantu basheshe baphonse ithawula. Lokho kwande kakhulu entsheni.
Ufeyilile? Awuwutholi umsebenzi? Ungapheli amandla! Lokho kuzodlula!
Ungathathi isinqumo esizokulimaza. UNKULUNKULU Uyakuvivinya kanti akufanele uhlulwe yizivivinyo zakho.
MP, Mobeni
Hlala uphila
Asikhumbule ukuthi iningi lezingozi zomgwaqo lenzeka ngenxa
yamaphutha abantu. Ngabe ave sesifikile isikhathi sokuthi abashayeli bayeke ukushayela ngejubane? Ngabe ave sesifikile isikhathi
sokuthi abangakwazi kahle
ukushayela bavume ukuthi abakwazi? Khumbula, kungcono ufike uphila lapho uya khona.
Esther Moilwe, Renosterkraal
Ubuholi obubhedayo
Izwe lethu seliphenduke ihlaya. Baphelelaphi ubuntu? Esikhundleni sokuba abaholi bethu babe qotho, bazinothisa ngokwabo! Baphoxa amaqhawe ethu omzabalazo okuyiwona asisiza ukuze sikhululeke!
KL, Mabopane
Obhale le ncwadi ewinile kule nyanga uzozitholela iSamsung M620 yakwaNashua Mobile
ebiza R1 200
Umyalezo oqondene nentsha yaseSA
Ukubhema akulungile
Yiba ngowinile ngo
SIHALALISELA laba bafundi ababili abawine i-Apple iPod 1GB Shuffles kwiBlock Puzzle No 88 eyayisoshicilelweni lukaBONA kaFebruary 2009. Amagama abo ngoM. Somya, Cookhouse, noMaria Mhlongo, Mabeskraal. Zitikeni ngomculo wenu!
Impendulo: Arthur Mafokate
HALALA kuFreddy Matadzi waseKrugersdorp owine ukuhlala ubusuku obuthathu eMadikwe River Lodge emncintiswaneni owawukuBONA kaFebruary 2009. Ungcebeleke kahle eMadikwe Game Reserve.
Yiba nethemba
Izeluleko zabafundi
Ngiyinsizwa eneminyaka engu-20 ephase u-matric nengakaze iye ocansini. Angibhemi futhi angiphuzi. Ngikhathazwa yintsha yakithi ezibulala ngokwenza izinto ezinjengokusebenzisa izidakamizwa nokuya ocansini ngaphandle kokuzivikela.
Emajele nasezibhedlela kugcwele intsha evuna izithelo ngenxa yokuziphatha budlabha.
Intsha mayigxile ekwakheni ikusasa layo ifunde ibambe iqhaza nasemidlalweni. Mayisebenzise noma yimaphi amathuba avelayo ukuze iphucule impilo yayo.
Uma sisebenza ngokubambisana sizosinqoba isihlava esihlasele isizwe sethu.
Mfundiso Smith, Kokstad
Uma sifuna ukuphila kahle masihlukane nemicabango engasiyisi empumelelweni. Masicabange okuhle, siphile kahle senze okuhle!
Okuhle masikwenze ngokuthanda kwethu singakwenzi ngempoqo!
Ukuba nemicabango ebuyisa ithemba kuholela ezintweni ezinhle.
C Sepeko, Jouberton
Ngike ngabona abampofu beceba, ngabona abakhubazekile bephumelela. Ngike ngabona abangafundile benza izimanga empilweni. Bonke laba bantu banokukodwa okufanayo ngabo - baphokophelele ukuphila impilo engcono ngaphandle kokunaka izingqinamba ababhekene nazo.
Uma bekwazile ukwenza lokho, wena ungahlulwa yini?
Aaron Tlou, Tweefontein
